Now Reading
Ukuqala ukulingisa emncane kwafana nokuthi unqobile uNunu
Dark Light

Ukuqala ukulingisa emncane kwafana nokuthi unqobile uNunu

Umlingisi uNqobile “Nunu” Khumalo  wazalwa zili-15 kuMbasa we-1992 esifundazweni iMpumalanga. Umndeni wakhe udabuka eSwatini. Ngesikhathi enezinyanga ezimbili umndeni wakhe wafudukela eGoli lapho azithola esekhulela khona waqala nemfundo yamabanga aphansi khona.

Emazingeni emfundo ephakeme wafunda eSt. Mary’s Diocesan School  wase edlulela esikhungweni iMidrand Graduate Institute. Kulesi sikhungo waqeqeshelwa iqhuzu lezifundo Zobuntatheli, aziphothula ngesikhathi.  Ngonyaka we-2013 wavela okokuqala kuthelevishini emdlalweni owawushisa izikhotha iSibaya ngesizini yokuqala.

Kulo mdlalo wayelingisa indawo kaCindy. Ngonyaka wezi-2016 wahlaba ngendawo kumdlalo wakwa e.tv iScandal enguHlengiwe Twala. 

Useyimele iNingizimu Afrika kwezokulingisa njengoba kuthe ngonyaka wezi-2019 waklonyeliswa kuma-International Award emkhakheni weBest African Actress yiNew Vision International Festival e-Amsterdam, eNetherlands. Abaningi bazomkhumbula futhi ngendawo ayeyilingisa emdlalweni owawukhuluma ngezempilo iSoul City lapho wayaziwa ngelikaRelebogile “Riri” Diholo.

Eminye yemidlalo aseke wabonakala kuyo iBroken Vows enguZandile, iHigh Rollers enguThandi, iGauteng Maboneng, iLoxion Lyric enguNhlahla, iMfolozi Street  edlala indawo kaJudith, iSaints and Sinners enguLerato, iRockville elingisa indawo kaNosipho nakuThe Herd enguDudu. Ngaphandle kokuba intokazi ebukekayo futhi ezizwayo kodwa ikhono lakhe ekulingiseni ledlulele. Waqala ukulingisa eneminyaka eli-12.

Ikhono lakhe laqashelwa owesifazane othile owayebona indlela ayenza ngayo izinto ngesikhathi bezikhiphile nonina langa limbe. Ngaphambi kwalokho uqale ukuvela kuthelevishini eneminyaka eyi-9 ohlelweni lwezingxoxo lesilomo sakudala uFelicia Mabuza-Suttle. Ubuye wenza izikhangisi ezihlukahlukene kuthelevishini zezitolo ezinkulu njengoJet no-Edgars.

See Also

Useke wabonakala nasemidlalweni emikhulu njengalowo oke wakhonjiswa kuNetflix iJewel. Ekhuluma ngokungena kwezokulingisa wathi, “Abazali bami babengayizwisisi kahle le ndaba ngoba lona ngumkhakha osheshayo bengiluleka ngokuthi ngilinde ngize ngikhule,”.

Kubalandeli bakhe uthi abehlise amaphaphu ngoba basazombona kakhulu ebajabulisa kuthelevishini.

Scroll To Top