Now Reading
Sekuyisikhathi sokuthi iSafa idwebe umugqa ukuze singaphindwa induku eyodwa ngokuzayo
Dark Light

Sekuyisikhathi sokuthi iSafa idwebe umugqa ukuze singaphindwa induku eyodwa ngokuzayo

NgeSonto eledlule kuqale indumezulu yomqhudelwano omkhulukazi kanobhutshuzwayo ezwenikazi i-Afrika nobizwa ngokuthi i-African Cup of Nations (AFCON), nesaqhubeka eCameroon.

Kubuhlungu kithina zakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi lo mqhudelwano sizogcina siseka amanye amazwe ngenxa yokuthi alikho iqembu lethu okufuze ngabe lisimele, iBafana Bafana.
IBafana Bafana sekungumlando ukuthi yehluleka yancame ukuthi izibekele indawo kulo mqhudelwano njengoba eqoqweni layo lokuhlungela yaqeda endaweni yesithathu, yayiqhathwe neGhana, iSudan neSao Tome and Principle. Uma kubhekwa la maqembu kwakumele elakuleli libange indawo yokuqala neGhana ngoba iyona enomlando ongcono kunobhutshuzwayo.

Ukuhluleka kwelakuleli ukuya kweye-Afcon kwagcina kuholele ekutheni uMolefi Ntseki owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi akhonjwe afika ngayo. Ngaphandle kokuthi aze axoshwe umbuzo engaba nawo ukuthi kungani vele iSouth Africa Football Association (SAFA) iqashe lo mqeqeshi, ngoba phela akanawo amava okuthi usengaze aqeqeshe iqembu lesizwe.

Sihluleka ukungena ku-Afcon nje iligi yalapha eNingizimu Afrika, iDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) ingehamba phambili lapha ezwenikazi i-Afrika. Ngaphandle kokuhamba phambili lapha e-Afrika iphinde ibalwe kumaligi ali-10 emhlabeni jikelele. Kodwa sihluleka ukungena ku-Afcon. Kunamazwe akulo mqhudelwano angenamlando amaligi akhona ngathi amaligi alapha akuLocal Football Association (LFA), izinkundla zakhona azikho sesimeni. Kukhona iComores, Sierra Leone neMalawi ukusho nje ambalwa singaphezulu kakhulu kwala mazwe ngebhola.

Siyabonga nje ukuthi yize iBafana Bafana ingekho kulo mqhudelwano, kodwa sinabo abantu abasimele siyiNingizimu Afrika lapho ngibala uRoger De Sa oyisekela mqeqeshi weqembu lesizwe laseGibhithe ngokubambisana noCarlos Queiroz. UVictor Gomes ongunompempe oqokwe kwabangama-23 abakhona kulo mqhudelwano kube uZakhele Siwela yena oqokwe kubasizi bompempe abangama-31. Ngaphandle kokungabaza laba bazoba nomqhudelwano omuhle kakhulu eCameroon.

Okubuhlungu ukuthi ngaphandle kwe-Afcon siyibuka kuthelevishini kodwa nomqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezobanjelwa eQatar sizobe siyibukela kuyona futhi ithelevishini.

See Also

Kungcono-ke ukungayi kwethu kweyoMhlaba sizamile sabe sesifakwa umunwe emehlweni sixhoshwa unompempe owayedlalisa umdlalo weBafana Bafana neGhana kowokugcina, nalapho sasidinga khona ukuba sithole iphuzu elilodwa nje vo kodwa sagcina sihlulwa ngegoli elilodwa eqandeni nokwaba iphenathi. Namanje okwenzeka kulowa mdlalo ngisakukhumbula engathi kwenzeke izolo, ngoba saxhoshwa umhlaba wonke nje ubhekile.

ISafa okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika njengoba kuqala unyaka kumele yazi ukuthi izinuke amakhwapha iphinde iqhamuke nesisombululo kule nkinga esibhekene nayo. Njengoba uHugo Broos ongumqeqeshi manje sesimbonile ukuthi ungumqeqeshi ongasiyisa phambili kumele simunike ithuba, simyeke azenzele kukhona konke.

Kumele idwebe umugqa wokuthi kungaphinde kwenzeke lokhu, ukuthi sibukele imiqhudelwano emikhulu kuthelevishini.

Scroll To Top