Now Reading
Ibuye nephuzu iMorocco ibhekene neCroatia 
Dark Light

Ibuye nephuzu iMorocco ibhekene neCroatia 

IMorocco izoya emdlalweni olandelayo inakho ukuzithemba okuncane, njengoba ikwazile ukuthola iphuzu elilodwa ibhekene neCroatia emdlalweni weNdebe yoMhlaba koweqoqo F obuse-Al Bayt Stadium, eQatar ngoLwesithathu ntambama.

Kolandelayo iMorocco izodudulana neBelgium bese kowokugcina wamaqoqo ibhekane neCanada. Indlela edlale ngayo ibhekene neCroatia eyadliwa kowamanqamu ngowezi-2018 kuyo eyomhlaba, ikhombisile ukuthi ingaqeda inamaphuzu amane noma ngaphezulu. 

Umdlalo ngendlela oqale beziphuthumana ngenye indlela kungekho iqembu elisaba elinye, alikho ebelikhombisa izimpawu zokuzithela ngabandayo. Okube kubi nje ukuthi umdlalo yize ubumnandi kodwa ugcine zibambene ngeqanda nhlangothi zombili.

Nakuba iCroatia inabadlali abanamagama, njengoLuka Modric weReal Madrid, Mateo Kovacic weChelsea no-Ivan Perisic weTottanham kodwa iMorocco ibikugqiba lokhu ngomfutho ebiwufaka nangokuzimisela ukulwa umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela. 

IMorocco ebingathishiwe kangako kodwa uHakim Ziyach no-Achraf Hakimi, bebetshengisa ukuthi badlala emaqenjini ahlonishwayo emhlabeni njengoba bebengayizwa nhlobo iCroatia. UZiyach emqenjini udlalela iChelsea FC yase-England usanda kubuyiswa eqenjini lesizwe kulandela ukuxoshwa komqeqeshi owayemdingisile eqenjini lesizwe, kanti uHakimi yena udlalela iPSG yaseFrance.

See Also

Kumazwe asadlile alapha e-Africa iSenegal ehlulwe ngamabili eqandeni iNetherlands, iTunisia nayo ikwazile ukuthola iphuzu elilodwa ibhekene neDenmark nayo ebithwele ngeqoma ukuthi izozidlulela kalula.

Kusasa amehlo azobe ebheke iCameroon neGhana, bona abazobe bedlala imidlalo yabo yokuqala kulo mqhudelwano. ICameroon izotholana phezulu neSwitzerland e-Al Wakrah Stadium ngele-12 emini, kuthi iGhana ibhekane nePortugal ngehora lesi-6 kusihlwa.

Scroll To Top