Ucu alukahlangani ku-ANC neZitoyitoyi: okwaseGoli kube umazihlonze



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
IsiZulu sithi izinkunzi ezimbili kazihlalelani esibayeni sinye. Lokhu kucaca bha ngalokhu okuqhubeka phakathi kweqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kanye nalelo lesithathu ngobukhulu i-Economic Freedom Fighters ( EFF).
Isigameko sakamuva kube yileso lezi zinhlangano zehluleka ukuginga uhulumeni oholwa yiDemocratic Alliance (DA), Ekurhuleni eGoli.
Womabili lamaqembu abe sehlazweni ngoLwesibili njengoba kube yiwo emasontweni edlule akhe umbimbi lokuketula oyiMeya uNks uTania Campbell ngevoti lokungamethembi.
Emuva kokwenza njalo lamaqembu kanye namanye amancane abe nezingxoxo zokuthi bangawuphatha kanjani umkhandlu ngokubambisana.
Lezi zingxoxo zibhuntshile emuva kokuba kungabanga khona ukuvumelana kuKhongolose neZitoyitoyi ekuthini uhulumeni omusha lona uholwe kanjani okuthe uma sekuyovotwa yaqhela i-EFF yalibamba iqanda lenjelwane i-ANC.
Lokhu akuqali njengoba kube njalo nangesikhathi lamaqembu kumele asekane odabeni lukazwelonke oluthinta ukubuyiswa komhlaba.
Ngokwezibalo zePhalamende izinombolo ze-ANC ne-EFF zanele ukuba kwenziwe izinguquko noma kuphasiswe noma yimuphi umthetho.
Kepha lamandla kawasebenzanga mhla sekuvotelwa ukuchitshiyelwa kwesigaba sama-25 oMthethosisekelo nesabe sigxile ekubuyisweni komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Kungakayiwa kovota iZitoyitoyi zathi kazinankinga ukweseka uKhongolose inqobo nje uma umthetho uyoqopha ukuthi umhlaba uzobuya ngaphandle kwesinxephezelo okuyinto i-ANC eyathi ayikwazi ukwenzeka.
Lokhu kokungahlangani kocu phakathi kwalezi zinhlangano kushiya umbuzo ukuthi ngowe-2024 bayokwazi yini ukubambisana uma kuba nesidingo.