Now Reading
Abakwa sidlodlo bababaza izibalo zobugebengu eMpangeni
Dark Light

Abakwa sidlodlo bababaza izibalo zobugebengu eMpangeni

Indawo yaseMpangeni kuthiwa  iyona ehamba phambili ngamacala okubulala, ukwebiwa kwemfuyo  nokudlwengulwa kwabantu abadala nezingane KwaZulu-Natal. Lokhu kuvezwe uLieutenant Colonel uSimiso Biyela (osesithombeni) osehhovisi lamaphoyisa eKing Cetshwayo ngenkathi umasipala wasekulesifunda unezingxoxo namakhosi eShowe izolo.

“IKing Cetshwayo ineziteshi zamaphoyisa eziningi okuyizona ezibaluleleke kakhulu uma kuza ekulwisaneni nobugebengu futhi zonke zisebenza ngokuzikhandla.”  IMpangeni ibalwa kunombolo-30 eNingizimu Afrika uma kuza emadolobheni anobugebengu obuningi, iphinde iphume endaweni yesibili KwaZulu-Natal,” kuchaza uLt Biyela. Uthe yize amaphoyisa engenalo ulwazi lokuthi yini imbangela yokunyuka kobugebengu kulendawo kodwa basola ukwentula kwamathuba emisebenzi.

“Abantu basuka ezindaweni ezikude ezahlukene beze emadolobheni aseKingcetshwayo bezofuna impilo encono bagcine bengayitholi imisebenzi bese ephendukela ebugebengwini. Uthola ukuthi omunye ngokuhlukumezeka kwakudala wangathola ukwelulekwa ugcina esenentukuthelo emenza agcine esenyukubeza abanye abantu,” kuchaza uLt uBiyela.

Uqhube wathi yize ekhuphuka amacala okuntshontshwa kwemfuyo kulendawo kodwa okubulala nawokudlwengula Iwona ahamba phambili, ngakho abomthetho basebenza ubusuku nemini ukwehlisa izinga lawo. “Isiteshi ngasinye sinendawo ehlola amacala okudlwengula ukuze uma kufika isisulu kubekhona abaqeqeshiwe abazoseluleka ngokwengqondo ngaphambili kokuthi amaphoyisa athathe isitatimende.”

See Also

Uthe liyathembisa izinga lokuxazululeka kwalamacala kuleli dolobha yize kungelula ukuthi asheshe aphele ngoba uphenyo lwawo luthatha isikhathi eside.  IMeya uMnu uThami Ntuli, ithe benza okusemandleni njengabaholi ukulandela nokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa enza umsebenzi ofanele ukuxazulula amacala obugebengu kulendawo. “Thina okwethu ukugada izibalo sibone ukuthi ziyehla noma ziyenyuka. Okusemqoka ukuthi nathi sibambe iqhaza sisebenzisane nabomthetho nomphakathi ukuze wonke umuntu ezozizwa ephephile,” kuchaza uNtuli.

Scroll To Top