Now Reading
Ukucima kukagesi nentengo kaphethroli kwehlise umdlandla wamaholidi
Dark Light

Ukucima kukagesi nentengo kaphethroli kwehlise umdlandla wamaholidi

Emhlabeni jikelele uZibandlela kuba yinyanga yokuphumula, kuhanjelwane, kuhlangane imindeni nezihlobo kunikezelwane ngezipho. Konke lokhu kusuke kuhambisana nokusetshenziswa kwemali.

ENingizimu Afrika kungokokuqala emuva kweminyaka emibili abantu bethokozela amaholidi bekhululekile bengazigqokile izifonyo futhi nemithetho eyayibekiwe yokuvalwa kwezwe ingasekho.

Yonke le njabulo ayehli kahle njengoba ngoLwesibili phakathi kwamabili intengo kaphethroli iphinde yanyuka. Akuwona uphethroli kuphela ozodlisa abantu uKhisimusi kabuhlungu, kepha nokunqamuka kukagesi okuqale phansi osekubekwe esigabeni 6.

Intengo kaphethroli wohlobo lwe-93 nowe-95 yenyuke ngama-30c ilitha kuya kuma-41c ilitha. Abantu abathole ukuphefumula abasebenzisa udizili njengoba intengo yawo yehle ngama-R1,50 ilitha. Isizathu sokwenyuka kukaphethroli kuthiwa sidalwe ukuntuleka kukadizili emhlabeni kanye nokuvalwa kwezingxenye zezwe eChina okuyizwe elihamba phambili ekukhiqizeni u-oyela ongahluziwe emhlabeni.

Ukuzwela emnothweni wakuleli ikakhulukazi kubathengi kugqame kakhulu ngesikhathi se-Black Friday kungekho ukuminyana okujwayelekile okuvame ukuba ezitolo abantu belandela indali. Esikhundleni sobukhazikhazi bukaKhisimusi okuvelile nge-Black Friday ukuthi abathengi bebebheklisisa futhi bethenga izinto eziyisidingo njengokudla. Akubonakalanga abantu beqiqinge amathelevishini nemishini yokuwasha nokuningi okusebenza ngogesi abavame ukukutitiliza.

Abantu bakhala kakhulu ngokuthi noma bangathenga, kodwa inkinga enkulu ugesi onqamuka izikhathi ezimbili kuya kwezine ngosuku kuye ngokwehlukana kwezindawo.

“Kuyacaca ukuthi sizobolelwa ukudla emafrijini kulo Khisimusi ngenxa kahulumeni ohlulwa inkinga yeminyaka. Uze ubone ukuthi lento yenziwa ngamabomu, uma leli qembu elibusayo selibambe ingqungquthela yalo yokukhetha abazoqhubeka nokusibamba inkunzi, kuzomenyezelwa ukuthi kuzoke kume kancane ukunqanyulwa kukagesi,” kusho owesilisa omhlophe kwenye yezinxanxathela zezitolo.

Ukwehla kwesasasa kulo Khisimusi kubonakala ngisho nangemihlobiso ezitolo. Ngokujwayelekile ngalesi sikhathi kusuke sekukhanya ebusuku ngendlela yokuthi ungacosha usheleni imibalabala kaKhisimusi, kodwa kulokhu imihlobiso mincane kakhulu kwezinye kunzima nokuyibona.

See Also

Ukunyuka kwentengo yezinto kwenze kwacaca ukuthi lama holidi kuzoba ngawehlukile ngoba kuzosho ukuncipha kwezindlela njengoba kuzomele abantu babophe izifociya.

Sekucacile ukuthi ukujabula kuzoba kuncane kakhulu ngoba injabulo incike kwinkece. Kunyuka intengo kaphethroli nje bekungakapheli nasikhathi esingakanani yenyuke ngama-38c wamasenti litha kuhlobo lwe-95 octane, i93 octane kade yenyuke  ngamasenti angama48 ilitha.

Izazi zezomnotho zithi lokhu ukunyuka okukhulu kukaphethroli osekuke kwenzeka ezweni ngoZibandlela eNingizimu Afrika. Izazi zezomnotho zithi unyaka wezi-2023 ungase ube ngonzima kakhulu ngoba okwenzeka manje kuyizinkomba ezibikezela okukhulu okuzayo.

Scroll To Top