Ubuyela kwelikabhanana uMngqithi ukuzocija uSuthu


Ushiya kuSundowns nje bese kungasekho ukwenama
Amazulu asemtholile umqeqeshi ozovala isikhala sikaRoman Folz (Fohloza) osenikwe esinye isikhundla kuleli qembu.
ElaboHlanga lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uManqoba Mngqithi nguyena ozothatha izintambo zokuqeqesha ngesizini ezayo oSuthwini.
UFolz usenikwe isikhundla sokuba ngumqondisi wosomaqhinga kuleli qembu.
Emasontweni adlule usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu kuleli qembu.
“UManqoba Mngqithi nguyena ozothatha izintambo zokucija AmaZulu ngesizini ezayo. Izikhulu zeqembu zinobudlelwano obuhle noManqoba. Kudala zimfuna azothatha izintambo zokuqeqesha kuMaZulu. Njengamanje uManqoba usevumelene ngakho konke nezikhulu zoSuthu,” kuchaza umthombo ongashayi eceleni.
U-Ayanda Dlamini nguyena ozobamba izintambo kuze kuphele isizini kule midlalo emihlanu esele ngaphambi kokuthi kusongwe isizini. Inkontileka kaManqoba neMamelodi Sundowns iyaphela ekupheleni kwesizini. Uvele usezitshelile izikhulu zeSundowns ukuthi angeke ayivuselele. Uzosayina inkontileka yeminyaka emithathu kuMaZulu. UFolz uzoba yiphini likaManqoba. Bobabili labaqeqeshi bayazana futhi banobudlelwane obuhle. Yingakho Usuthu lungazange limxoshe uFohloza. Bazosebenza noManqoba ngesizini ezayo,” kubeka umthombo.
Inkontileka kaMngqithi kuSundowns iyaphela uma kuphela isizini. Wafika kuSundowns ezolekelela uPitso Mosimane. Usenqobe izicoco eziyisikhombisa zeligi neSundowns.
Uphinde wahlabana ngeseCaf Champions League asinqobe ngowe-2016. Kumasizini amabili adlule uqokwe njengomqeqeshi ovelele ebambisene noRhulani Mokwena.
Wehliswe esikhundleni ngemuva kokuthi iBrazilians ithelwe othulini yi-Orlando Pirates ngo 3-0 kowandulela amanqamu eMTN 8.
“UManqoba kuvela ukuthi akasajabule kuSundowns. Lokhu kulandela isinqumo sokwehliswa esikhundleni sokucija iqembu njengoba eseyiphini. Phela bobabili benoRhulani Mokwena yibona abebeqeqesha iqembu selokhu kwashiya uPitso Mosimane kuSundowns,” kulandisa umthombo.
UMngqithi uke walicija Usuthu eminyakeni eyedlule kulandela ukuzakhela udumo kuLamontville Golden Arrows ayisiza yadla ubhedu kuMTN8 ngowe-2009 ilobola i-Ajax Cape Town ngo 6-0.
“Iqembu beselihlukene phakathi. Abadlali abadala bebengasayizwa indaba kaFolz. Yingakho izikhulu zeqembu zikhethe ukuthatha isinqumo sokumsusa uFohloza ebhentshini. Kunabadlali abese behudula izinyawo ngoba befuna uFohloza axoshwe. Basenkingeni-ke labo badlali ngoba uFohloza uzoba nezwi elikhulu ukuthi ngobani abazohlala nokuthi ngobani abazohamba,” kuchaza umthombo.
AmaZulu akahlezi kahle kulogi. Ayibambe endaweni yeshumi nambili ngamaphuzu angama-28 emidlalweni engama-24 yeligi. Ahlukaniswe amaphuzu amane neMaritzburg United eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni.
Usuthu luzodudulana neCape Town City, SuperSport United, Sekhukhune United, Mamelodi Sundowns, Lamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates.
“UMengameli weqembu uSandile Zungu uzifikele mathupha ukuzobhunga nabadlali ngesimo sikaFohlozo. Ulibeke ngembaba ukuthi uyakholelwa kuyena njengomqeqeshi omncane futhi okhaliphile. Ubatshelile abadlali nethimba labaqeqeshi ukuthi uzoba eduze naye. Uthe uFohloza uzomfaka njengomsizi wakhe ekuthatheni ezinye izinqumo ezinqala eqenjini. Ohlelweni lakhe alibiza nge-Vision 2032 uveze ukuthi uFohloza uyingxenye yalo lolu hlelo yingakho engeke amxoshe. Ngaphambi kokubamba umhlangano nezikhulu zeqembu ngokususa uFohloza ebhentshini uqale wabamba umhlangano oyisipesheli naye ngeSonto ezomchazela ngesinqumo sakhe.
Usuthu kubhekwe ukuthi lenze inqwaba yezinguquko ngesizini ezayo. Kunenqwaba yabadlali asebehanjelwe yiminyaka abangase bakhululwe yiqembu.
Phakathi kwabo kubalwa uLehlohonolo Majoro olizwa ngendaba ijezi. U-Augustine Kwem naye kungenzeka afakwe ohlwini labadlali abangeke babuye ngesizini ezayo. Iqembu lifuna ukuvula isikhala sokusayinisa omunye umdlali wangaphandle.
UVeli Mothwa angase aphelele kweZimnyama. Ngakolunye uhlangothi Usuthu lufuna ukuvala isikhala sakhe ngoMelusi Buthelezi weTS Galaxy FC.
“UFohloza usahlala endlini abeyiqashelwe yiqembu futhi uhamba ngemoto yalo iqembu. Umholo wakhe nawo usazofana. UZungu uyakholelwa kuyena kakhulu. Imiphumela nokujikelwa ngabadlali nje yikho okumphoxile uManzini. Ubefisa ukubona uFohloza ephumelela.” kuchaza umthombo ozazi zonke ezoSuthu.