Ufunde ezikoleni zezinhlanga kodwa akazenyezi ngesiZulu uMgabadeli


Esikhathini esiningi intsha yakuleli efunde ezikokeni okwabe kungezezinhlanga ezithile kuphela lapho kuvetezwa khona isilungu lize liyoshona, ivamisile ukuzenyeza ngolwimi lwayo lwebele kokunye iqome ukulephula ngenhloso uma ilukhuluma.
Okuxakayo ukuthi abanikazi bolimi lwesiLungu, okungabamhlophe bona basuke bezixaka befuna ukufunda ezinye izilimi.
UPallance Dladla ongumlingisi onogazi wakuleli ungohlukile etsheni yanamuhla. Le nsizwa yafunda ezikoleni ezazaziwa ngama model C kodwa ulimi lwayo okuyisiZulu ayilokothi iluxube nesiLungu.
Ungene kulezi zikole esemncane waze waphothula umatikuletsheni eParktown Boys High. Wazalwa zingama-22 kuMandulo we-1992 eGoli. Umsebenzi wokulingisa uwenza ngokugcwele.
Uma engalingisi usuke enza izikhangisi zemikhiqizo ehlukene ezikhonjiswa kuthelevishini nasemsakazweni.
Useke wabonakala emidlalweni eminingi ewuchungechunge okukhona kuyo i4Play: Sex Tips for Girls, Intersexions, ISibaya, Rhythm City, Is’Thunzi. Ukuvelela kwakhe okukhulu kwabonakala emdlalweni iHard to Get ngowezi-2014.
UDladla uphinde wazakhela abanye abalandeli emdlalweni owuchungechunge esiteshini esikhokhelwayo iNetflix, iShadow elingisa indawo kaShadrack Khumalo.
Phakathi kwemiklomelo aseyizuzile emkhakheni wezokulingisa kukhona oweSAFTA Award. Waphinde waphuma endaweni yesithathu kwisizini yesibili yeClass Act. Wakhala ngaphansi ehlulwa u-Abdul Khoza nenkakha uTumie Ngumla, agcina esesebenzisana naye kuSABC 1 emdlalweni iTempy Pusha.
UMgabadeli akakufihli ukuthi ulimi lwakhe lumqoka futhi akukho okuyomhlukanisa nalo. Ngesikhathi elingisa kuSibaya kube neziwombe eziningi lapho ezakhele khona ugazi kubabukeli kokunye bamgxeke.
Esinye salezi ziwombe yilapho ethandana khona nentombazane yesikole eyabe izifela ngaye.