Now Reading
Abalandeli kwelikaMthaniya abaqhubeke nokuba yisibonelo esihle
Dark Light

Abalandeli kwelikaMthaniya abaqhubeke nokuba yisibonelo esihle

Kuhle ukuthi umuntu noma abantu ubancome uma benze kahle sibancome singagcini ngokuthi, sigxeke uma benze okubi kuphela. Futhi mabenze kabi kube ukuthi siyagxila kakhulu kukhona, uma uqhathanisa ngesikhathi benze kahle. 

Okwenza ngisho lokho, ezikhathini eziningi kujwayelekile ukuthi kugxekwe ukungaziphathi kahle kwabalandeli ezinkundleni.  Ngeledlule bekunomdlalo wamanqamu eMTN 8, okade useMoses Mabhida Stadium nalapho bekutholene phezulu AmaZulu FC ne-Orlando Pirates.

Sekungumlando ukuthi lo mqhudelwano ugcine unqotshwe eZiMnyama emva kokunqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uMonnapule Saleng (osesithombeni).

Ngaphandle kokugxina emdlalweni okunye engangigxile kukhona ukuziphatha kwabalandeli ababegxwalise inkundla yathi phama. Njengoba umdlalo waqala ngelesithupha kusihlwa, mina ngehora lesithathu ngabe sengisenkundleni.

Engakuqaphela ukuthi yize abalandeli abaningi babedle izinkambi zikaFaru, kodwa ngeke ngaqamba amanga bona baziphatha kahle. Inqwaba yafika kunesikhathi umdlalo uqale,  idlanzana labe selifika umdlalo unemizuzwana uqalile.

Kunesiwombe lapho okwathi ungakaqali umdlalo kwabe sekungena ISILO uMisuzulu kaZwelithini, ehambisana nalowo owabe enguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Okwangichaza kunakhokonke ukubona bonke abantu besukuma, amadoda akhumula izigqoko okwabe kuwuphawu lokuhlonipha ISILO.

Abagcinanga lapho kodwa naseemdlalweni wonke nje abalandeli babeziphatha kahle kwaze kwaba uyaphela umdlalo, nangesikhathi isiqukula indebe iPirates benza okufanayo.

Ngenhlanhla ngahamba enkundleni sekuhambe abantu abaningi baya ezindaweni ezahlukene, nangaphandle kwenkundla akubanga khona into eyenzeka eyaba izikhalazo. 

See Also

Into eyenzeka ngeledlule yenziwa abalandeli ngikholwa ukuthi ikuqinisekisile lokhu kokuthi abakaMTN, sebezofuna ukuthi yonke imidlalo yamanqamu alo mqhudelwano idlale eMoses Mabhida Stadium.

Lo mqhudelwano kumasizini amahlanu edlule, umdlalo wamanqamu usingethwe kule nkundla kane. Iqiniso ukuthi ukube kwakudlalelwa kwesinye isifundazwe, ayengeke aphele amathikithi. Amathikithi aphela uma kudlala iPirates neMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs nePirates, iSundowns neChiefs.

Abalandeli baKwaZulu-Natal abaqhubeke nokuba isibonelo esihle, beziphathe ngezikhathi zemidlalo. 

Nemidlalo eminingi yeBafana Bafana ingakho iyidlalela kule nkundla ngoba abalandeli bayaphuma beze enkundleni, abagcini lapho kodwa baphinde baziphathe kahle bekhombise ukuhlonipha umdlalo

Scroll To Top