INkosi ivunwe yiNkantolo kwelokuyixosha ngezinsolo



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Ithi kwakuvele kubonakala ukuthi imizamo kaHulumeni ikakhulukazi iHhovisi likaNdunankulu wesifundazwe uMnu uSihle Zikalala yokuyimisa iNkosi kwakunenhlese yezombangazwe njengoba sekuyinhlala yenzeka esigodini sayo kanye nakwezinye ezingomakhelwane ukuthi aMakhosi abusa ngaphansi kombuso weqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) athola ukuhlukunyezwa abhecwe ngobende inyama engayidlanga.
INkosi uBhekizizwe Luthuli uwakhulume la mazwi ngomlomo wokhulumela umndeni uMnu uMlungisi Luthuli ngemuva kokuthi icala ababelifake eNkantolo Ephezulu yaseMgungundlovu sokuphikisa ukumiswa kwayo sivune yona. “Sijabule ngoba bese kukhona ukungaphatheki kwabantu endaweni yethu eMathulini eMthwalume sekukhona nabazibekayo ngenxa yezinkinga ebezehlela iNkosi” kusho uMnu uLuthuli.
INkosi yamiswa yiHhovisi likaNdunankulu uZikalala futhi iBAYEDE inayo incwadi yongomhla ziyisi-9 kuMfumfu wezi-2020 eyabhalwa ngaphansi kweSigaba 21(1) seKwaZulu Natal Traditional Leadership and Governance Act, 2005 (uMthetho uNombolo 5 wezi-2005). Phakathi kwezinto eyazimiselwa yayisolwa ngezinsolo zokuthi ikhokhisa amalungu omphakathi wendawo imali ebizwa ngokuthi yiKhonza Fee ekhokhwa yilabo abafuna iziza endaweni nokunye. Kuthiwa kuyenzeka amanye amalungu omphakathi akhokhiswe imali ebalelwe ezi-R3 000 ukuya phezulu. Baphinde bakhale nangemali eyizi-R2 000 ekhokhiswa umndeni oshonelwe yokuguqulwa kwamabhantshi neyamafomu oMnyango Wezezindlu eli-R180.
Isamile ekutheni indaba yayingekho ngezinsolo eyayibekwa zona ngoba le mali ifakwa esikhwameni sakwaCogta njengoba kumanje isekhona iyizi-R295 000. “Iqiniso livele obala abantu bambuleke izinqe njengoba le nto yaphehlwa lana eMzumbe amanye amakhansela angafuni iNkosi” kusho uMnu Luthuli.
Kuyimanje omunye ukhomba omunye phakathi koMnyango wakwaCogta kanye nokaNdunankulu. Okhulumela uNdunankulu uMnu uLennox Mabaso uthe; “Ngazi kahle ukuthi indaba yaMakhosi ikhulunywa uMnyango waKwaCogta”. IBAYEDE ibe isimtshela ukuthi inencwadi ebhalwe uNdunankulu wathi ucela ukuyithunyelwa njengoba ebesesikhumbuzweni sokushona kukaMnu uBongani Mthethwa.
Kanti nalowo okhulumela uCogta uMnu uSenzelwe Mzila uthe le ndaba kayikho kubona wakhomba iHhovisi likaNdunankulu. “Ngiyacabanga ukuthi kwaba isinqumo seKhabhinethi eholwa uNdunankulu” usho kanje.
UMnu uLuthuli uthe bazobiza isithangami sabezindaba maduze nje ukuze kwaziswe izizwe ngobuqili bukaHulumeni bokushaya imithetho engekho ngoba befuna ukongamela kumbe ukuphatha aMakhosi.
Ushaya ngonyawo phansi uthi ISILO kuphela esinelungelo lokususa iNkosi kanye nomndeni.