Kugcine kulungile kumfo kaMhayise obentula imali ukuze ayomela izwe kwezosozinyama eSpain
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukungahlali phansi kodwa aphume ahambe ecela usizo kumusizile ukuthi egcina ekwazi ukuthi ayomela iNingizimu Afrika uNjabulo Lemon Hlatshwayo.
Leli bhungu elingusozinyama nelidabuka eSikhawini lenza umdlalo ongajwayelekile obizwa nge-International Federation Body Building & Fitness (IFBB), lo mdlalo ngowokubukisa ngezicubu zomzimba. Liyingxenye yalabo abakumqhudelwano wamazwe obizwa nge-IFBB Men’s Championship & IFBB Women’s World Cup. Lo mdlalo owasungulwa ngonyaka we-1976, uzobanjelwa eSanta Susana, eSpain.
Lo mqhudelwano uqale kusukela izolo ngoLwesine, yena uHlatshwayo ufulathele elakuleli ngoLwesibili. “Ngijabule kakhulu ukuthi iphupho lami ligcine lifezekile. Zike zaba khona izikhathi lapho bese ngithi ngeke ngiyithole lemali edingakalayo. Kodwa futhi ngangibuye ngizinike ithemba, lokuthi uma nginganqonqoza eminyangweni ethize mhlambe kungalunga nakhu namhlanje ngilibhekise khona eSpain ukuyomela izwe lami” kusho uHlatshwayo.
Uthe okuyibo abamusizile iMeya yakuMasipala uMhlathuze uXolani Ngwezi, iCafe Gym eseRichards Bay naziqeqesha kuyo, kube inkampani iDeynecke Engineering kanye nasondelene nabo.
Phambilini elaboHlanga labika ngaloludaba, nalapho khona kwakubukeka uHlatshwayo wayeselilahlile khona ithemba esetusa ukuthi noma ubani ucela ukuba amxhase ngoba ziyashaya izinsuku zokugcina.
Ngokusho kwakhe uHlatshwayo oneminyaka yobudala engama-27, uthi waqala ukuzijimela ngonyaka wezi-2018. Kuthe ngonyaka wezi-2019 wabe esejoyina lo mdlalo.
Nyakenye udlale umqhudelwano obusingethwe esifundazweni iKwaZulu-Natal, kanye nowakazwelonke nalapho aphuma khona indawo yesibili kuyona yomubili imiqhudelwano. Kulo nyaka ubuye ngelikhulu ishodi njengoba kunguyena obaqwaqwade bonke emakhanda esifundazweni iKwaZulu-Natal, kwathi kowakwazwelonke waphuma endaweni yesibili.
Njengoba ezoqala kusasa ngoMgqibelo ukuba atshengise ikhono lakhe nje, uthe uzimisele ngokwenza kahle.