ISILO sikhomoza abesilisa ekuvikeleni izingane nabesifazane



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Esikhathini nje esingamasonto amabili ISILO siphuma eMabhida sesingena emgwaqeni nomkhankaso wokuvikela abesifanaze nezingane kuleli.
Osomabhizinisi, umphakathi nezinhlangano zomphakathi zilisabele ikhwelo leSILO lokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Enkulumweni yaso yokuqala emuva kokubekwa eSihlalweni, ISILO sazibophezela ekuholeni umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Sahlaba ikhwelo ezinhlanganweni zomphakathi nakosomabhizinisi ukuba kuhlanganwe kuliwe nalesi sitha esandile eNingizimu Afrika, okungukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Izinhlangano eziningi sezilisabele ikhwelo leSILO.
NgoMqgqibelo ISILO sizohola uhambo lwabesilisa abaphikisana nokuhlukunyenzwa kwabesifanaze nezingane ngaphansi komkhankaso iNational Men’s Day.
IGoodMen Foundation, okuyiyo eqokwe ISILO ukuhlela lomsebenzi, isithole ukwesekwa izinhlangano eziningi futhi ezinezwi emphakathini okuhlanganisa iMultichoice, UHulumeni Wesifundazwe KwaZulu-Natal, Ukhozi FM, iSibaya Community Trust neBidvest McCarthy Volkswagen Durban, iKwaZulu-Natal Christian Council, iCloud Therapist, UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noSpar.
Uhambo luzosuka kusasa ngehora le -9 ekuseni eKing Dinuzulu Park (maqondana neDurban Christian Centre) luphele eHollywood Bets Kingsmead Stadium.