WAFA WAFA: Akwaziwa mbhantshi kujiya kwezikaMagebhula noSuthu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyinto engabuzwa ukuthi kuzoba “uWafa Wafa”, emdlalweni ophakathi kwa-AmaZulu FC ne-Orlando Pirates.
La maqembu azotholana phezulu kowamanqamu koweMTN 8, lo mdlalo uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Okuzokwenza lo mdlalo uhlabahlose, ukuthi abalandeli bazobe begcwele inkundla njengoba amathikithi kungaphelanga izinsuku ezingakanani aphela. Okunye ukuthi abadlali baMaZulu FC bazofuna ukuqeda ishobolo leminyaka leli qembu lagcina ukunqoba isicoco, baphinde bafeze iphupho likaSihlalo weqembu uSandile Zungu okwathi makuqala isizini wathi leli qembu kumele nakanjani linqobe inkomishi. Ngasohlangothini lwePirates ingelinye lamaqembu amakhulu, ibheke ukuba ijabulise abalandeli bayo kwazise side isikhathi ingafaki lutho ekhabetheni.
ElaboHlanga libheka abadlali ababhekiwe, ukuthi begqame kuwona womabili amaqembu.
AmaZulu FC
UGabadinho Mhango: Lo mgadli waseMalawi uma kungathiwa ezakhe zinqoba lo mdlalo, uzoba owokuqala ukuba umdlali onqobe iMTN 8 namaqembu amathathu. Wayinqoba neBidvest Wits wabe eseyinqoba nePirates kabili kulandelana. Uzobe ebhekene neqembu asanegqubu nalo njengoba, ahamba kulo kungasekuhle.
UGeorge Maluleka: Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-33 amava akhe azobe ebhekiwe ukuthi asizela Usuthu. Emdlalweni owandulela owamanqamu, waqokwa njengomdlali ovelele bebhekene neChiefs khona neKaizer Chiefs khona eMoses Mabhida Stadium. Kusukela kufike uRomain Folz, udlala kahle kakhulu.
UVeli Mothwa: Ukuba kwakhe ngunozinti weBafana Bafana kuqinisekisa ukuthi impela uvimba kahle, nakulo mdlalo uzobe ebhekiwe. La maqembu ebhekene koweligi, wavimba kakhulu wave wabamba nephenathi kaNkosinathi Sibisi. Uzobe ebheke ukunqoba indebe yakhe yokuqala.
URamahlwe Mphahlele: Yize kwabe kukhona akade bemungabaza kodwa, indlela adlala ngayo iyagculisa kakhulu ngokubambisana no-Abbubaker Mobara. Amava akhe okunqoba izindebe, azosebenza kakhulu odongeni la-AmaZulu FC.
UMakhehleni Makhaula: Kulindeleke ukuthi alale ingubo eyidonsa ngamazinyo njengoba ezobe ebhekwe ukuba abe “uSgwinya” konke enkabeni yesisu. Yize engashayi magoli kodwa ukusebenza kwakhe ngempumelelo esiswini yikho okuzonqobisa ezikaZungu.
Orlando Pirates
USiyabonga Mpontshane noRichard Ofori: Konke kulele kumqeqeshi weZimnyama ukuthi uqalisa bani ezintini. Uma kuqala uMpontshane, ubhekene nomqansa wokugeza igama lakhe njengoba ngeledlule koweSoweto Derby engenelwe igoli elibukeke njengehlazo. U-Ofori yena uzobe ebheke ukuthi aye kwiNdebe YoMhlaba, enokuzithemba okukhulu.
UNkosinathi Sibisi: Ebhekene noSuthu koweligi washweba iphenathi, kulokhu naye ubheke ukuthi ageze igama lakhe ngokuvimba kwasani emumva ngokubambisa no-Olisa Ndah.
UNdabakayithethwa Ndlondlo: Uma eteketiswa kuthiwa “Ndlondlo bashise”, uzobe ebhekiwe ukuthi abashise ngempela abadlali baseswini boSuthu. Lo mdlali yonke into ayenzayo iyagqama njengoba kunguye osuke emfishane enkundleni. Indlela aphasa ngayo iyingozi kakhulu, kodingeka luhlakaniphe udonga loSuthu.
UMonnapule Saleng: IPirates iyodlala kowamanqamu nje kungenxa yaso lesi sikhwishikhwishi, esiyibamba ezinhlangothini. Kowandulela owamanqamu wavalela phakathi amagoli amabili, waqokwa njengomdlali ovelele. Ubhekwe ukuthi azoqedelela umsebenzi wakhe.
Abaqeqeshi
URoman “Fohloza” Folz: Ungumqeqeshi omncane kunabo bonke kwiDStv Premiership, angazifaka emladweni impela ukuthi asize Usuthu lunqobe inkomishi ekubeni liqeda iminyaka engama-90 nonyaka labakhona. Uza kulo mdlalo ngokuziqhenya njengoba ngeledlule ubeqala ukunqoba, kusukela afika lapha eNingizimu Afrika. “Njengoba ngike ngasho mhla ngifika kuleli qembu, ibhola aliyilutho ngaphandle kwabalandeli. Sidlalela bona futhi sifuna ukubenza baziqhenye. Sizokwenza konke okusemandleni ethu kuyo yonke imidlalo futhi uma kusifanele ukunqoba, sizonqoba,” kusho uFolz.
Jose Riveiro: “Asidlalanga kahle ngeledlule nokwasenza saglulwa kowomkhaya, ekuqaleni kwesonto sisebenze ngendlela ehlukile ngoba kusasa sifuna ukuba iqembu elihlukile. Kumnandi ukuqala isonto nazi ukuthi niyodlalela inkomishi wonke umdlali unomfutho wokuthi ufuna ukusiza iqembu ekutheni ekupheleni kosuku libe ngompetha” kusho lo mqeqeshi.
Uzobe ebheke ukuthi anqobe indebe yokuqala naleli qembu.
Indlela yokufika kowamanqamu:
AmaZulu FC
Last 8
Cape Town City (1) AmaZulu (2)
Semi-Final
Chiefs (1) AmaZulu FC (1) kumlenze wokuqala
AmaZulu FC (0) Chiefs (0) kowesibili
*Ngokushaya igoli ekuhambe AmaZulu FC adlulela phambili.
Pirates:
Last 8
Royal AM (1) Pirates (2)
Semi-Final
Pirates (0) Mamelodi Sundowns (0) kumlenze wokuqala
Sundowns (0) Pirates (3) kowesibili
Umlando walo mqhudelwano:
Waqala ngonyaka we-1972 nalapho wabe ubizwa khona ngeBP Top 8 kwaze kwaba unyaka wezi-2022. Kuthe ngonyaka wezi-2003 kuya kowezi-2007 waba iSAA Super 8. Ube usuba iMTN 8 kusukela ngowezi-2008.
Iqembu eliseke lawunonqoba kakhulu iChiefs amahlandla ali-15, okuyilo iqembu elivikela isicoco iSundowns.
Owunqobile lo mqhudelwano ugoduka nezigidi eziyi-R8.