Now Reading
Bathi bayizimpisi ezembethe isikhumba semvu
Dark Light

Bathi bayizimpisi ezembethe isikhumba semvu

I-EFF ne-ANC iyazisola izinhloso zeSave South Afrika

NGAPHANSI kwenqubo yedemokhrasi ukuzibandakanya komphakathi ezindabeni zokubusa kuyinto emqoka. Empeleni lokhu kuwumgogodla wale nqubo. Yikho nxa kunenhlabamkhosi ekhomoza izakhamuzi ukuba sihlangane  ngenhloso yokwenza okuthile ezweni lazo kuba yintokozo. Kule minyaka eyedlule umhlaba ube ngofakazi lapho izakhamuzi, abadala nabancane zithathela kuwo ulawulo ngoba sezidwebe umugqa ngalokho ezikholwa ukuthi ukuxhashazwa kwamalungelo azo ngababusi noHulumeni. Kwenzekile eTunisia, e-Egypt nakwamanye amazwe amaSulumane  ngaphansi kofuqufuqu okuthiwa yi-Arab Spring. Ngalo mnyakazo izakhamuzi zigcwale izitaladi. Ngalokhu bawile ohulumeni kwaphatha ‘ohulumeni babantu’.

INingizimu Afrika inomlando omude ‘womzabalazo wabantu’ nokuyiwo owaguqisa umbuso wobandlululo. Eminyakeni engamashumi amabili nambili yenqubo yedemokhrasi sekukhona abakubona sekufike isikhathi sokuba uHulumeni okhona wabantu, abanye ababeyingxenye yokwakhiwa kwawo. Laba bantu namuhla bayingxenye yenhlangano ebizwa ngeleSave South Africa. Le nhlangano ihlanganise izinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni, abamabhizinisi, abaholi bamahlelo ehlukene, abaholi abanohlonze emphakathini. Kulokhu ibhekene ngqo noMengameli wezwe uJacob Zuma nokuyinto engelona icala ngaphansi kwenqubo yaseNingizimu Afrika.

Umkhankaso abawethule kuleli sonto othi, No Confidence to Zuma uziveza obala izinhloso zabo ekutheni kabakhulumi ngoHulumeni kepha bakhuluma ngomuntu thize abathi akehle esikhundleni. Ekhuluma nabezindaba omunye wabasunguli bale nhlangano uNks uCheryl Carolus wabikela amalungu ale nhlangano ukuthi elakuleli lingaphansi kwesimo esimanzonzo: “Njengezikhomakhoma ze-ANC, siyawuvuma [umkhankaso] weSave South Africa. Njengezwe ngabe sense kangcono ukuba bekunobuholi. Sibenzele phansi abantu bethu ngodaba lwezimali.” Sesifike ezingeni lapho sibona khona ukuthi abantu bakuleli, sizibala nathi siyi-ANC, sekufanele bame badwebe umugqa. Kusiphatha kabi ukuthi idlanzana nje linqume ukuba ligwamande umbuso, izakhiwo kanye nezinsiza zawo ukuze kuzuze lona. Abantu abangalinqanda [idlanzana] amadoda nabafazi abanobulungiswa kuphela. Sifuna ukuqala ngamadoda nabafazi abanobulungiswa ku-ANC,” kuqhuba uCarolus.

Kanti lowo ongubuso bale nhlangano uMnu uSipho Pityane uthe kusenemibuzo engakaphendulwa ekutheni ngabe le nhlangano ixhaswa ngubani ngezimali. Ebuzwa ngalokho uMnu uMark Heywood osesigungwini sokuhlela kule nhlangano uthe, “Sithola ama-R20, i-R100, i-R1000 noma izi-R1000 000 lapha nalaphaya njengeminikelo, futhi sizoba yisibonelo emaqenjini ezepolitiki ngokuthi sibeke konke obala ukuthi yonke imali yalo mkhankaso siyithola kuphi. Uma onikelayo efuna ukuba angaziwa ngoba esaba, lokho sizokuhlonipha kodwa sizobanabhuku acwaningiwe ukuqinisekisa ukuthi sitshele umphakathi ukuthi akekho osinikeza imali efihle okuthile,” kusho uHeywood.

Ziyawusola umgqakazo

Nokho kubukeka umphakathi uzohlukana phakathi ngalolu daba njengoba kukhona abathi leli ‘yiqeqebana’ nje labantu abanezinhloso zabo. Okumangalisayo wukuthi akulona iqembu elibusayo kuphela elicabanga neliphimisa lawo magama. Ekhuluma nezinkumbi zabalandeli beqembu lakhe le-EFF ePitoli, uMnu uJulius Malema wakhwela wadilika kwabeSave South Afrika. Kananazanga ekutheni empeleni bakhele ukuzovikela isikhwama sabelungu. “Akufanele bacabange ukuthi singabangane nabo. Ngeke size sibe abangane noMaria Ramos, Isikhulu esiphezulu kwa-ABSA, ngeke sibe abangane noRupert, ngeke sibe abangane nokuqonelwa ngabamhlophe abagugushe umnotho, ukugugushwa komnotho ngabamhlophe kohlale kuyisitha ne-Economic Freedom Fighters,” esho enanelwa izihlwele.

UPhiko lwentsha lukaKhongolose ngomlomo kaSihlalo walo uMnu uMatome Chiloane  luthe abaholi beSave SA yizimpisi ezizimboze ngesikhumba semvu, wathi empeleni lo mkhankaso uhlose ukuvikela isithebe sosozimali babelungu. “Sithola lesi sigubhukane sabazimele kuleli sethusa. Bona laba abazimele bekufanele bakhothanyelwe ukuba nje balethe usizo oluncane ekuthuthukisweni kwenhlalo ezweni,” kusho uChiloane.

See Also

“Bekufanele baze baphoqwe yinqubomgomo kaHulumeni ukuba baguqule ukuhlela kwabo izinkampani nokuthi balekelele ekuthuthukisweni kwenqalabhizinisi namakhono,” engeza.

Yize kusase kuseni okugqamayo wukuthi abeSave South Africa bathathe udaba lwepolitiki ngakho kulindelekile ukuthi nezimbangi zabo zibaphendule ngayo ipolitiki. Ukujikijelana ngamazwi kusazoba kuningi kanjalo nokunyundelana.

Phakathi kwezinhlaka ezeseka lo mkhankaso kukhona  iStudents for Law & Social Justice, iCorruption Watch, iSection 27, iSonto LamaSheshi, i-Equal Education, i-Active Citizens’ Movement, iJohannesburg Against Injustice, iCASAC, i-Open Democracy Advice Centre, iLawyers for Human Rights, iSA NGO Coalition, iSouth African Christian Leaders’ Initiative ne-Evangelical Alliance of South Africa.

Scroll To Top