Now Reading
Yimidlalo ngokudlalwa kwayo
Dark Light

Yimidlalo ngokudlalwa kwayo

Imidlalo yimidlalo uma isadlalwa kahle, uchuku lungakaveli. Ekudlalweni kwemidlalo, noma kungaze kube yiwuphi owaziyo, ungakhohlwa nje neze ukuthi nobuntu bukhona, umona ubakhona, ulaka lubakhona, ukuba luhlaza kubakhona, ukuphucuka kubakhona, ukuba ngumKrestu kubakhona nokuba umhedeni kubakhona, nokukholwa nokungakholwa kubakhona. Umdlalo useneka obala njengoba sinjalo isimilo somuntu, ukhombise ukuthi umqondo wakhe usuvuthiwe na, kumbe useluhlaza njengoklamukleshe ongavuthwa.

Ibhola lona ngangilidlala kuleziya zikhathi kusafakwa izicathulo zokukhahlela ibhola ezazinezinsimbi ezizinjojo ngaphansi. Leziyana ezazibizwa ngokuthiwa amakhoksi. Nawo-ke lomdlalo ngawuyekiswa yikuthi kwakusadlalwa ngezikhwepha nangamandla, izinsizwa zisephulana ogalo, kuthi uma insizwa yephukile, yafakwa ukhonkolo esibhedlela, ingabe isafuna ngisho nokuyolibukela ibhola lidlalwa.

Nawo umdlalo wokushaya isibhakela muhle mubi, ngoba ebuhleni bawo unemali, ebubini bawo unezidumbu phansi, futhi baningi abangaphansi konyawo yilomdlalo sikhuluma nje. Kukhona nalabo abashaywa maqede, kwaduma upotiyane emakhanda, ngisho nanamhlanje lokhu, basashaya izithunzi ngamankomane, engibona ukuthi nakho ukuzivivinya komshayi wesibhakela, ede eshaya ubala, eshaya izithunzi, lokhu abathi kwaqala khona lapho ekuboneni abangqimuzwa maqede, amakhanda abo asala eduma, bezibona njengabantu abaxhimfanayo eringini, kanti sekuyikho njalo ukushaya izithunzi okubangelwa yikuqoshama kwethuku ekhanda.

Awukho-ke umdlalo ongenangozi, yonke nje imidlalo inalapho ikhalisa khona izinyembezi nalapho izwisa khona inhliziyo ubuhlungu. Noma-ke eminye ingozi yayo kungesikhona ukufa noma ukuchitheka kwegazi kumbe ukubhinyika kwamaqakala okuvamise kwabakhahlela ibhola nabashaya ikhrikhethi, nokuklunyuka kwezihlakala kwabaphebezana nethenisi, ngisho nokufinyela kwemisipha nokubanjwa ngamajaqamba nokwenyela kwezintamo kwababhukudayo, ikhona-ke ingozi kweminye imidlalo okuyingozi eyenzeka emphefumulweni nasenhliziyweni yomuntu-ukuzwa kwakhe ubuhlungu bokwehlulwa. Kwala lokho noma abanye besho beziqinisa ngokuthi: “Umdlalo wumdlalo; ungawina kumbe wehlulwe kuyefana!” Kodwa ekujuleni kwenhliziyo, bukhona ubuhlungu bokwehlulwa kulowo owehluliwe. Ngisho nenjabulo yokunqoba kulowo onqobile ibonakala ize ibonakale ngisho nasebusweni.

Nalokho-ke kuseyingozi kulowo onganqobanga emdlalweni, ngoba sekuyenzeka ukuthi nezibukeli zalemidlalo, uma kwehlulwe iqembu ezilithandayo, kumbe umuntu ezimthandayo, kugcine sekubukelwa zona seziqhudelana ngokulwa zizodwa, zibanga khona ukuklolodelwa, nokubhinqwa, nokwenziwa inhlekisa, kuze luchitheke igazi ngeze, lapho izibukeli ngokwazo sekuyizona manje esezidlala yonke lemidlalo edlalwayo, kodwa zona ziyidlala ngendlela yokulwa, ngoba zisuke zikhahlelane njengalapho kukhahlelwa ibhola, zishayane ngamankomane njengalapho ababili beshayana ngawo eringini bebanga isicoco, nalapho sezishayana ngezinduku njengalapho abadlala ikhrikhethi beshaya leliyabhola elilikhuni kwasalitshe ngamaphini ekhrikhethi, kulokhu-ke sebephihlizana beshaya amabhola angamakhanda abantu angelukhuni kwasatshe, nalapho sezingqubuzana ngamakhanda kuhle okwabadlali bebhola ezinkundleni ezinkulu nezincane uma sebelishaya ngamakhanda ibhola.

Ngingakubala ngikuthini konke okwenziwa yilabo asebephendule imidlalo ukuba ibe yimpi engenamqhathi, njengoba emdlalweni webhola nakowesibhakela iqhathwa ngunompempe, kanti kowethenisi beqhathwa ngu-amphaya? Kuze kulamule wona amaphoyisa lapho isibambene ngezihluthu impi eqhathwe umdlalo. Nawo ayoyiphengula ngoba esebafunze ngezinja, abashaya ngeziqwayi abaxhopha ngegesi yezinyembezi!

Wena-ke uthi uma ucabanga ngingaphinda ngilubeke enkundleni yebhola njengamanje-nje? Hhayi, sengaba novalo entanyeni njengexoxo, ngoba ngake ngathelwa ngamachaphazelo ngingalindele, ngenkathi izibukeli seziphendulene amabhola ngokwazo, zikhahlelana ngenxa yokuthi amaqembu ayekade eqhudelana, elinye lawo selehlulwe sengathi alizange nje lilidlale ibhola ngisho eJudeni kwaMadala! Kanti, hhayi, ukhe phansi, lamaqembu ayizingqungqulu omabili, into nje kwakwala sona ‘isikolo’, hhayi esokufunda, kodwa esokufaka amagoli ezintini lapho unozinti enze imigoqo khona. Angithi izinsuku azifani, kusa kusa! Onqobe namuhla, uyokwehlulwa kusasa!

Kwabayizo-ke izinkulunyana eziyiziswana zokuklolodelana ezenza ukuba ithungelane phezulu khona impela ngaphakathi esitediyamu, kuyo uqobo inkundla yebhola. Angithi kwathi lapho unompempe eseshaya indweba yokuthi umdlalo usuphelile, kwaqala omunye umdlalo manje kaqhude manikiniki mnik’ isongo lakhe! Wo, nakuphaviliyoni phezulu, lapho engangichophe khona kwelenyoni ukuze ngizibukele kahle izingqungqulu zishayana, ngabona nje sengehla ikhanda libheke ezansi okwebhekezansi. Ngawa, kwahlwa emini! Ngaze ngaphaphama sengilele emashidini amhlophe, sengiphefumula ngamaphayiphi afakwa emakhaleni.

Ngiyakubona nje nalokho. Uthini-ke ngomdlalo werugby? Lowo ufuna iziguqa uqobo lwazo, ezinamandla njengenyathi! Incekencekana ngeke nje ize ilunge kulomdlalo, ngoba ufuna izinsizwa ezisuthayo. Kulomdlalo awazi noma kukhahlelwa ibhola leli elingubhoxo ngezinyawo, noma lenqakwa ngezandla yini, noma kuhuhuluzwa nalo ngesifuba na? Lomdlalo uyangixaka ngoba kuzothi phathaphatha ubone izinsizwa sezihlanganisile, zifuqana ngamahlombe! Kodwa ngakabani lawo mahlombe angahlalela ukufuqa sengathithi kulwa izinqama! Lapho-ke kuyokuba ubudansalala nobushadalala zifuqana izinsizwa, kuthiwa zenza isikramu. Kuze kuthule umoya uthi du, kuzwakale zona nje zigqihela phezulu. Zizofuqana njalo zize zishaye ngovokwane phansi! Yirugby-ke leyo! Elakhona igoli kufanele ulikole ucambalele phansi, abaziyo bathi ulifaka ngokulicindezela. Naleli elikhahlelwa maqede liyophuma ngenhla kwezinti ezinde, angazi ukuthi basho ngani ukuthi yigoli ngoba igoli lifanele liphume ekhona unozinti, kodwa elerugby, likhahlelwa lingavinjwa muntu ngoba akekho unozinti.

Uthini-ke ngowamankomane? Insizwa ifinya uthimula olubomvu uma sihlalile empumulweni isibhakela. Uyoyibona isimathundu abomvu kanti umdlalo uqale ingenawo amathundu. Uyibone isineziqhomo abathi ziyahlekisa, kanti ingene eringini ingenazo. Hhayi, mina angingabe ngisathanda-ke uma ngibona omunye esethwele umlomo oyimbomothi kuhle okwensizwa yaseZiqutshini kwaNhlangakazi abathi nguMlomunethikithi!

See Also

Iningi-ke eselake ledlula kulomdlalo njengawoJoe Louis, aliphumi lisenobuso obubushelelezi; ngu-Ali kuphela! Iningi liphuma selinjengamaklinti, amakhala sekuyimigqomo, nokuhamba selihamba ngokuqhotha, ingani izimbambo sezephuka. Yize lalilihle ebusweni nasemzimbeni, manje seliyimivinqi kuhle okwenkunzi yemomfu.

Yimali-ke leyo lapho ihamba khona! Noma unqobile noma unganqobanga, uyayititiliza. Bathi, ngumsebenzi wabo, yize bake bashaywe balale isithongwana, kubalwe, kubalwe, umuntu avuke maqede alwe, ngoba ulwela isicoco esihambisana nesaza semali. NakwaZulu ababethweswa izicoco yilabo abasebenikwa umhlalaphansi ngoba sebelwe ezimpini ezimehlo abomvu zikaZulu. Isicoco lesi, asitholwatholwa nje ngobala!

Lomdlalo ngiwubona umuhle kwabangakaganwa, ngoba kwasebeganiwe omame sengathithi bahlala besovalweni njalo ngisho amadoda engekho eringini, haze baphathwe yisifo sokwethuka besaba ukungqinyuzwa kwabanumzane babo kulomdlalo. Kodwa-ke singathini? Imali ayiluthezi olunenkume!

Owekhrikhethi wona uvunulelwa ngezimhlophe qwa. Kugqizwa ngamadavadi asazihlangu zokuvika ezishaya enhla kwamadolo. Umuntu wakhona uma ehamba, ungafunga uthi uyoshaya indlamu. Engikwesabayo kulomdlalo, yilelibhola lakhona elishaywa ngamaphini ayisixwexwe, elilukhuni njengensimbi. Nolenqakayo ufaka izandla zesikhumba, ngoba uma elenqaka ngezandla ezilambathayo, lingamyobula isikhumba sezandla. Nalowo oliphonsayo lelibhola eliphonsela ozolishaya ngephini, ugijima ngesivinini esikhulu enzela phela ukuthi uma eliphonsa libe nomfutho, kuthi noma eliphonsa aze eme ngamlenzemunye. Wo, kuyasubathwa-ke ngamajubane kulomdlalo!

Scroll To Top