Now Reading
Imidlalo yeNdebe yoMhlaba, ubufakazi bamazwe ambalabala
Dark Light

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba, ubufakazi bamazwe ambalabala

Usuku olukade lumenyezelwa luze lwafika. Lolu ngusuku lokuqala kwemidlalo yeNdebe Yomhlaba ezweni iQatar. Kungokokuqala ukuba lemidlalo ibanjelwe endaweni ebizwa nge-Arab Peninsular ese-Asia. Kuningi okwehlukile ngaleli lizwe inhlokodolobha yalo okuyiDoha.

Abantu bakuleli lizwe babalelwa ezi-2,331, ulimi olukhulunywayo yisi-Arabhu. Imali yakhona ibizwa ngeQatari Riyal. Lelizwe lihlukaniselana umncele neSaudi Arabia kuthi olwandle  lihlukaniselane neBahrain, i-Iran kanye ne-United Arab Emirates (UAE).

Leli yizwe loBukhosi laqalwa ukubuswa ngumndeni wakwa Al Thani kusuka ngeminyaka ye-1800. Like laqonelwa ngamaNgisi kwaze kuba lithola uzimele geqe . Umbusi walo kuyimanje ngu Amir Hadam bin Khalifa Al Thani. 

Linothe kakhulu uma kufika kuwoyela negesi. Yize bekunokukhuluma ingakaqali lemidlalo, ubukhazikhazi okubonakale ngosuku lokuvula kushiye abaningi bekhexe imilomo. Konke obekubonwa ngamehlo nalokho obekukhulunywa kube yisifundo ngalelizwe ,amasiko nenkolo yalo.  Nonyaka amazwe aqhudelanayo kulomcintiswano o angama-32. 

Ngaphandle kwemibukiso emibalabala, umcimbi wokuvula wenziwe ngumlingisi uMorgan Freeman ngokubambisana nosomabhizinisi uGhanim Al Muftah, okhubazekile kuthi net umhlaba wonke.

UFreeman uphawule wathi: “Okusihlanganisayo kakhulu ukwedlula lokho okusehlukanisayo. Siyisizwe Edison’s esikhulu, uMhlaba uyitende lethu. Ngokuhlanganyela singakwazi ukuhlaba ikhwelo lokuba abantu babumbane”. Mhlobo kulama sonto uzwe lapho endlini abadala bebanga umsindo bethi ‘laduma’ noma bethi ‘awu awubheke , inkomo lena’ yazi ukuthi abadala sebebukele omunye wemidlalo elichungechunge.

See Also

Kuhle ubuze izikhathi zemidlalo ngoba kungenzeka lokho kusho ukuthi ngeke usakwazi ukubuka iziqephu ezithile zezingane kuthelevishini kepha ungakhathazeki zifundele elaboHlanga.

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top