UPhakathwayo utakule ibhola eHarry Gwala ngoxhaso



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Emasontweni edlule isikhulu esiphezulu senhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA), uTebogo Motlanthe wenxusa ukuthi osomabhizinisi abasondele ebholeni elisemazingeni aphansi ngoba ilapho ikhono elikhona.
NgoMgqibelo odlule usomabhizinisi waseMzimkhulu uBongani “G Millionaire” Gumede, uphendule iqhawe ngesikhathi exhasa iHarry Gwala Safa District.
Lokhu kwenzekele ngesokhathi iHarry Gwala Safa District naye uGumede beqinisekisa ubudlelwano wabo, emcimbini obuseSoweto Hall, eXobho.
UGumede uveze ukuthi uzolekelela amaqembu angama-20 abesilisa, nali-12 esifazane, esikhwameni seG Millionaire Foundation kuzophinde kuhlomule izikole ezama-446.
UMengameli weSafa Harry Gwala uMzo Nyide wazise elaboHlanga ukuthi uGumede bamcela kanye ukuba alekelele kwangamthatha sikhathi ukuthi abuyele kubona abasize.
“Iminyaka yonke iSafa Harry Gwala ibidlala ngaphandle kwabaxhasi, ukufika koxhaso lweG Millionaire Foundation kuzokwenza omkhulu umehluko. Iqiniso indawo yethu yakhelwe izindawo zasemakhaya, ukufika kwalolu xhaso kuzokwazi ukuthi amaqembu athole izinto ezizokhuthaza intsha ekutheni idlale unobhutshuzwayo,” kusho uNyide.
Lo mengameli uthe basaqhubeka nokunxenxa osomabhizinisi ekutheni baxhase unobhutshuzwayo eHarry Gwala.
UGumede uthe inhloso yokulula isandla ukubona amaqembu angaphansi kweHarry Gwala enza kahle.
“Iqiniso ukuthi indawo yethu ingaphansi kakhulu ngokwebhola, ingakho uma kudlalwa imidlalo yokuhlungela ukungena kwi-ABC Motsepe kube ukuthi iqembu lalapha ilona eliphuma kuqala. Isikhathi manje sokuthi iphele loyonto, kumele kube neqembu elizonyuka like ku-ABC Motsepe League,” kusho uGumede.
Uqhube wathi: “Akuwona wonke umuntu ozophumelela ngesikole, singosomabhizinisi kumele silekelele ngoba kusizakala intsha enekhono nenamaphupho ayi kunobhutshuzwayo kuphela kodwa nakweminye iminxa yezemidlalo. Ngikholwa ukuthi baningi abazolandela okwenziwe iG Millionaire Foundation, ukuthuthukisa indawo yethu,” kubeka uGumede.
Kuyimanje uGumede uneqembu elibizwa ngePSG Amabhaca FC elidlala ngaphansi kweSafa Harry Gwala Regional League.