Now Reading
I-Iran ibe izwe lokuqala ukuveza ipolitiki yamazwe eQatar
Dark Light

I-Iran ibe izwe lokuqala ukuveza ipolitiki yamazwe eQatar

Akulona kuphela ibhola elidla utshani emidlalweni yeNdebe yoMhlaba eQatar kepha nepolitiki idla umunyu njengoba amanye amazwe asebenzisa leli thuba ukuzwakalisa imizwa yawo ngokuqhubeka emuva kwazise imidlalo ibukelwa umhlaba wonke.

Ngasekuqaleni kwesonto i-Iran yenze okungajwayelekile emdlalweni wayo wokuqala ne-England. Abadlali baleli lizwe bathathe isinqumo sokungaliculi iculo lesizwe enkundleni iKhalifa International Stadium njengophawu lokuzwelana nababhikishi ekhaya abafuna kushintshwe uhulumeni osuhlale iminyaka engaphezu kwama-40.

Sekuphele izinyanga uhulumeni wakuleliya lizwe nezakhamizi bebhekene ngeziqu zamehlo. Kulolu dlame sekuphume inqwaba yemiphefumulo kwacekelwa phansi nengqalasizinda. Le mibhikisho ithathwa njengemikhulu futhi enyakazise kakhulu izwe ukudlula yonke esike yaba khona kusuka kwaba khona ukuketulwa kombuso wangaphambilini ngowe-1979.

Le mbedumehlwana yasuswa ukubulawa kowesifazane oneminyaka engama-22 uMahsa Amini owayekade eboshwe ngamaphoyisa ezempi akuleli lizwe. Wayeboshelwe ukungalandeli umthetho wezwe ophoqa abesifazane ukuthi bagqoke ngendlela ethile. Sekungumlando ukuthi i-Iran ikhale ngaphansi ngamagoli ayisi-6 kwama-2.

Nakuba bekulindelekile ukuthi ingaliboni elidlalayo kwezikaHarry Kane  kodwa bekungabhekiwe ukuthi isingathelwa ngehlazo ngembudlu yamagoli.

Ngaphambi kokuqala kwale midlalo umqeqeshi we-Iran uCarlos Queiroz wakuveza ukuthi abadlali bazovunyelwa ukubhikisha okanye ukuzwakalisa noma yini abangahambisani nayo. UQueiroz ubathethelele abadlali bakhe ngokugxekwa abakutholile ngesenzo sabo, abalandeli abakholelwa ekutheni kube nomphumela wokuthelwa ngehlazo.

Khona lapho ubuye wathi akukuhle ukuthi abadlali bafakwe ngamakhanda ezintweni zepolitiki abangahlangene nazo ngoba ekugcineni lokho kuyabalimaza emphefumulweni uma sebesenkundleni.

Lokho kubonakale zisuka nje amadaka ngesikhathi izibabuli ze-England uJude Bellingham, Bukayo Saka noRaheem Sterling ziqulela amagoli elandelana ngesiwombe sokuqala.

See Also

I-Iran ayizange izithele ngabandayo ngoba umgadli wayo uMehdi Taremi ushaye igoli elihle eligqibe ihlazo kade isilandela emuva ngamane eqandeni. Nguye futhi uTaremi oshaye igoli lesibili lezwe lakhe okube yiphenathi.

Abalandeli be-Iran abahambele eQatar bathi bakuqonda kahle ukuthi isimo asisihle ekhaya kodwa ngesikhathi esifanayo balindele ukuthi izwe labo lenze kahle.

NgoMfumfu kuke kwaba khona imizamo engaphumelelanga yabadlali bemidlalo ehlukene e-Iran abanxenxa iFifa ukuba ivalele ngaphandle lelizwe emidlalweni yeNdebe yoMhlaba.

Scroll To Top