Nathi sisengakwazi ukuphila impilo yabantu basemandulo yemimoya


Singayiphila impilo yaboHlanga basemandulo ababeyiphila yemimoya yenhlakanipho yabo, yengqondo yakongokomqondo nezimfundiso zokuzithoba nezokungazikhukhumezi zokuzigqaja, yokuzidla nezimfundiso ezinhle zasemakhaya. Ukuba ngowoHlanga ngokokudalwa nguMdali ngakho konke okusemzimbeni yethu.
Babesizana,babenanelana ngalena kokubheka inzuzo kuqala nokubuyiselwa. Ngolimi lwesiNgisi ngithi kwakuvele kuyi “iBlack Consciousness” ngolimi lwalenkathi. Kwaqhubeka nakwabangenkathi kwakusenababeboshelwe, nababesekubhaceni ngenxa yepolitiki ngaphambi kowe-1994.
Wayejabulela ukuba nabaphumelele,nabaphumelelayo nabanokuhle ukwedlula yena, ngenxa yamaqhaza akhe, nemibono emihle yakhe, ayeyidlulisele kubona ngenhliziyo yakhe yonke.
Abamhlophe, izizwe, nezinye izinhlanga zinemimoya yamathongo, yabadala nabaphansi njengaboHlanga base-Afrika kodwa ngokwendlela yasemakubo e-Europe,eNtshonalanga.Ekubeni ungeke uzwe owoHlanga esidlangalaleni, ethi ingcolile futhi ayinamsebenzi eyabamhlophe.
Asibonele ngoba bayakholelwa abelungu kwimimoya, sikuyeke ukukhuluma sakungabaza okwabantu abamnyama kwemimoya ube ungumuntu omnyama noma ngibe ngingumuntu omnyama.
Sinabamhlophe,sinabelungu baseNingizimu Afrika abanemimoya, abangababonayo, abangabahlolayo, ababhulayo, abayizangoma, abelaphayo ngokwendabuko yemimoya yakubo yabelungu njenge neyaboHlanga.
Njengomlungu engamelamela eThekwini embathe ibhayi njengaboHlanga abakwezokwelapha,abakwezokuhlola nokubona, owathi uhlala eDurban North ngalibala ukuthatha iminingwane yekheli ngowezi-2000.
Kunongqongqoshe,kunamakhansela,abasezikhundleni ongazi ukuthi bafihlani ukuthi banezihlobo, abanezingane ezinemimoya nabangani ababonayo, abahlolayo, abaprofethayo, ababhulayo,abayizanusi, abayizangoma, abayizinyanga nabelaphi abanemimoya ngokwase-Afrika.
Ngabe akunjena ukube bonke njengamanje bakusebenzisela ekusimameni kwezwe nenhlalonhle yaboHlanga hhayi nje kubona nemindeni yabo nabaseduzane nabo.Ukuze bathenjwe ngaboHlanga okhethweni lukazwelonke lwangowezi-2024.
Kuzokhumbuleka ukuthi uThabo Mbeki uMzizi owayengumengameli, ukuthi babehlolelwe ngowoHlanga obonayo. Ukuba bakhumbule abafa, babuyise nemiphefumulo yabafa empini nasekubhaceni, ngoba kwakuyimimoya yabo eyayicasukile ngokunganakwa.
Sekuwumlando abelaphi ngokwendabuko ababehlukene beguqa bakhasa ngamadolo beshweleza kwimimoya yabangasekho.Kwayolandwa namathambo abanye.
Ngakhumbula ingxoxo phakathi kukaNomshado ‘uShado’ Thwala owayengumsakazi nowesifazane womlungu, oyisanusi,obonayo noma ohlolayo, ayekhuluma naye emsakazweni iSA104FM, ngaphambi kokuba uShado, kungavuselelwa ukuba ngumsakazi, ngoNdasa osukwini lwangoMgqibelo wezi-2019.
Isanusi somlungu sahlolela emoyeni umengameli uCyril Ramaphosa, wukuthi wayengezukuba nendaba kangako neyokubuyiswa komhlaba nokunxeshezelwa kwabantu.Futhi kwakuzoba nezinye izithiyo endleleni kaRamaphosa uma esengumengameli wezwe, kwabanjalo.
Kwakuzoba nokukwakungekuhle okwakuzokwenzeka emhlabeni, osekungumlando ukuthi umhlaba wagubezelwa ubhubhane ososayensi babelungu, abathi iCovid-19 kusukela kowezi-2020.
Sicobelelwa ngabamhlophe abayizifundiswa zesayensi yokwelapha, zezesayensi yokwengqondo zase-America, basitshela ngemimoya nokuthi banababonayo, banabahlolayo, banezanusi, banezangoma zabelungu. base-United States of America ngokwengqayi abayibiza ngokuthi iThird Eye Spies.
Izifundiswa zasungula isikhungo iStanford Research Institute iSRI, okwakusebenzela ababeneziphiwo zokubona,zokuhlola nababeyizanusi zabelungu,okwakuthiwa i-Remote Viewing Program.
Kwalani ukuba kube nalesisikhungo esisungulwe ngaboHlanga kuqala ezweni esinjena, kuhlanganiswe ulwazi lwabangososayensi, abangabelaphi, abangosongqondo nodokotela ngokwemfundo yaseNtshonalanga nezinye izinhlaka
Ingqayi iqala ngesindlalelo senkulumo kaMnu.uJimmy Carter ngowezi-2016, owayengumengameli wase-USA ngeminyaka yowe- 1978, ngenkathi esengumengameli.
Basizwa ngohlolayo, ngobonayo umlungu wase-Carlifonia, ukuthi iTupelov ibhanoyi lempi lase-Russia laliphahlazeke eCongo ngowe-1978,balithola.
Kwakunesanusi uJoseph (Joe) Mc Moneagle, owayeyisotsha, elalibona nelagcina seliqashwe izinhlaka zobunhloli base-America ngaphansi kobuholi bohulumeni obabuyisihlanu obabehlukene.
UMc Moneagle wahlolela umbutho wezempi wase-America ngababethunjiwe, abasebenzela inxusa lase-America elalizinze eTehran, e-Iran.
Waphinda uJoe wahlolela abeCIA, ngesakhiwo esasingasolwandle e-America, ukuthi iRussia yayakha umkhumbi ohamba ngaphansi kolwandle,bawufica abe-CIA.
Abe-CIA babekhipha izishaqane zemali ukuxhasa uhlelo iThe Secret CIA Psychics, lwabantu ababeyizinhloli,ababebona bebizwa ngezipoki nolwaluyimfihlo kahulumeni.Kwazoba ngumkhandlu wezokuvikela e-America okuthiwa iPentagon wenza esifanayo.
Kwayisanusi uMnu. uPat Price,owahlolela abase-America ngeLybia nezinhlelo ezazingaphansi kolwandle zebhomu eyayizohlasela ezobunhloli zasemkhathini waseAmerica, okwabethusa uma bekufica.
Kwangumdlali kwezokungcebeleka uMnu.uIngo Swann. Wabonela iAmerica ngaphambi kwezinsuku ezintathu ukuthi iChina yayinohlelo lwesikhali sebhomu eyayisivivinya olwandle, saqhuma emva kwezinsuku ezintathu ebhulile uIngo.
Nginokubona nomuzwa, yize kuyimfihlo ngobuholi nezobunhloli buka-Fidel Castro eCuba, ukuthi babuzisebenzisa izinhlelo njenge-America.yingakho nje abase-America behluleka ukumbulala.
Nohulumeni wase-Russia wawungazenzisi ngababonayo, ngabayizanusi, ngabahlolayo isabizwa nge-Union of Soviet Socialist Republics iUSSR.