Now Reading
UBathabile ufuna ukubuyisa izinduku kuThema
Dark Light

UBathabile ufuna ukubuyisa izinduku kuThema

Ufuna ukuwuvala ngenothi eliphezulu unyaka uBathabile “Fill It” Ziqubu, ngokuthi anqobe ibhande le-SA Junior Bantamweight.

Lo somankomane uzolwa ezimpini eziqhathwe iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, nalapho azotholana khona nomngani wakhe okunguThema Zuma okuzobe kuyimpinda mshaye . Lezi zimpi zizoba mhla zili-18 kwephezulu, zizobanjelwa eCecil Emmett Hall, eVryheid ngaphansi kwaMasipala Abaqulusi.

Lezi zimpi kuzobe kuhlonishwa ngazo uSimiso “Gandaganda” Buthelezi, owadlula emhlabeni ngoNhlangulana nonyaka. UButhelezi wayevikela ibhande le-WBF All Africa Lightweight kuSiphesihle Mtungwa ezimpini ezaziqhathwe iyona iStarline Boxing Promotion, wabonakala eshaya ubala ekhoneni waphuthunyiswa esibhedlela iKing Edward VIII. 

“Kuyangijabulisa ukuthi ngithole ithuba lesibili lokuthi ngizidelise. NgoNhlangulana salwa noThema, ngokwamajaji wangihlula, ngokwami ngikholelwa ukuthi kwakumele kube imina owanqoba. Amaphuzu ngawathatha ngokwanele, ngathuka sekuthiwa uyena uThema owanqoba” kusho uBathabile owahlulwa ngamaphuzu.

“Ngiqale ukuzilungisela lempi ngoMandulo, konke kuhamba kahle sengilindele ukuba seringini ngithathe ibhande bese ngiyagoduka. Impela angifuni kulokhu kuze kufike lapho kuthiwa kumele isinqumo sonqobile siqhamume kumajaji. Ngeke ngande kakhulu kodwa, asilinde usuku lamhla zili-18” kusho uBathabile.

UBathabile waseKuvukeni, eLadysmith uselwe izimpi  ezinhlanu esibhakeleni esikhokhelwayo, unqobe ezintathu wahlulwa kwezimbili. UThema yena odabuka eLamontville unezimpi ezili-13 unqobe eziyisithupha wahlulwa kweziyisikhombisa. 

Ngokusho kukaBathabile oziqeqesha kwiSibongile Boxing Gym, eDundee uthe ubonga abaqeqeshi bakhe uMtuseni Dube, uNathi Hlatshwayo noNathi Thusi ngokumkhulisa kulo mdlalo. Wabonga neHlula Dladla Boxing Promotions kaHlula Dladla ngokuhlezi imuseka, nelekelela osomankomane abaningi kwiSibongile Boxing Gym.

Le ntokazi eneminyaka engama-31 yobudala ngaphandle kokuba umshayisibhakela iphinde ibe nguthisha esikoleni eMbizeni High School. Uqale ukuzibandakanya nalo mdlalo ngowezi-2009 eqeqehwa uBheki “Skeleton” Mngomezulu esakuma-Amesha. 

See Also

Ube seqenjini leSouth Africa Amateur Boxing Organisation (Sanabo), kanye noThulani Mbenge, Ayabonga Sonjica,  Akani Phuzi, Siphiwe Lusizi, Sikho Nqothole noHedda Wolmarans.

UZandile uthe zizobe zisezingeni eliphezulu kakhulu, njengoba zizohanjelwa izinkakha zalo mdlalo okubalwa uFrancios “White Buffalo” Botha okunguyena yedwa lapha eNingizimu Afrika owalwa noMike Tyson. Omunye uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela owaba ngowesibili kuleli ukuba umpetha we-WBC. 

Empini ebhekwe kunazozonke kuzoba ekaBongani Mahlangu ozobe evikela ibhande likazwelonke le-Junior Featherweight ku-Innocent “Tycoon” Mantengu. Ezinye uMpendulo Gumede noNhlonipho Hlubi abazobanga elingaphethe muntu le-KZN Featherweight. Kukhona neyokungcweka yosondonzima ezoba imizuliswano eyisishiyagalombili, phakathi kukaJosh Pretorius noDidier Nywembwe waseDRC. 

Lezi zimpi zixhashwe uMnyango weZemidlalo KwaZulu-Natal, uMasipala Wesifunda iZululand nabangaphansi okungowaseBaqulusini naseDumbe.

Scroll To Top