Now Reading
Ukuvimbela ukuhlukunyezwa emsebenzini
Dark Light

Ukuvimbela ukuhlukunyezwa emsebenzini

Kowandulela lona umbhalo, sasethembisile ukuthi sizoqhubeka nalesi sihloko. Siqhubeka nokuchaza izinhlobo zokuhlukumeza emsebenzini njengoba zichazwe ngumthetho.

Nizokhumbula ukuthi sasichazile ukuthi uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzini, selubopha ngabhande linye zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa emsebenzini okuxuba nezokuhlukunyezwa ngezizathu zokucwasa ngokobuhlanga. Phela ngaphambilini loluHla lwalukhuluma ngokuhlukunyezwa ngokocansi kuphela. Kodwa manje akusenjalo.

Siyaphinda futhi ngokwexwayisa ukuthi baningi abasazoxoshwa noma behlawuliswe kanzima ngokwephula lomthetho omusha ngesizathu sokuthi kabawazi futhi bengakuboni ukubaluleka noma ubungozi bomthelela wawo.

Siqagule ukuthi zizobaningi izigameko namacala okuhlukumeza ngezizathu zokucwasa ngokobuhlanga. Phela umlando wezwe lethu uyaziwa ekubandlululeni ngokobuhlanga. Futhi leyonsehle nomsanka kulokhu kuqubuke njalo yize sesathola inkululeko. Umehluko manje ukuthi naboHlanga abazigilamkhuba sebandile, kanti phambilini kwakuvame ukuba aboHlanga babe ngabagilwa esikhathini esiningi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa unombolo 55 we 1998, ubala nobuhlanga njengesinye sezizathu zokubandlulula nokucwasa ezingavumelekile. Ukucwasa ngokobuhlanga kuxuba nolimi olucwasayo okuphambene nezimiso-nqangi zoMthethosisekelo Weze ikakhulukazi lezo zokungacwasi ngokobuzwe, zokulinga kwabobonke abantu, nezokuhlonishwa kwesithunzi somuntu.

Kuyisenzo esingafuneki esilimzayo emoyeni, esehlisa isithunzi, esihlukumezayo futhi esidala isimo esinenzondo nesesabisayo ebudlelwaneni basemsebenzini. Isenzo sokuqonela esihlose ukuthi umgilwa ancethezelele isigilamkhuba noma esihlose ukwesabisa ukuthi umgilwa uzovelelwa ngokubuhlungu uma engathobeli lokho kuhlukunyezwa. Lesisenzo kungaba ngesenzeka nqo noma ngesigigiyelayo. Futhi kungaba ngesenzeka kanye kuphela noma ngesiqhubekayo, koyedwa noma kubantu abaningi.

Ukucwasa ngokobuhlanga kuyenzeka futhi ngokukhuluma, noma ngezenzo noma ngezimpawu, nangolimi olulumelayo olunamagama obuhlanga. Ngezifenqo, nangokubhinqa, noma ukugigiyela kobuhlanga kanye nangezithombe ezinobuhlanga. Ukubiza ngamagama anenzondo yobuhlanga noma ukuphendula ihlaya ubuhlanga obuthile; ukukhipha inyumbazane nokuqonela omunye ngokobuhlanga. Konke lokhu kuwukuhlukumenza ngokobuhla okungekho emthethtweni.

Konke ukuziphatha okunalezimpawu kuthathwa njengokungafuneki futhi okungemukelekile ngoba kwehlisa isithunzi ngokoMthethosisekelo. INkantolo Yomthethosisekelo yanquma ukuthi emacaleni okuhlukumeza ngokobuhlanga, kufanele kubhekwe futhi nomlando wokucwasa ngokobuhlanga owawugunyazwe ngumthetho wobandlululo kunye nomthelela wakho omumi kulabo ababehlukunyeziwe. Lokho kwaba yisinqumo ecaleni le Rustenburg Platinum Mine v SAEWA obo Bester and others (2018) 39 ILJ 1503 (CC). Owesilisa wohlanga olumhlophe wayebize owohlanga olumpisholo ngegama eilithi “Swartman” noma “indoda emnyama” ngenkathi ecelwa ukuba esuse imoto yakhe lona omhlophe, lapho ayeyimise khona.

Wabe esexoshelwa ukubiza omunye umuntu ngegama lokucwasa ngokobuhlanga. I Nkantolo Yomthethosisekelo yakugcizelela ukuthi kwakufanele exoshwe lomlisa ngoba wayengazisoli ngokusebenzisa leligama, INkantolo yathi kufanele kubhekwe ukuthi umphakathi wonkana uma uzwa leligama awukucabanga ukuthi lisho ukuthini bese kuphelela lapho, kodwa uyocabanga nokuthi beliqonde yiphi inhloso leligama uma kubhekwa umlando wobandlululo walelizwe lakithi.

Nizovumelana nami ukuthi maningi amagama esibizana ngawo sisodwa thina bohlanga. Isibonelo ngamagama esiwasebenzisa kwabokufika, nesiwasebenzisa kwabezinye izifundazwe zase njengokuthi “isizwana” noma “amakwe ……”. Phela umthetho kawujezisi kuphela uma umgilwa kungowohlanga, kodwa noma umgilwa nesigilamkhuba kungabohlanga bodwa.

See Also

Lokho kwacaciswa yiyo iNkantolo enkulu ezweni, ecaleni lika Mbana v Shepstone and Wylie (2015) 35 ILJ 1805 (CC) (lomhla ziyi 7 kuNhlaba kowa 2015) lapho khona owesifazane ompisholo eziqathanisa nowohlanga ethi ubandlululwe ngokobuhlanga.

Kanti yakugcizelela lokho futhi leNkantolo esahlulelweni sayo kwele Solidarity and others v Department of Correctional Services and others (2016) 37 ILJ 1995 (CC); 2016 (5) (esakhiswa ziyi 15 ku Ntulikazi we 2016). INkantolo yayinquma elokuthi ngabe wayebandlululwe ngokobuhlanga yini ompisholo owayeziqhathanisa nabanye okwathiwa sebephelele kulezokhundla zomsebenzi, abohlanga abadingakalayo ngokwezilinganiso ezilawulwa nguMthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa unombolo 55 we 1998.

INkantolo yathi ukubandlululwa ngokobuhlanga kubhekiswe kuzona zonke izinhlanga, hayi abamhlophe kuphela.

UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.

Scroll To Top