Now Reading
Unyaka wezi-2022 ulethe injabulo kuMbovu
Dark Light

Unyaka wezi-2022 ulethe injabulo kuMbovu

Unyaka wezi-2022 kube unyaka angasoze awukhohlwa umdlali weHockey osemncane uSihle Ngubane, njengoba ethi ziningi izinto ezinhle azizuzile.

Ekuqaleni kweSonto uNgubane ube yingxenye leqembu lesizwe elinqobe umqhudelwano wamazwe iFIH Nations Cup, nokuwumqhudelwano obubanjelwe eNorth West University (NWU), ePotchfstroom.

Ukuqopha lo mlando kweNingizimu Afrika kuyenze yakwazi ukuthi izibekele indawo kwi-FIH Pro League, okuyiligi enkulu emhlabeni yalo mdlalo. Elakuleli ukuze libe ngompetha lihlule i-Ireland ngamane kwamathathu kowamanqamu.

Kwi-FIH Pro amazwe adlala khona i-Argentina, iBelgium, i-England, iFrance, iGermany, i-India, iNetherlands, iSpain neNingizimu Afrika.

“Kube unyaka oyimpumelelo kakhulu lo kumina, ngoba ngidlale okokuqala eqenjini lesizwe. Kuthe kusenjalo nganqoba i-Afcon eyabe iseGhana nalo iqembu lesizwe, ngathola ithuba lokuthi ngidlale e-Argentina. Emva kwalokho ngathola indondo yesiliva kumqhudelwano we-University Sport South Africa (USSA) neqembu le-University of Pretoria (Tuks) lapho engifunda khona. Ngiphinde nganqoba indondo yegolide koweVarsity Cup neTuks, ngaba ukaputeni eqenjini lesizwe  labaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-21, sidlala neMalaysia ngaqokwa njengomdlali wosuku. Nakhu manje sengiqophe umlando neqembu elinqobe iFHI Nations Cup. Nonyaka ngithole izindondo zegolide ezine” kusho uNgubane.

Lo mdlali osamncane uthe kube isibusiso ukuthi anqobe lo mqhudelwano neqembu lesizwe ngoba kudala ephupha ukuwina indebe neqembu lesizwe nokuqopha umlando. Ubalule ukuthi ufunde lukhulu kulo mqhudelwano. 

“Ukunqoba kwethu kunginike ithemba lokuthi sizokwazi ukuqhudelana namazwe ayibamba ku-FIH Pro League. Sineqembu elikhulayo futhi elaziwayo ngokudlala kahle. Okunye okuhle ukuthi sineqembu elinabadlali abancane ngeminyaka, engikholwayo ukuthi ngelinye ilanga sizoba ompetha beFIH Pro League” kubeka uNgubane. 

See Also

Utshele elaboHlanga ukuthi isifiso sakhe manje ukubona igama lakhe libizwa kwabazoya kodlala iNdebe YoMhlaba ezobanjwa kusukela zili-13 kuya mhla zili-19 kuMasingana ngonyaka ozayo

“IHockey lapha eNingizimu Afrika ayinabo abaxhasi. Kweminye imiqhudelwano kuyaphoqa ukuthi kumele sizikhokhele ukuze siye kuyona. Ngesikhathi siya eNdiya siyodlala kwiFIH Junior World Cup, umdlali nomdlali kwakumele akhokhe izinkulungwane ezingama-R45 ukuyomela izwe. Lokho kusishaya kakhulu, kwenza abadlali abanekhono bahoshe izinyawo ekuwudlaleni” kubeka uNgubane ohlala eNewlands West. 

UNgubane ukhulele ekhaya elithanda iHockey njengoba ezalwa uNathi Ngubane ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo kulo mdlalo.

Scroll To Top