Udlame nokubulalana kuvukuze imibhikisho eFlorida



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izakhamizi zaseFlorida kanye nabafundi ngoMgqibelo bahlangane eParkland befuna uHulumeni wase-USA ushaye umthetho wezibhamu ukuvikela abantu base-USA abangenacala. Umbhikisho uza ngemuva kwezigameko eziningi zokudubulana kwabantu abaningi, okuhlanganisa nesigameko sokubulawa kwabantu esikoleni samabanga aphansi e-Uvalde, eTexas ngenyanga edlule, okwashiya izingane eziyishumi nesishiyagalolunye nothisha ababili beshonile. Esinye isigameko sokudubula senzeke eBuffalo, eNew York, lapho ushayasibhamu ebulale abantu abayishumi ekuhlaselweni okucwasa ngokwebala.
IFlorida Parkland yaphila ngesikhathi sokudubula esikoleni samabanga aphezulu okwashona eminyakeni emine edlule. Ngomhla zili-14 kuNhlolanja wezi-2018, usuku lweValentine, uNikolas Cruz oneminyaka eli-19 ubudala wavulela ngenhlamvu kubafundi nabasebenzi baseMarjory Stoneman Douglas High School, kwashona abantu abali-17 kwalimala abanye abali-17.
UCruz wayengumfundi wangaphambilini esikoleni, futhi amaphoyisa nomakhelwane babazi ngezindaba zakhe zokuqondiswa kwebugwegwe kanye nokuziphatha okungavamile. Waxoshwa esikoleni ngenxa yokulwa kodwa uCruz wayesakwazi ukuthenga i-AR15 ngokusemthethweni eneminyaka eyishumi nesishiyagalombili. “Siphukile futhi sizohlale siphukile. Sifanelwe okungcono, izingane zethu zifanelwe okungcono. Ngeke sime futhi abenzi bomthetho kufanele benze okuthile. Angiboni ukuthi sihlukene ngaleyo ndlela. Ngiyazi ukuthi kukhona esivumelana ngakho,” kusho uFran Sullivan, uthisha eParkland.
Lo mbhikisho uphinde walandela enye impelasonto egcwele udlame lwezibhamu. Abantu abayishumi nesikhombisa bashonile, kwathi abanye abangama-62 balimala ezigamekweni eziyishumi nanye zokudubula e-United States ngempelasonto edlule.
“Angikaze ngicabange ukuthi ngizophinde ngibe lapha ngalesi sikhathi kusukela saya eWashington nalezo zingane samasha. Bengicabanga ukuthi kuzodlula, kodwa kuyaqhubeka kwenzeka. Kube nezigameko zokudubula eziyishumi nanye kule mpelasonto edlule. Uyazi ukuthi yini esicabanga ukuthi kufanele siyenze? babambe lawo maSenator angeke avotele le mithetho yezibhamu abe necala,” kusho uSusan Rioux, umxhumanisi wokwelulekwa eParkland.
Ngemuva kwalesi sigameko, abafundi baseParkland basungule iNever Again MSD, okuyiqembu elilwela ukulawulwa kwezibhamu. Bakwazile ukukholisa abaphathi beRepublican neSishayamthetho ukuthi baguqule imithetho lapha eFlorida.
NgoNdasa wezi-2018, uMbusi uRick Scott wabe esesayina umthethosivivinywa osebenzisa imikhawulo emisha, okuhlanganisa nokukhulisa iminyaka yokuba nesibhamu ibe ngama-21 futhi wasebenzisa isikhathi sokulinda sezinsuku ezintathu ukuze athenge izibhamu eziningi.