Now Reading
Kubhede ekugcineni kwelase-Afrika 
Dark Light

Kubhede ekugcineni kwelase-Afrika 

Amasosha aseSenegal ahluleke ekugcineni ukuthola okungenani iphuzu elilodwa emdlalweni wokuqala weNdebe YoMhlaba, ngesikhathi ebheke neNetherlands.

Yize iSenegal ihlulwe ngamabili eqandeni kodwa ibiwubambile umdlalo, njengoba amagoli womabili engene sekusele amanenjana ukuthi umdlalo uphele. Amagoli eNetherlands avalelwe phakathi umfana omncane uCody Gakpo elinye lashawa uDavy Klassen.

ISenegal engelinye lamazwe amahlanu amele izwekazi i-Afrika ikhombise ukuthi ukube ibidlala nezwe elincane ibingawunqoba umdlalo, kodwake ngasekupheleni komdlalo yashawa isipiliyoni. Ukungabibikho kwesithenjwa sayo esinguSadio Mane, kulishaye kakhulu lelizwe njengoba amabhola abefika phambili kodwa engasetshenziswa ngendlela.

Lelizwe lalapha e-Africa kolandelayo lizodlala nosokhaya (iQatar) kozofana nokuthi owamanqamu kwazise lamazwe ahlulwe womabili kowokuvula. 

IQatar nayo ihlulwe i-Ecuador ngamabili eqandeni kobubanjelwe e-Al Bayt Stadium. Amagoli anqobise iTricolors ashaywe ngukaputeni u-Enner Valencia esiwombeni sokuqala. Ukuhlulwa kweQatar kwenze yaba yizwe lokuqala emlandweni elingosokhaya ukuba lihlulwe kowokuvula.

Komunye umdlalo AmaNgisi awuqale kahle lo mqhudelwano ngokuthi abhudluze i-Iran ngamagoli ayisithupha kwamabili.

See Also

Amagoli amaNgisi avalelwe phakathi uJude Bellingham odlalela iqembu laseGermany iBorussia Dortmund obeyiphela endlebrni egijima yonke inkundla. Amanye kube akaBukayo Saka amabili, uMarcus Rashford, uRaheem Sterling noJack Grealish.

Izinkinga ze-Iran ziqale ngesikhathi kulimala unozinti wayo u-Alireza Beiranvand, nolimale kungapheli ngisho imizuzu engama-20 umdlalo uqalile. Kuphoqeleke yenze ushintsho yafaka uHossein Hosseini nofike wangenelwa iwona wonke amagoli ayisithupha. UMehdi Taremi uyena oshayele lelizwe amagoli amabili okugqiba ihlazo.

AmaNgisi kolandelayo azotholana phezulu ne-United States of America (USA), kozokuba ngoLwesihlanu. 

Scroll To Top