Ulwazi ulunzulu ngokusebenza kwe-atrazine okungashintsha nesimo sesilwane


Ukunciphiswa kobudoda (ubufakazi benguqukosimo):
Izilwane ezikhuliswe nge-atrazine zinezinga elinciphisiwe lesidoda esitholakala egazini uma liqhathaniswa nezinga lesidoda esitholakala egazini lezilwane zesilisa lezi ezikhuliswe ngaphandle kwe-atrazine (Analysis of Varience (ANOVA): F = 6.647, df = 1, P < 0.025), uma zihlolwa emva kwemnyaka emibili sekudlule isikhathi sokuthomba. Lokhu kuvumelana nokwehla kwezinga lesidoda ngoba zonke izimbodla ezikhuliswe nge-atrazine zikhombise ukuncipha kwesidoda kuzo zonke izinguquko ezincike esidodeni ngalendlela elandelayo; nuptial pads kanye nezindlala zokuzalana: Ama-nuptial pads ezimbodla ezingakhuliswanga nge-atrazine athe ukuba mnyama kunalawo ezimbodla ezikhuluswe nge-atrazine. Nakuba umbala ungahlelwanga ngohlelo, umlando wohlaziyo uyasibonisa ukuthi ubukhulu bezindlala ezitholakala esikhumbeni sezimbodla buyancipha kulezo zimbodla ezikhuliswe nge-atrazine (ANOVA: F = 11.589, df = 1, P < 0.005). Lo mphumela uqondene ngqo nezindlala eziphathelene nesidoda ngoba izindlala eziphathelene namafinyila nezindlala eziqondene noketshezi loshevu kazibanga namphumela owahluke ngokutheni kulowo wezilwane ezikhuliswe ngaphandle kwe-atrazine (P > 0.05). Ezinye izimo eziphathelene nezindlala zokuzalana zihloliwe kodwa kwangatholakala mahluko otheni (P > 0.05).
Ukushintsha kwephimbo: Izimbodla ezikhuliswe nge-atrazine zishintsha isimo somumo wegilo kodwa hhayi esobukhulu balo (P > 0.05). Isiqephu esiphathelene nokukhukhumala kwephimbo naso sithe ukuncipha kunaleso sezimbodla ezikhuliswe nge-atrazine, unganaki ukuthi ubude bukalwe ngomugqa oqondile (ANOVA: F = 11.974, df = 1, P < 0.01) noma ngobude bokulandela umsipha (ANOVA: F = 11.217, df = 1, P < 0.01). Empeleni, isimo somumo wegilo ezimbodleni ezikhuliswe nge-atrazine sifana nesimo somhlambi obulilisifazane ZW lona esikhulume ngawo ngenhla.
Amasende: Siqaphelisise ukuncipha kwemibhobho yamasende kulezo zimbodla ezikhuliswe nge-atrazine enezindondela zesidoda esivuthiwe ngonyaka ka 2007 (n = 18; ANOVA: F = 8.65, df = 1, P < 0.01); okuchaza ukuthi i-atrazine inciphise ubuningi besibalo semibhobho enesidoda esivuthwe ngokuphelele (G test: Gh = 13545.2, df = 15, P < 0.001). Lomthelela kodwa awuzange ubonakale (P > 0.05) ezilwaneni (n = 10) emva konyaka noma emva kweminyaka emithathu emva kwesikhathi sokuthomba, ngo 2008. Ezinye izimo eziphathelene namagonads sizibhekile nazo kodwa sangathola mahluko otheni (P > 0.05).
Ubufakazi bendlela yokuziphatha (Isifundo sokukhetha umata): Imisebenzi yokuhlola izimbodla ezikhuliswe ngaphansi nangaphandle kwe-atrazine, ikhombisa ukuqhudelana kwalezi zimbodla zibanga amaselesele ensikazi. Izimbodla ezejwayelekile zahlule lezi ze-atrazine ezahlulelweni ezine ngokukhombisa ubukhulu bobunsizwa lapho zihlolwa, kanti kunezimbodla ezimbili kuphela ezikhuliswe nge-atrazine ezikhombise ubukhulu bobunsizwa (esahlulelweni esisodwa) (G test: Gt = 61.82, df = 4, P < 0.001). Ubukhulu bezimbodla abukhombisanga mahluko kanti abubanga namthelela ekukhombiseni ubukhulu bobunsizwa (P > 0.05). Izimbodla ezikhule ngaphandle kwe-atrazine zikhombise ubunsizwa obuphezulu lapho zibekwa eduze kwezinsikazi ngenkathi ziqhathaniswa nalezo ezikhule nge-atrazine (ANOVA: F = 14.65, df = 1, P < 0.001), noma ngeKruskal-Wallis test (Chi Squared = 9.304, df= 1, P < 0.002).
Amandla esidoda: Izimbodla ezikhuliswe nge-atrazine zivundise amaqanda esibalo esincane uma ziqhathaniswa nezimbodla ezikhule ngaphandle kwe-atrazine (ANOVA: F = 8.026, df = 1, P < 0.01), noma zihlolwa nge G test (Gp = 10.434, df = 1, P < 0.001). Ngisho nezimbodla ezikhuliswe nge-atrazine ezinesidoda esiningi zivuthiswe amaqanda amancane uma ziqhathaniswa nalezo ezikhule ngaphandle kwe-atrazine.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.