Ibhola liyakwazi ukuhlanganisa abantu noma ngabe baluhlobo luni


UYapo uthanda ukudlala ngebhola lakhe enze nokunye njengokuzama amaqhinga okushayela nobaba wakhe. Uyisihlabani seqembu labancane lebhola elibizwa ngeTino Football Club. Uyashesha enkundleni ukwazi ukushaya namagoli amaningi. Nokho akathandi ukuphasa ibhola. Umqeqeshi wakhe uTazi uvame ukukhumbuza uYapo ukuthi abelane ngebhola nozakwabo. Ngelinye ilanga iTino Football Club yayidlala neKuma Football Club. UYapo wazama izikhathi eziningi ukushaya igoli kodwa iqembu leKuma beliqine kakhulu. Ngesikhathi sekhefu uKuma ubehamba phambili ngo 2 – 0. Umqeqeshi uTazi unikeze iqembu inkulumo eqinile. ‘Dlalani ndawonye futhi nidlulisele ibhola kunoma ubani okhululekile! Yapo phasa ibhola!’ Lapho kuqala isiwombe sesibili, uYapo wahlaliswa ebhentshini .
Ozakwabo babesaba kancane ukudlala ngaphandle kwakhe, kodwa bakhumbula ukudlala ndawonye. UNat ushaye igoli lokuqala eqenjini likaTino.
‘Halala!’ kucwaza izihlwele Emizuzwini emithathu ngaphambi kokuphela komdlalo, uLinda ushayele iqembu igoli lesibili! Umqeqeshi uTazi ubize u-Yapo ukuthi abuyele emdlalweni, Manje sezibambene ngamagoli amabili zinhlangothi zombili. ‘Khumbula ukudlala nozakwenu!’ ULinda ukhahlele ibhola uNat, waphasela kuYapo. UYapo udabule phakathi kwezimbangi ezimbili kwathi lapho esezodubula, wabona omunye umdlali weKuma egijima eza kuye. UYapo wabona uLinda elandela eduze ngemuva, wakhumbula umqeqeshi uTazi wabe esedlulisela ibhola kuLinda. ULinda wajikela ngaseceleni, wathatha isibhamu sakhe esihle kakhulu!
‘Igoli!’ kumemeza umqeqeshi uTazi. Isixuku sikaTimo saqhuma injabulo futhi ozakwabo bakaLinda bagijima bayomanga. UYapo ujabule kakhulu ngokuthi iqembu lakhe liwine ngo 3 – 2. Kodwa waphoxeka kancane ngokuthi ubengawashayanga amagoli.
‘Siyakuhalalisela ngokubuya okunamandla !’ kujabula umqeqeshi uTazi eqenjini lakhe ‘Wenze kahle, Yapo, ngokudlulisela ibhola kuLinda’ Kungenzeka ukuthi awuzange ushaye igoli namuhla. kodwa ngokuqinisekile usize iqembu lakho ukuthi liwine.
Wenze kahle ndodana! emamatheka ubaba, behamba ndawonye beya ekhaya.