Ichilo lokuhlukunyezwa kwezingane


Leli sonto bahlobo bami liphethe kabuhlungu. Emibikweni yabezindaba kuvela ukuthi umama thizeni ubulele izingane zakhe ezine. Imbangela yalokhu isaphenywa. Lolu daba akulona olube lubi kepha sizwile nangezingane ezitalajwe ngemvubu esikoleni.
Khona lapho sizwe nangesigwebo esinikwe obeboshelwe ukudlwengula nokubulala abesifazane. Konke lokhu nokunye kuveza isithombe sezwe lapho ababuthaka bengaphephile khona.
Ukuhlukunyezwa kwezingane kulicala, kanti sesike sakhuluma ngakho kulengosi. Kepha kuyini ukuhlukunyezwa kwezingane? Ukuhlukunyezwa lokhu bahlobo bami kwenzeka kuyo yonke indawo, kungenzeka esikoleni, ekhaya, esontweni nasemgwaqeni.
Kwenziwa ngumuntu omaziyo noma ongamaziyo. Ukuhlukunyezwa kwezingane okukhulu kwenzeka ngesikhathi loyo okumele afikele noma anakekele ingane leyo eyihlukumeza ngokomzimba noma imizwa. Kwenzeka kuzo zombili izingane zabafana noma zamantombazane.
Uma sesilapha bahlobo bami ngiyafisa ke sikhulume ngezinhlobo
zokuhlukunyezwa
Ukuhlukumeza ngokomzimba
Yilapho uma ingane ihlukunyezwa emzimbeni njengokushaywa ngesikhali noma into engenza kusale izibazi, inxeba noma ubuhlungu. Lokhu kuyenzeka ngisho ingane ishaywa ngesandla, ibhande, imvubu, uswazi noma intambo kagesi.
Okunye ukuhlukunyezwa yilapho ingane iklinywa khona, idonswa ngezinwele, ikhahlelwa noma ingqutshuzwa ezindongeni.
Ukuhlukumeza ngokocansi yilapho ingane ithintwa ngokocansi noma yenziswa imikhuba kokunye ivezelwa izithombe zemikhuba noma umuntu omdala eyifundisa (ngokwenza nangokukhuluma) umkhuba. Lolu hlobo lokuhlukunyezwa livame ukubandakanya abantu ingane leyo esuke ibazi noma isondelene nayo. Lapha ingane iyaluthwa ngezinto ezithile okungaba nguswidi, ukudla, amathoyizi njalo njalo.
Ukunganakwa yilapho umuntu omdala engenzi lokhu okudingakala kuye okungukunakekela ingane.
Lokhu kusho ukunganiki ingane okuyizidingo zayo njengalokhu okulandelayo:
ukudla, ikhaya, izingubo
ukunakekelwa kwezempilo
ukunakekelwa
nokubhekelelwa
imfundo nokuya esikoleni
Ukuhlukumeza ngokomoya noma ngokomqondo kwenzeka lapho osuke enakekela ingane esabisa ngokungazinaki, akhombise ukuyikhipha inyumbazane igcine isizobona ilahliwe.
Yiziphi izimpawu zokuhlukunyezwa kwezingane
Izingane zikuthola kunzima ukukhuluma ngokuhlukumezeka kwazo ngakhoi ukwazi izimopawu zalokhu kungasiza.
Izingane ezihlukumezekayo esikhathini esiningi zingaba nokulandelayo:
izibazi eziba nazo njalo ikakhulukazi ezindaweni ezingajwayele ukuba khona uma zidlala
zizama ukuchaza ngendlela engazwakali ukuhlukumezeka kwazo
kazithandi ukuya emakhaya
ziyakugwema ukuba nabanye abahlukumezayo
zigwema nokuba nabanye
ziyadabukisa
zihlukumeza ezinye izingane
iyazilimaza, njengokuzisika
inamaphupho noma ingakwazi ukulala
iyahlupha ekilasini okanye esikoleni
isebenzisa izidakamizwa
Lezi zimpawu akusho nje ukuthi zisho ukuhlukumeza. Kokunye kuba ukuthi izingane zinengcindezi ethile.
Ngingenzenjani uma ngisola ukuthi ingane iyahlukunyezwa?
ungatshela abezinhlaka zokuvikela
amaphoyisa
isibhedlela
Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com