Now Reading
Izikwibhisi, amakhwela, imibhiyozo e-Iran bekhishwa kweyomhlaba
Dark Light

Izikwibhisi, amakhwela, imibhiyozo e-Iran bekhishwa kweyomhlaba

Ngesikhathi izakhamuzi zamanye amazwe aqhudelana emidlalweni yeNdebe yoMhlaba eQatar zibambe umoya ngokuthi amazwe awo aqhubekele phambili kulo mqhudelwano, kuthi ezasemazweni asekhishiwe zibonakaka zikhihla izinyembezi, kube ngokwehlukile kubantu base-Iran ngesikhathi leli lizwe libhaxabulwa i-USA kuleli sonto okuholele ekutheni libambe indiza ebheke ekhaya.

Lo mdlalo ububanjelwe enkundleni i- Al Thumama eDoha. Iqembu lase-Iran eliteketiswa ngokuthi iTeam Melli belivele lingabhekiwe ukuthi lidlulele esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano ngenxa yezinkinga zezepolitiki esezikapakele nakwezemidlalo. Bekukuningi obekwenzeka ezihlelweni ngenhloso yokuzwakalisa ilaka kubalandeli, kepha unompempe nabasizi bakhe bebengawasusi amehlo enkundleni.

Ngesiwombe sesibili kusukume amadoda amahlanu eqembu lezishoshovu zamalungelo abesifazane eRussia lifake izifonyo eziluhlaza nezikibha ezinombala oluhlaza ezinemibhalo ethi, “Abesifazane, impilo, inkululeko,” ngemuva ezikibheni bekunohide lamagama abantu asebebulewe e-Iran neminyaka yabo.

Lamadoda athe lena yindlela akhombisa ngayo ukweseka abantu abahlukunyezwayo bengenacala kuleliya lizwe. Emuva kokuba unompempe eyishaye kathathu eyokuqeda umdlalo kuqhume inhlokomo kwachwaza yinjabulo, izakhamuzi zibhiyozela ukuhlulwa kwezwe lazo, ingasaphathwa eyokukhishwa emqhudelwaneni.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mdlalo amasosha namaphoyisa abekanise nxa zonke enkundleni nangaphandle kwazise bekunemibhikisho yabase-Iran abaphikisana nendlela uhulumeni wakhona ophethe ngayo. Kuzwakale ukuqhuma kwezikwibhisi enhlokodolobha iTehran, kwananela namadolobha amakhulu.

Ukubheda kohlelo eqenjini lase-Iran kuqale ukugqama emdlalweni walo wokuqala ngesikhathi abadlali bephenduka izimungulu bengafuni ukucula iculo lesizwe.

I-Iran iya kule midlalo nje isimo asisihle emuva ekhaya ngenxa yemibhikisho nengcindezi ephuma ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu ezithi sekwanele yindlela uhulumeni aphethe ngayo abantu.

See Also

Isigameko sakamuva nokuyiso esenze abantu bakuleli lizwe okuhlanganisa nabadlali beqembu lesizwe benza okwehlukile kube ngesokushona kowesifazane oneminyaka engama-22 uMahsa Amini ezitokisini ngoMandulo.

Injabulo enkulu ngokuhlulwa kweqembu lesizwe ibe esifundeni iSaqqez lapho kudabuka khona umufi. Amalungelo abesifazane kuleli lizwe yinto eshawa indiva.  Abesifazane baqale ukuvunyelwa ukuya ezinkundleni zebhola ngonyaka wezi-2019 okokuqala emuva kweminyaka engama- 40.

Nalapho iyakhethwa imidlalo abayihambelayo futhi kubekwe nesibalo esithile semidlalo okumele bayihambele. NgoLwezi amaphoyisa kahulumeni abulale inqwaba yababhikishi abebefuna kushintshwe umbuso.

Scroll To Top