UMaimane useqalile ukuphuma engena emphakathini
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umsunguli weBuild One South Africa (BOSA), uMmusi Maimane (osesithombeni) wethule iqembu lakhe e-Eastern Cape. Futhi kungokokuqala lwethulwa esifundazweni selokhu lwethulwa kuzwelonke. UMaimane uthe uye lapho kuqala njengoba i-Eastern Cape ikhungethwe yizinkinga zenhlalo-mnotho.
Ukwethulwa kwaleliqembu kwenzeke eNew Brighton eGqeberha. Leliqembu selivele linamagatsha asebenzayo edolobheni. IBOSA ifuna ukubhekela ukungasebenzi kwentsha, udlame olubhekiswe kubulili kanye nokuthuthukiswa kosomabhizinisi.
UMaimane unxuse izakhamizi ukuthi zikhethe abaholi emiphakathini yazo, abantu abakhathazekile ngezinkinga ezikhungethe lo masipala.
“Isizathu esidale ukuthi sinqume ukuthi i-Eastern Cape kube yisifundazwe esiyethula okokuqala yingoba sibone izinselelo eziningi abantu bakulesi sifundazwe ababhekene nazo futhi bafuna ukukushintsha lokho. Ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha kulesi sifundazwe kuyethusa, intsha kwabathathu kwabane abasebenzi, okusho ukuthi isisele izulazula emigwaqeni iphendukele kwizidakamizwa nobugebengu, kumele sikuvale lokho. Ngizwile nokuthi ubugebengu budlangile ezindaweni ezithile eGqeberha ngakho kumele sithole amaphoyisa afuna ngempela ukubopha izigebengu,” kusho uMaimane.
IBOSA yethulwe eSoweto ngoMandulo. “Okwenza iBosa ihluke kwamanye amaqembu wukuthi abaholi baphuma ngqo emphakathini ngoba ngaleyo ndlela bayakwazi ukuba nezixazululo emiphakathini yabo. Asenzi futhi izithembiso eziyize, siyiqembu lamaqembu ahlukene ahlangene ngombono owodwa, ukwakha iNingizimu Afrika engcono yawo wonke umuntu,” kwengeza uMaimane.
Usihlalo weBOSA uKhusta Jack ophinde abe ngumholi weqembu lakhe, Abantu Integrity Movement. Lokhu kukhombisa imodeli yezepolitiki iBOSA eyisebenzisayo. “Mina ngisengumholi wenhloso futhi ngizoqhubeka nokusebenza kuze kuphele isikhathi sami ngowezi-2026 bese ngidedela isizukulwane esisha. Khumbula ukuthi iBOSA iyinhlanganisela yamaqembu amancane umsebenzi wawo omkhulu okuwukwakha iNingizimu Afrika. Ngakho sizohlale siseka iqembu elinombono ofana nowethu,” kusho uJack.
Abaningi nabo beza bazolalela
“Engikuthandayo ngaleli qembu ukuthi lingaphakathi kubantu, emiphakathini esebenzisana nabo ukuxazulula izinkinga eziningi esibhekene nazo. Yingakho ngibathanda, banathi futhi bangakithi,” kuchaza ilungu lomphakathi.
“Nginethemba elikhulu ngeBOSA ngoba ayigcini ngokukhuluma kakhulu kodwa ibuye yenze. Emphakathini walapha eGqeberha sebeqalile ukwenza umsebenzi futhi lokho kukhombisa ukuthi abayidingi ipolitiki…ukusebenzela imiphakathi yethu,” kusho elinye ilungu loMphakathi.
UMaimane uthi uzoyisa iBOSA kuzo zonke ezinye izifundazwe.