Now Reading
INdebe yoMhlaba eQatar ingeyehlukile emlandweni
Dark Light

INdebe yoMhlaba eQatar ingeyehlukile emlandweni

Iyasuka iyahlala ngeSonto imidlalo yeNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo, eQatar ezoze isongwe mhla zili-18 kuZibandlela.

Ukudlala kweNdebe YoMhlaba ngalesikhathi sonyaka kuyinto eqalayo ukwenzeka emlandweni kanobhutshuzwayo. Kujwayeleke  ukuqala ngoNhlaba kuya kuNhlangulana, noma uqale ngoNhlangulana kuyakuNtulikazi. Ngokujwayelekile into ezobe ibhekwe kakhulu ukuthi iliphi izwe elizoba ngompetha balo mqhudelwano.

ElaboHlanga, lizobheka amazwe okuyiwo abukeka njengezimfivilithi, abadlali okulindelwe ukuthi bagqame, amazwe azomela izwekazi i-Africa, izinkundla okuzodlalelwa kuzo kube nawo amazwe wonke ayingxenye , nabadlali abanamagama abasale ngaphandle kulo mqhudelwano.

Amaqembu onke azobayingxenye yalo mqhudelwano

  • Asian Football Confederation (AFC) – Australia, Iran, Japan, Qatar, Saudi Arabia neSouth Korea
  • Confederation of African Football (CAF) – Cameroon, Ghana, Morocco, Senegal neTunisia.
  • Confederation of North, Central American and Caribbean Association Football (CONCACAF) – Canada, Costa Rica, Mexico ne-United States.
  • South American Football Confederation – Argentina, Brazil, Ecuador ne-Uruguay
  • Union of European Football Association (UEFA) – Belgium, England, Croatia, Denmark, France, Germany, Netherlands, Poland, Portugal, Serbia, Spain, Switzerland neWales.

Amaqoqo

  •   Iqoqo A: Qatar, Ecoador, Senegal, Netherlands
  •   Iqoqo B: England, Iran, Wales, USA
  •   Iqoqo C: Argentina, Saudi Arabia, Mexico, Poland
  •   Iqoqo D: France, Australia, Denamark, Tunisia
  •   Iqoqo E: Spain, Costa Rica, Germany, Japan
  •   Iqoqo F: Belgium, Canada, Croatia, Morocco
  •   Iqoqo G: Brazil, Cameroon, Serbia, Switzerland
  •   Iqoqo H: Portugal, Ghana, Korea Republic, Uruguay.

Amazwe ayizimfivilithi

IBrazil iyona ebhekwe ukuthi kungayiyo engaqukula indebe  ngoba iphethe abadlali abaningi abanekhono kakhulukazi phambili. Ukunqoba kwayo  kobe kusho ukuqeda ukuchanasa kwamazwe angaphansi kwe-UEFA, njengoba kusukela ngonyaka wezi-2006 iwona anqoba lo mqhudelwano. Elinye izwe elibhekiwe iFrance nayo iyizwe eliqinile futhi ingafuna ukuthi isivikele lesicoco njengoba kuyiyo eyagcina inqobile ngonyaka wezi-2018 eRussia. Usungenzeka umlingo ngoba liyaginqika ibhola kodwa oyodla umhlanganiso uphakathi kwalamazwe amabili.

Amazwe aseke anqoba

  •   IBrazil kahlanu ngowe-1958, 1962, 1970, 1994 nangowezi-2002.
  •   I-Italy kane ngowe-1934, 1938, 1982 nangowezi-2006.
  •   IGermany kane ngowe-1954, 1974, 1990 nangowezi-2014.
  •   I-Argentina kabili ngowe-1978 nangowe-1986.
  •   I-Uruguay kabili ngowe-1930 kanye nangowe-1950.
  •   IFrance kabili ngowe-1998 nangowezi-2018.
  •   I-England kanye ngowe-1966.
  •   ISpain kanye ngowezi-2010.

Abadlali ababhekiwe ukuthi bagqame

UKarim Benzema noKylian Mbappe baseFrance, uCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal, uLionel Messi wase-Argentina, uNeymar Jnr noVinicius Jnr baseBrazil, uLuka Modric waseCroatia, uKevin de Bruyne waseBelgium, uRobert Lewandowski wasePoland, uSadio Mane waseSenegal uma ekwazile ukululama ngesikhathi isaqhubeka imidlalo noHarry Kane wase-England.

Abadlali abaphuthelwe umqhudelwano

UPaul Pogba noNgolo Kante baseFrance, uDiego Jota wasePortugal, Sergio Ramos noThiago Alcantara baseSpain, uRoberto Firmino waseBrazil, uMohamed Salah wase-Egypt, u-Erling Haaland noMartin Odegaard baseNorway, uLuis Diaz waseColombia noDavid Alaba wase-Austria. Iningi labadlali abekho kweyoMhlaba ngoba amazwe abo awakwazanga ukungena, abanye balimele kuthi abanye bashiywe ngaphandle.

Amarekhodi azoqopheka kulo mqhudelwano naseqophekile ungakaqali

UCristiano Ronaldo uma engashaya igoli kuzobe kusho ukuthi ungumdlali wokuqala ukushaya igoli kwimiqhudelwano yeNdebe YoMhlaba eyi-5, wakwenza lokho ngonyaka wezi-2006, 2010, 2014 nangowezi-2018.

See Also

Okokuqala ukuthi womahlanu amaqembu  e-Afrika aqeqeshwa abaqeqeshi balapha. U-Aliou Cisse uzobe eqeqesha iSenegal, uJalel Kadri ozobe eqeqesha iTunisia, u-Otto Addo ozobe eqeqesha iGhana, uRigobert Song ozoqeqesha iCameroon noWalid Regragu yena ozobe ecija iMorocco.

Uma iFrance ingakwazi ukuvikela lesicoco iyoba izwe lesithathu ukunqoba lo mqhudelwano kulandelana, lokho kwenziwa iBrazil ne-Italy.

Okulihlazo

Ukuthi akukho ngisho nomdlali oyedwa ogijima kuDStv Premiership ozobe edlala kulo mqhudelwano. URichard Ofori ongunozinti we-Orlando Pirates ubebhekiwe ukuthi angaya eQatar neGhana kodwa ngenxa yokulimala wangabizwa.

Abazomela iNingizimu Afrika

UVictor Gomez ongunompempe, uzobe ebhekiwe ukuthi enze kahle emdlalweni azoyidlali. Omunye uZakhele Siwela ongumsizi wonompempe, naye uzobe edlalisa eQatar. Laba onompempe naseCameroon ibona ababemele iNingizimu Afrika kowe-African Cup of Nations (Afcon).

Izinkundla eziyisishiyagalombili okuzodlalelwa kuzona

  • Al Bayt Stadium, ese-Al Khor, emumatha abangama-60 000 izosingatha umdlalo wokuvula umqhudelwano.
  • Ahmad Bin Ali Stadium, ese-Umm Al Afaei, emumatha-40 000 izosingatha owe-Last 16 neminye yamaqoqo.
  • Al Janoub Stadium, ese-Al Wakrah, emumatha-40 000 izosingatha eyamaqoqo nowe-Last 16.
  • Khalifa International Stadium, eseDoha, 40 000, izosingatha eyamaqoqo, owe-Last 16 nowombango wendawo yesithathu.
  • Educational City Stadium, ese-Al Rayyan, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo, Last 16 neQuarter final.
  • Lusail Stadium, eseLusail, emumatha 80 000, izosingatha imidlalo kusukela kweyamaqoqo kuze kufike nomdlalo wamanqamu.
  • Stadium 974, eseDoha, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo neyeLast 16.
  • Al Thumama Stadium, eseDoha, emumatha 40 000, izosingatha eyamaqoqo, owe-Last 16 noweQuarter final.
Scroll To Top