Isasho imibhiyozo eSaudi Arabia eqophe umlando ihlula ezikaMessi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukuhlulwa kwe-Argentina emdlalweni wokuqala weNdebe YoMhlaba, bekungekhona okokuqala kwagcina ukwenzeka ngonyaka we-1990 yahlulwa iCameroon.
Ukuhlulwa kwayo kowokuqala akuyithenanga amandla njengoba yagcina ikwazile ukuthi ize ifike kowamanqamu, nalapho yafike yehlulwa iWest Germany ngelilodwa eqandeni.
Isithenjwa nongukaputeni we-Argentina uLionel Messi, uthe imiphumela yangoLwesibili ibathuse kakhulu. “Ukuhlulwa kwethu kube into emangaze abantu abaningi, kuyinto engabanga yinhle neze. Ekumele sikwenze ukuthi singabhekisi amakhanda phansi kodwa sizithembe emdlalweni wethu olandelayo. Siphoxe abantu abaningi kodwa iqembu lethu ngeke liphele amandla” kusho uMessi. Ukugcizelele ukuthi iqembu liyakwamukela ukuhlulwa kwabo wathi abadlali bazimisele ngokulungisa izinto emdlalweni olandelayo. I-Argentina izovovana inkani neMexico ngoMgqibelo eLusail Stadium.
IMexico iza kulo mdlalo inephuzu elilodwa elithole ibhekene nePoland. “Azikho izaba, sizobumbana kakhulu kunakuqala. Leli qembu lethu liqinile futhi selikukhombisile phambilini, ngokuthi libe yezinye zezimfivilithi zokunqoba lo mqhudelwano. IMexico iyizwe ongeke uvele ulihlule nje, kumele usebenze ngempela nokuyinto okumele ngempela siyenze” usho kanje uMessi odlala iNdebe YoMhlaba okwesihlanu.
Njengoba kungokokugcina uMessi edlala lo mqhudelwano, ithuba lakhe lokugcina lokuthi awunqobe.
Ukunqoba kwaMessi iNdebe YoMhlaba kwaba kuyiphupho likaDiego Maradona ongasekho emhlabeni.
Komunye umdlalo okhona kuqoqo C, owePoland neSaudi Arabia uzoqala ngehora lesi-3 ntambama ngoMgqibelo. Uma inganqoba iSaudi Arabia eqeqeshwa uHarve Jean-Marie Roger Renard kobe kusho ukuthi isidlulele kuLast 16, nokuyinto leyo ezobe inginqopha mlando. URenard odabuka eFrance kuyinto ajwayele ukuyenza ukuthi agqame emdlaweni yamazwe, lapha ezwenikazi i-Africa wazishiyela umlando eba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba iNdebe ye-African Cup of Nations (Afcon) namazwe amabili ahlukene. Wakwenza lokho ngonyaka wezi-2012 neZambia wakuphinda ngonyaka wezi-2015 ne-Ivory Coast. Ngonyaka wezi-2018 wayisa iMorocco kweyomhlaba okokuqala emva kweminyaka engama-20, nakhu manje uhlule i-Argentina.
Eminye imidlalo ngoMgqibelo
ITunisia ne-Australia e-Al Janoub Stadium kozoqala ngele-12 emini
France neDernmark eStadium 974 ngelesi-6.