Yize ibhekene nomqansa iseyithemba le-Afrika iSenegal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ISenegal engelinye lamazwe alithemba le-Africa ibhekene nomqansa wokuthi iwunqobe umdlalo wayo wesibili wamaqoqo kwiNdebe YoMhlaba.
Izodlala nosokhaya iQatar, namuhla ngoLwesihlanu e-Al Thumama Stadium libumbene elesi-12 emini.
Emdlalweni wokuqala iSenegal ihlulwe ngamagoli amabili eqandeni, ihlulwa iNetherlands ngamagoli kaCody Gakpo nelikaFrenkie De Jong. Kulo mdlalo idinga ukuthi inqobe uma ufuna ukuqhubeka nokubeka amathemba okuthi idlulele esigabeni esilandelayo, okungesomkhumulajezi.
Nabo osokhaya bayawadinga amaphuzu amathathu, njengoba nabo kumdlalo wokuvula behlulwe i-Ecuador ngamabili eqandeni. Ukuhlulwa kweQatar kwenze yaba yizwe lokuqala emlandweni elingosokhaya ukuba lihlulwe kowokuvula kwiNdebe YoMhlaba.
Umqeqeshi weSenegal u-Aliou Cisse (osesithombeni) uthe bekuzoba ngcono ukuthi beze kulo mdlalo okungenani benephuzu elilodwa noma kuthiwa banqoba kowokuqala ezinsukwini ezine ezedlule.
“Sadumala ngokungalishayi igoli sibe sathola amathuba amabili noma amathathu ayemahle kakhulu. Ukuze unqobe umdlalo kumele usebenzise amathuba owatholayo. Umdlalo sawuphatha satshengisa ukuthi asilona izwe elincane, amagoli angena umdlalo usuyophela,” kusho uCisse.
Uthe badinga ukuthi basebenze kahle phambi kwamapali. “Ukungabibikho kukaSadio Mane kuyinkinga kakhulu kuthina ngoba ukube ubekhona kukhona okuhle ekade engakwenza. Abadlali baphambili badinga ukuba basilekelele,” kubeka uCisse.
ISenegal igadla ngoBoulaye Dia, elekelelwa u-Ismaila Sarr, u-Idrissa Gane Gueye noKrepin Diatta. “UDiatta uyena okumele asisebenzele kakhulu amathemba ethu akuyena, uyakwazi ukuthi angene ebhokisini kule midlalo esisalele uyena impela okumele asithwale,” kusho uCisse.
Uthe ukhathazekile ngokulimala kukaCheikhou Kouyate oyibamba esiswini, kanye nomdlali wasemuva u-Abdou Diallo. “Ngikhathazekile ngalaba dlali ngoba konke ebesikwenza sisebenzela phezu kwabo bangabadlali esiqala ngabo umdlalo. UDiallo ulimale umsipha uKouyate walimala iqakala.”