Now Reading
Ichilo lokuhlukunyezwa kwezingane
Dark Light

Ichilo lokuhlukunyezwa kwezingane

Leli sonto bahlobo bami liphethe kabuhlungu. Emibikweni yabezindaba kuvela ukuthi umama thizeni ubulele izingane zakhe ezine. Imbangela yalokhu isaphenywa. Lolu daba akulona olube lubi kepha sizwile nangezingane ezitalajwe ngemvubu esikoleni.

Khona lapho sizwe nangesigwebo esinikwe obeboshelwe ukudlwengula nokubulala abesifazane. Konke lokhu nokunye kuveza isithombe sezwe lapho ababuthaka bengaphephile khona.

Ukuhlukunyezwa kwezingane kulicala, kanti sesike sakhuluma ngakho kulengosi.  Kepha kuyini ukuhlukunyezwa kwezingane?  Ukuhlukunyezwa lokhu bahlobo bami kwenzeka kuyo yonke indawo, kungenzeka esikoleni, ekhaya, esontweni nasemgwaqeni.

Kwenziwa ngumuntu omaziyo noma ongamaziyo. Ukuhlukunyezwa kwezingane okukhulu kwenzeka ngesikhathi loyo okumele afikele noma anakekele ingane leyo eyihlukumeza ngokomzimba noma imizwa. Kwenzeka kuzo zombili izingane zabafana noma zamantombazane.

Uma sesilapha bahlobo bami ngiyafisa ke sikhulume ngezinhlobo

zokuhlukunyezwa

  Ukuhlukumeza ngokomzimba

Yilapho uma ingane ihlukunyezwa emzimbeni njengokushaywa ngesikhali noma into engenza kusale izibazi, inxeba noma ubuhlungu. Lokhu kuyenzeka ngisho ingane ishaywa ngesandla, ibhande, imvubu, uswazi noma intambo kagesi.

Okunye ukuhlukunyezwa yilapho ingane iklinywa khona, idonswa ngezinwele, ikhahlelwa noma ingqutshuzwa ezindongeni.

  Ukuhlukumeza ngokocansi  yilapho ingane ithintwa ngokocansi noma yenziswa imikhuba kokunye ivezelwa izithombe zemikhuba noma umuntu omdala eyifundisa (ngokwenza nangokukhuluma) umkhuba. Lolu hlobo lokuhlukunyezwa livame ukubandakanya abantu ingane leyo esuke ibazi noma isondelene nayo. Lapha ingane iyaluthwa ngezinto ezithile okungaba nguswidi, ukudla, amathoyizi njalo njalo.

Ukunganakwa yilapho umuntu omdala engenzi lokhu okudingakala kuye okungukunakekela ingane.

Lokhu kusho ukunganiki ingane okuyizidingo zayo njengalokhu okulandelayo:

  ukudla, ikhaya, izingubo

  ukunakekelwa kwezempilo

  ukunakekelwa

  nokubhekelelwa

  imfundo nokuya esikoleni

Ukuhlukumeza ngokomoya noma ngokomqondo kwenzeka lapho osuke enakekela ingane esabisa ngokungazinaki, akhombise ukuyikhipha inyumbazane igcine isizobona ilahliwe.

Yiziphi izimpawu zokuhlukunyezwa kwezingane

Izingane zikuthola kunzima ukukhuluma ngokuhlukumezeka kwazo ngakhoi ukwazi izimopawu zalokhu kungasiza.

Izingane ezihlukumezekayo esikhathini esiningi zingaba nokulandelayo:

  izibazi eziba nazo njalo ikakhulukazi ezindaweni ezingajwayele ukuba khona uma zidlala

  zizama ukuchaza ngendlela engazwakali ukuhlukumezeka kwazo

  kazithandi ukuya emakhaya

  ziyakugwema ukuba nabanye abahlukumezayo

  zigwema nokuba nabanye

See Also

  ziyadabukisa

  zihlukumeza ezinye izingane

  iyazilimaza, njengokuzisika

  inamaphupho noma ingakwazi ukulala

  iyahlupha ekilasini okanye esikoleni

  isebenzisa izidakamizwa

Lezi zimpawu akusho nje ukuthi zisho ukuhlukumeza. Kokunye kuba ukuthi izingane zinengcindezi ethile.

Ngingenzenjani uma ngisola ukuthi ingane iyahlukunyezwa?

  ungatshela abezinhlaka zokuvikela

  amaphoyisa

  isibhedlela

  Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top