Now Reading
Kubhekwe umjaho iHarry Gwala Summer Cup kusasa
Dark Light

Kubhekwe umjaho iHarry Gwala Summer Cup kusasa

Yize umqhudelwano wamahhashi  iHarry Gwala Summer Cup ube khona nyakenye, kodwa nonyaka kulindeleke ukuthi uhanjelwe yizinkumbi zabantu ngoba bekwenzeka eminyakeni edlule.

Awubanga khona ngonyaka wezi-2020 ngenhla yokhuvethe, kuthe nyakenye wabakhona kodwa izinga beliphansi kakhulu kwazise yize kwasekuvumelekile ukwenziwa kwemiqhudelwano kodwa kwakulandelwa imigomo kaHulumeni ngaphansi koKhuvethe yesibalo sabantu. Nonyaka kuzogcwala ngenxa yokuthi kuzobe kungenwa mahhala, kanti abantu kade bawulangazelelela ukuba ubuyele esimeni esejwayelekile. Uzokuba kusasa ngoMgqibelo eKilmun Horseracing Track, eMakhuzeni  e-Underberg ngaphansi kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma. 

Nyakenye lo mqhudelwano unqotshwe ihhashi eselinqobe imijaho eminingi  uNxakanxaka elabe ligitshelwe uDoctor Mbatha wabe esegoduka nezegidi ezingama-R20, wayebekwe intencane izimbangi zakhe uLungani Gumede owayegibele elibizwa ngoTroublemaker kanye noMnotho Gama yena owayegibele elaziwa ngokuthi uSgwebo Sentambo leli hhashi ilona elanqoba ngowezi-2019. Okuvelile ukuthi uNxakanxaka kulokhu uzobe engagitshelwe uMbatha, kodwa uzobe egitshelwe uPhelelani Thango.

UThango oneminyaka yobudala engama-21 nongowokudabuka eNquthu, uthe uzimisele ukuqhubeka nokwenza igama likaNxakanxaka. “Kuzobe kungokokuqala kulokhu ngigibela leli hhashi eselizakhele umlando, ngokunqoba imiqhudelwano eminingi kangaka. Ngizimisele ukuqhubeka lapho okugcine khona uMbatha okunguye ohlezi egila ezibukwayo ngalelihhashi. Ukuthola leli thuba kusho ukuthi impela kukhona okuhle engikwenzayo, kulo mdlalo. Ngiyabonga kubaba uGama ongumnikazi kaNxakanxaka ngokunginika ithuba” kusho uThango.

See Also

Wazise elaboHlanga ukuthi waqala ukugibela amahhashi eneminyaka eyisikhombisa. Ubejwayele ukugibela elibizwa ngokuthi uSanitizer, nonyaka kwiDundee July uphume endaweni yesithathu kwathi kwiKing Cetshwayo June waphuma endaweni yesibili.

UMbatha yena kulo mqhudelwano uzobe egibele uMzinyathi.  Abantu abazohambela lo mqhudelwano bazothola ithuba lokubona inqephu, abaculi okubalwa kubo nomculi wokholo uJumbo kanye nabanye abaculi.

Scroll To Top