Uma lusengaka uqhekeko kusekude phambili kukhilikithi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngizoqala ngibongele iqembu lekhilikithi i-England ngokunqoba i-ICC T20 World Cup ebise-Australia nesongwe ngeledlule. Kungiphathe kabi ukubona amaProteas eshaya udaka kulo mqhudelwano. UkubhaCAZA kwenze Laqhubeka ishobolo lawo lokuhlulwa wukunqoba iNdebe yoMhlaba ekhishwa kungazelelwe yiNetherlands engenamlando ongako kwikhilikithi.
Elakuleli selokhu labuyiselwa emiqhudelwanweni yomhlaba eminyakeni engama-30 edlule lisayizwa ngendaba inkomishi yomhlaba ebangwa kwiT20 International nakwi-One Day International (ODI). Engikubonile ukuthi amaProteas asazoqhubeka nokuthi ebhacaze kwimiqhudelwano yeNdaba yoMhlaba.
Okwenza ngisho njalo ingoba luningi uqhekeko, phakathi kwabadlali, uma singanakile lokhu kwehlukana kuzosilimaza kakhulu.
E-Australia amaProteas abecijwa nguMalibongwe Maketa obebanjiswe izintambo yinhlangano ephethe ikhilikithi kuleli iCricket Sout Africa (CSA) emuva kokusula kukaMark Boucher. Uqhekeko luvele ngesikhathi kuhlukana imibono ngokubuyiselwa kukaTemba Bavuma kwesobukaputeni. Empeleni umsindo ngalo mdlali uqale ngaphambi kokuya e-Australia. Babodwa abathi ubengafanele ukuyodlala nokuhola iqembu e-Australia ngoba akabanga nesizini enhle ku-2022.
Uvele ubebuya ekulimaleni kwezinyanga ezintathu. Lokhu kuze kwadala nokuthi angahambi neqembu ukuya e-England ukuyokwenza amalungiselelo eT20 World Cup. Kunabathi esikhundleni sakhe bekumele kufakwe uReeza Hendricks obhethe kahle ohambweni lwase-England kwiT20Is. Wenze ama-runs awu-323 kuma-innings ayisikhombisa. Yize uBavuma engabanga nonyaka omuhle, kodwa iqiniso ukuthi ungumdlali wezinga eliphezulu futhi ungumholi.
Isibonelo nje uCristiano “CR7” Ronaldo, akabanga nonyaka omuhle kodwa njengoba kuzoqala iNdebe YoMhlaba uyena ozobe ehola izwelakhe iPortugal. NoBavuma ubengeke nje avele ashiywe kanjalo, kangingabazi ukuthi ungumdlali weqophelo eliphezulu. Sidlala neZimbabwe kwangicacela ukuthi ngeke sihambe ibanga elinde ngoba kwatshengisa ukuthi ukubambisana into engekho.
NakowePakistan esashaywa kuwo ngamaruns angama-33 senza amaphutha amaningi. Lokhu bekucacela noma ubani ukuthi laba bebala elimhlophe ngeke bamulwelwe umuntu woHlanga onguBavuma. Akuyona neze into enhle lena ngoba isatshengisa ukuthi ukucwasana ngokwebala kulo mdlalo into engasoze yaphela.
Ezinye nje izigameko, uMakhaya Ntini kwathi sekumele aphule irekhodi lokushaya amawikhethi amaningi kwathiwa akangabe esaqhubeka nokudlala ngoba ulimele. Kodwa uDale Steyn naye waba sesigamekweni esifanayo, kodwa wayetholelwa odokotela abaphezulu ngoba befuna ekwazi ukufica uShaun Pollock owabe enamawikhethi amaningi kuleli. Umdlali engimdabukelayo uKagiso “KG” Rabada, njengoba enza kahle naye ukhona ugcobho abazomfakela wona ukuze ezogcina ehlelwa izinga kwazise ungowoHlanga.
Ukube umhlophe ngabe usekwa iwona wonke umuntu. Ngonyaka ozayo ku-ODI World Cup, uma kusanoqhekeko olunjena nakhona sizoliwasha ekuseni ijezi.