Uma sekuncancathiwe umkhawulo wutalagu



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.


Sivivela ukuqondana nalowo muhla ocwebesekile emehlweni kaNkulunkulu.
Ngokuba siveza ingxenye nje yesithombe senkambo yeqhawe eliyinceku kaNkulunkulu, uMfu u-Erlo Hartwig owazalwa ngowe 1935. Kuzokuba nenkonzo yokumbongela nokudumisa uMdali ngomsebenzi wakhe wokwandisa ivangeli nokukhuthaza imvuselelo, ngesonto elizayo. Kuzokuba kwaSizabantu komkhulu, emishani ayiqamba eholwa nguNkulunkulu ephahlwe yidlanzana lamakholwa ansundu namhlophe. Bonke babengazi ukuthi umsebenzi uyobusiseka uze ube kuleli zinga. Ziningi izindlela abancancathwa ngazo. Kaningi belahla ithemba. Kodwa okuhle ngokuphindaphindiwe futhi lalibuye livuke ithemba. Sigqamisa ukuba semqoka kokuncancatheka.
Sasho ukuthi uma insimbi izoncancathwa ifakwa emlilweni ngesinye isikhathi iba bomvu njengamalahle esuke ibekwe kuwo. Esikhathini esiningi incancathelwa phezu kwegqinsi noma kwetshe elinganyakazi futhi elingenandaba nale nsimbi ebekwe kuyo encancathwayo. Umuntu ufikelwa ngumqondo owelukeka kanje: Ungathandazeli sonke isikhathi ukungalingwa. Wothandazela ukunqoba ukulingwa. Ungaceli ukungahlangabezani nobunzima nokuncancathwa okubuhlungu. Wokhukhulekela ukunikwa amandla okuncancatheka. Ubuye ngokuzithoba uncenge ukuba wabelwe amandla okuthwala umthwalo owethweswe wona uze wethulwe ngawo uMusa (igrasiya) kaNkulunkulu. Kuyo yonke inkonzo yakhe uMfu u-Erlo Hartwig Stegen ube yisibani sokuthi uyasimama uze udlondlobale njengenceku evumayo ukusetshenziswa nguNkulunkulu.
Insizwa evela eJalimani yayifike nabazali bayo abaqala baba ngabalimi kuphela. Kamumva bathathwa yivangeli balikhuthalela, baliphila. Umuzi wabo waba yindawo yokukhonzela kade uyindawo yobumnandi, kudanswe kuze kuse. Kwaba nesikhathi sokufika kukaMfu washumayela, bancancatheka. Sebencancathekile, indodana yabo yesine, u-Erlo Stegen, wazizwa eba nevuso ngeVangeli. Kwammangaza akuzwayo ngoba wayekade eziyela esontweni nabafowabo bezidlela uswidi, bezicabangela izinyoni ngesikhathi kushunyayelwa. Futhi babefisa njalo ukuthi inkonzo ingathathi isikhathi eside. Ibandla labo kwakuyiLuthela.
Ukukhuthalela nokugcwaliseka ngumqondo wokuthi kufanele ulande indaba enhle kaJesu kubantu ababebukelwa phansi ngamanye amakholwa, ngabalimi babelungu kanye nomphakathi, uholwa nguhulumeni wobandlululo, kwakungesiyo into encane.
Exoxa indaba yakhe uMfu uStegen uthi amadoda ayeke ambuze ukuthi njengoba yena ayekhuluma ngoKristu, nabazali bakhe babekhuluma ngaye yini? Bona omkhulu bakhe babekhuliswe kanjalo yini?
Avume. Kube uzithelile: “Uyabona-ke ukuthi le nto oyikhulumayo yimihlola nje insambatheka yoqobo. Wena unomkhulu abangamaKhristu, nabazali abangamaKhristu. Sewuthi-ke thina kasilahle okomkhulu, nobaba, sibe ngamaKhristu, into bona abangakaze babe yiyona. Usitshela ngenkosi yabelungu. Uma lokhu okushoyo kukuhle kuthandwa nguNkulunkulu hamba uyoshumayeza lowaya mlungu ononya, oshaya abantu futhi owedelelayo laphaya esitolo. Hamba uyomshumayeza ukuba ayiyeke le nto ayenzayo. Wayezicabangela nje ukuthi abanye balaba abathukuthele bathi ‘ngaphandle kwalokho lo mlungu uzohlangana nenyoka iphuza umhluzi.”
Ngenye indlela yokuncancatheka leyo uma ubona namuhla izindimbane, izinkulungwane, zize ezingqungutheleni zakwaSizabantu.
Lapho sebevelile omama abakholwayo, babeza nezinkinga ezidinga ukusombululeka ngaso leso sikhathi. Kwakulindelwa ukuba athandaze noNkulunkulu akhulume ngaye. Njengale ndaba nje ehamba kanje: Inkosikazi noMfundisi: “Uthe uNkulunkulu wakho uyakwazi ukusiza abantu? “ “Yebo.” “Nginendodakazi esekhaya ephambene ikhanda. Ungaya ukuyothandazela?” Wavuma uMfu uStegen. Wabuza ukuthi ikuphi. Unina wentombazane wathi isekhaya. Wathi kuyafikeka yini ngemoto. Unina wathi cha, kodwa uhamba ibangana elincane sewuyishiyile imoto.
Uthi uMfu uStegen wahambe eshaywa wuvalo ukuthi waze wazihilela. Nempela wayifica intombazane iboshwe ngezingcingo ihlanganiswe nensika. Wabuza ukuthi kayiboshwa ngani ngezintambo. Kwathiwa iyazigqabula, ibaleke, isiphule ukudla kwabantu emasimini, bayisasazele ngezinja, ziyilume, ilimale. Isuke lapho iye esikoleni ikhumulile abafundi baphume ngamafastela balimale. Uhlobo lomncancatho lukaMfu u-Erlo Stegen!
Ngesikhathi ekhula UMfu uStegen abelungu abaningi babengabahloniphi abantu abaNsundu. Futhi babecabanga ukuthi abantu abaNsundu kabahlakaniphile, kabadalelwangwa okuhle. Baningi ababecabanga ukuthi abantu abaNsundu babedalelwe ukusebenzela abamhlophe. Babethi naseBhayibhelini zazikhona izigqila. UNkulunkulu waba noMusa kuye washeshe wamkhanyisela ukuthi umuntu oNsundu uyafana nanoma yisiphi isidalwa esingumuntu. Isizwe asebenza kakhulu naso ngamaZulu. Wafunda ngisho amasiko nolimi lwawo. Wayehlala nabantu, alale lapho belala khona, adle ukudla kwabo.
Mayelana namasiko wafunda nenqubokwenza kwenhlonipho yabo. Esenikwe ngabesibongothile umhlaba, wabuza ukuthi babikile yini enduneni ukuthi sebemsikela amahektha amabili ukuze alime. Bavuma. Wabuza ukuthi induna bese iyibikele yini Inkosi. Bathi cha. Bayoyibikela. Yahlangana kahleke indima. Isu lokuthi abantu babone kulinywa, kulimeka, bakhuthazwe nabo ukuba balime, kwenza impilo yabo ichachambe. Ngenxa yezenzo zokuhlonipha abantu nokubakhumbuza ukuthi inhlabathi ngubaba nomama wezizukulwane, waba nogazi.
Izintshumayelo zakhe nezimvuselelo zazingananyelwa ekuqaleni. Abantu babeziphilela impilo yabo, bethembele emasikweni ngesinye isikhathi abaxabanisayo njengokunukana kuthiwe lo nalo uthakatha lo. Abanye babebambelele kokwesintu kangangokuthi babeke bafunge bathi bona kabafuni ukungcwatshwa nguye uma sebefile. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kube yibona abathi bacela ukungcwatshwa nguye lapho sekufike usuku.
Okwake kwabathinta kakhulu ngelinye ilanga kabaze bayikholwa into abayibona, kwaba yilokhu. Umngcwabo wawuphethwe nguye uMfu uStegen. Kwathi lapho oshonile esevulwa, wabona okuthile uMfu uStegen ebusweni bakho okwakungalungile. Wakhipha iduku ekhukhwini. Wamesula. Wabuye waliphindisela ekhukhwini lakhe. Kabawuvalanga umlomo emva komngcwabo.
Wabhekana nomshikashika womncancatho uMfu uStegen njengoba waqala izimvuselelo zakhe ngokumisa amathende. Kwakunomthetho wokuthi ngeke ube nenye inkundla yokukhonza uNkulunkulu eduze kwenye ekhona, ngamakhilomitha angaka. Kwakuyaye kufike abomthetho bathi cha, sewusondele kakhulu. Ngapha ezindaweni zabantu, kwakube khona izidlamlilo ezazithi zizolishisa ithende endaweni kalidingekile.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngokuqhubeka kodumo lwemisebenzi ebusisiwe eyayisabalala endaweni, kwakwenzeka izimangaliso. Komunye umhlangano amadoda ameluleka uMfu uStegen ukuthi angalokothi alimise ithende ngoba abantu babezomshaya. Kwamemeza inkosikazi esixukwini yathi: “Ngeke kwenzeke lokho. Uma bethi bazomshaya ngiyombeletha la kowami umhlane. Ngiyoke ngibone.” Niyokhumbula bafundi ukuthi ngezikhathi zezimpi sekuhlaselwene, labo ababebelethwe emhlane womama, babengathintwa. Mhlawumbe kwakuthathwa ngokuthi yizingane noma ngabagulayo.
Ngokuzayo siyokhombisa ukuthi lesi siqalo esithobekile sesikhule saba ngumbhoshongo wemfakazo kangakanani okhumbuza noma ngubani ukuthi uNkulunkulu uyabusa, uyiNkosi, imvuselelo iyayihlanza inhliziyo. Ufanele ukudunyiswa umzuzu ngomzuzu, ekuthabeni nasezinsizini, sisenganeno nalapho sesingaphesheya.