Kubuye izinsuku zase-Afrika uRenard eqopha umlando
Amagalelo omqeqeshi ongowokuzalwa eFrance uHerve Renard osengumqeqeshi weSaudi Arabia ayaziwa e-Afrika. Nguye uRenard owayehola iZambia ngesikhathi iba ngompetha be-Africa Cup of Nations.
Wakuphinda futhi lokho ewelisa ngelibanzi i-Ivory Coast inqoba isicoco kule midlalo. Lo mqeqeshi uyinyama emazweni amaningi kodwa akakufihli ukuthi i-Afrika isenhliziyweni yakhe.
Umphumela wangoLwesibili okungangabazwa ukuthi uyingqophamlando emlandweni weNdebe yoMhlaba usuwenze wathandwa kakhulu kunakuqala. Akugcini nje nguye kepha neSaudi Arabia isiphenduke ithemba lamazwe ama-Arab eQatar. Leli lizwe limangaze umhlaba liqumba phansi izimfivilithi ekunqobeni le ndebe i-Argentina ngamabili kwelilodwa. Emuva kwalo mphumela uMbusi wase Saudi Arabia, iNkosi uMuhha umemezele iholidi kuzwelonke elibe ngoLwesithathu kubhiyozelwa ukunqoba.
Ngesikhathi abalandeli ezweni behleli emakhaya kumnandi kudelile ngoLwesithathu, ikhempu yeSaudi Arabia eQatar ibimatasa kungekho ukubhiyoza kulungiselelwa umdlalo olandelayo.
Umqeqeshi uthi bajabule ngokunqoba kodwa konke lokho sebekushiye ngemuva. Leli lizwe liseqoqweni u-C lapho liboshelwe khona ne-Argentina, iMexico nePoland.
Kusasa ngoMgqibelo lizobhekana nePoland enkundleni i-Education City Stadium ngehora lesine ntambama. Lona kuzoba ngumdlalo onzima kakhulu kwazise iPoland ayiqalanga kahle njengoba emdlalweni wokuvula ibambene neMexico ngeqanda zinhlangothi zombili. Unozinti weMexico udlale kahle kakhulu evimba iphenathi yengwazi yePoland uRobert Lewandowski.
Nakanjani iPoland izofuna ukubuyisa izinduku zayo kulo mdlalo kanjalo nesithunzi sayo njengoba ikleliswe kunombolo 26 emhlabeni, kuthi iSaudi Arabia ibe ngale kwama-50.
URenard useyintandokazi nase-Afrika emuva kwalo mphumela. “Lona ngumdlalo webhola kokunye kwenzeka into osuke ungayilindele. Besidinga ukuphumelela nakanjani emdlalweni wokuqala ukuze kwenyuke ukuzethemba. Esikuthokozelayo ukuthi sesingenile emlandweni wale Ndebe yoMhlaba.”