Now Reading
Ukushiswa kwezwe bekuyinto ehlelwe ngabathize
Dark Light

Ukushiswa kwezwe bekuyinto ehlelwe ngabathize

Uma kuwukuthi lokhu esikwenzayo wukududana asingadudani ngamanga, asingakhohlisani, asingadukisani. Lokhu esikubona kwenzeka lapha eMgungundllovu, esifundazweni, nasezweni, kunazo zonke izimpawu zohlelo. I-ANC isheshe yazihlangula ngolomo kaMnu Pule Mabe. Konke lokhu kungenxa ye-ANC bona kuphela. Yilokhu engizogxila kukho namuhla.

Ngonyaka we-2018 kuNhlolanja amakhomanisi agxeka owayenguMongameli umnu uJacob Zuma ngokuthi ufuna ukufaka ubuhlanga ngokusabisa ukungenelela kwamabutho odabeni lwakhe lokuthi akashenxe esikhundleni sobuMongameli wezwe. I-SACP yathi uma lokhu kungelona iqiniso uZuma akaphumele obala asho njalo.

Akugcinanga lapho, sezwa sesibikelwa abezindaba bethi uZuma usehlalankosi uyokotha Ongangezwe Lakhe. Nakho lokho kwasolwa ngokuthi wabe ezama ukuphemba ubuhlanga ukuze asekwe khona ezodedelwa angashenxi esikhundleni. Akubanga yisikhathi esingakanani uZuma wadeda.

UZuma selokho ashenxa esikhundleni izivunguvungu zokusolwa ngokuphambana nomthetho zisalokho zivunguze njalo kuze kube yinamuhla. Phezukwakho lokhu, kuke kwakhona umsindo owadaleka ngesikhathi kubhekwe okhethweni lwe-ANC lobuholi besifundazwe. Kukhona ababehambisana noZuma abalahlekelwa yizikhundla enhlanganweni nakuhulumeni wesifundazwe. Zisakhona izinkuluma namanje ezisola laba abalahlekelwa yizikhundla ukuthi yibo abaphehli balemibhikisho enodlame, kodwa mina kangazi.

Kuwona lonyaka zili-12 ngoNdasa sishiywe yiSilo uMdlokombane. Amabutho aphuma ngobuningi eyohlonipha iSilo kwaNongoma. Baningi abawushayela izandla umsebenzi wamabutho kuthukuswa iSilo. Kuphele inyanga kuhambe iSilo, amabutho aba nomhlangano eThekwini eholwa yiziNduna. Amabutho ayekhona lapho kwaku ngawalapha eMgungundlovu, awaseMbumbulu, nawakwaNongoma, mhlawumbe ayekhona nawakwezinye izifunda kangazi.

Okwahlaluka emaphethelweni alomhlangano wukuthi wabe uxhaswe nguMandla Gcaba okuthiwa ungumshana kaMnu uJacob Zuma. Abezindaba babuza izinduna ukuthi kungabe kuliqiniso na ukuthi asezongena odabane lokuxhasa noma ukuvikela uMnu uZuma njengoba wayebhekene nokuthi angahle aphonswe ejele yinkantolo yoMthethosisekelo. Izinduna zayikhahlela eyalezi zinsolo zathi bona abayazi leyo, ayikho into enjalo.

NgeSonto mhla we-4 kuyo lenyanga, sabona ibutho leSILO, lesi esikhona, liyokhala kanye noZuma kwaDakudunuse njengoba wayelindeleke ukuba azinikele emaphoyiseni ngalelolanga. Lesi senzo samabutho sisuse omkhulu umsindo osekubikiwe ngawo. Laba abathi amabutho kwakungafanele aye kwaDakudunuse nginabo, ngoba loludaba lukaZuma lugcwele kakhulu ipolitiki yeqembu i-ANC.

Babengaya bewolunye uhlaka oluzimele kodwa hhayi beyibutho likaZulu. Ngiyahluleka ukuhlukanisa isenzo samabutho sokuxhasa uZuma nesenzo sikaGcaba sokuxhasa umhlangano wamabutho ngoMbasa. Inkulumo ebikade ivunguza kusukela ngaleso sikhathi ethi amabutho azoxhasa uZuma siyibonile ifezeka kwaDakudunuse. Owami umbono uthi amabutho ahlelwa ndlela thizeni ngabathile ukuba bafike kwaDakudunuse bazoxhasa uZuma. Kukhona lapho kwasuka khona ingcindezi yokuba bazoxhasa uZuma. Yingakho ngithi ukuba khona kwawo laphaya yinto eyayihleliwe ngabaseka uZuma ku-ANC.

See Also

Ukusha kwezakhiwo eziseNyakatho yedolobha uMgungundlovu yinto engiyibonile ngawami. Ukushiswa kwazo kwenzeke ngesikhathi esifanayo, ngeSonto ebusuku kuzosa kube wuMsombuluko. Intatheli yakwa-ENCA umnu uSphamandla Goge ngeSonto emini wabika ukuthi abamputshuzela ulwazi bathi kuzosuka udlame ebusuku hhayi emini, wathi bathi bazoshaya i-’night shift’.

Okwesibili wukuthi yizakhiwo ezimaduzane nemjondolo ezishisiwe. Yingakho futhi ngithi ukushiswa kwalezi zakhiwo bekuhleliwe ngabantu engibasola ukuba senhlanganweni i-ANC kulaba abaseka uZuma. NgeSonto ebusuku phakathi kwamabili abahlali basemjondolo yaseJika-joe (kwaMasukwana) bebe bhikisha beshisa amathayi emoto emgwaqweni, kungekho simanga esingaphezulu kwaleso. Kuthe sekuzosa yaqala imililo ezakhiweni. Uma kuwukuthi abantu basemjondolo yibo abashise lezi zakhiwo bakwenze ngoba behleliwe ngaphezu kokuba abalandeli bakaZuma, uma beyibo.

Emasontweni amabili adlule uMongameli uRamaphosa ukhuphule isigaba sokuvikela isizwe emkhuhlaneni ukhuvethe wasibeka kwesesine. Ngosuku olwalandela inkulumo ka-Ramaphosa kwaba nombhikisho kwaMasukwana kwashiswa amathayi emgwaqweni abahlala emjondolo. Nangalo leli iSonto uRamaphosa ugcine isigaba sokuphepha kwesesine, kwasuka imibhisho futhi eJika-joe. Nakho lokhu kube nayo ingcindezi yokuba abantu benze lokhu abakwenzile kodwa abakwenzanga bengahleliwe.

Impendulo yalokhu kungabe yini? Okokuqala amaphoyisa awabophe abahleli balenhlekelele. Okwesibili wukuthi amandla epolitiki awathathwe ezandleni zamaqembu epolitiki abekwe entendeni yabanikazi bawo, okuyizakhamuzi. Ocabanga ukuthi sinamandla epolitiki akawazi amandla ukuthi yinto enjani kepha angimsoli ngoba asikaze sibe nawo.

Scroll To Top