Now Reading
Akudikizi nqulu ngeminyaka yobudala kuTjiane ngoba usashiya ngisho isithunzi
Dark Light

Akudikizi nqulu ngeminyaka yobudala kuTjiane ngoba usashiya ngisho isithunzi

Yize iminyaka isihambile kodwa uthi usazoqhubeka nokugijima uCharles Tjiane, inqaba nje uma esakwazi ukuhlula inqwaba kwimiqhudelwano emikhulu.

Lo makadebona kwezokusubatha, uneminyaka engaphezulu kwengama-20 njengoba aqala ukugijima ngonyaka we-1998.

Kumqhudelwano waminyaka yonke iComrades Marathon, ekade is ezinyangeni ezedlule waphuma endaweni yesishiyagolulunye ngesikhathi esiwu (05:47:04). 

“Uma ngisakwazi ukuqeda iComrades Marathon, yini engangenza ngiyeke ukugijima ngoba kuchaza khona ukuthi ngisakwazi ukugijima. Kunentsha eningi ehlulekayo ukuyiqeda iComrades, ngaphandle kwayo miningi imiqhudelwano engiyiqedayo. Iminyaka nje izinombo, amathambo nomzimba wami usangivumela” usho kanje uTjiane.

UTjiane uneminyaka yobudala engama-48, ungowokudabuka eLimpopo kodwa manje usefihla ikhanda e-Alexandra Township, eGoli.

Muva nje ubethola iziqu zakhe zokuba ngumqeqeshi, nathe iyona into azogxila kuyona mhlazane eshiya phansi ukuba umgijimi.

“Kungekudala ngizolibhekisa eLimpopo kanye nabaxhasi bami uMr Price, nalapho sizobe siyovula igantsha khona. Inhloso yethu kuyobe kuwukuthi siyovundulula ikhono kakhulu kazi entsheni. Ngiyafuna ukuthi isifundazwe engidabuka kuso naso sibalwe nezifundazwe ezenza kahle kwezokusubatha” usho kanje.

Izifundazwe ezihamba phambili lapha eNingizimu Africa ngabasubathi abanohlonze IKwaZulu-Natal, iNorth West kanye neGauteng.

NgeSonto uTjiane uzobe egijima umqhudelwano wokugcina kulo nyaka, okuzobe kwiyiSoweto Marathon. Lo mqhudelwano kuzobe kungokokuqala ugijima, kusukela kwama ngesikhathi sokhuvethe.

“Ngizilungiselele kakhulu ukuthi ngenze kahle kulo mqhudelwano, ngifuna ukuwuvala kahle unyaka. Ngeke ngakusho engikufisayo kuwona, abantu bazobona ngeSonto ukuthi ngenza njani” kubeka uTjiane.

ISoweto Marathon kuzobe kungunyaka wama-27 igijinywa, kulindeleke abasubathi abangaphezulu kwabayinkulungwane ezingama-20. Ingeminye yemijaho emikhulu kwazise inhloso yawo kuwukuhlonipha amaqhawe, afana noHector Peterson.

Ingakho nomzila okuhanjwa kuwo kudlulwa izindawo okukhona iRegina Mundi Catholic Church, Hector Peterson Memorial, Vilakazi Street, Walter Sisulu Square neCredo Mutwa Cultural Village.

See Also

Ozonqoba lo mjaho ebangeni lama-42,2 km uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R250, olele isibili ahambe nezinkulungwane ezingama-R120, kweyesithathu athole ezingama-R90. Ebangeni lika-21km ozonqoba khona uhamba nezinkulungwane ezili-R10 kuthi onqobe ebangeni lika-10km ahambe nezinkulungwane ezinhlanu.

UTjiane ufisele okuhle kodwa intokazi ezobe imele iNingizimu Afrika koweNew York Marathon uGerard Steyn.

“Ungumsubathi engimhlonipha kakhulu ngimfisela okuhle kodwa, aqhubeke nokubeka iNingizimu Afrika phezulu” usho kanje.

Kumjaho weNew York Marathon edlule ngowezi-2019 uGerard waphuma endaweni ye-11 ngesikhathi esiwu (2:27:48).

Kuzo ezokusubatha mhla zingama-26 kwephezulu kulindeleke ukuthi ubeseqopheleni eliphezulu umjaho obizwa ngeDrakensburg Marathon nobuwaziwa ngeJosiah Gumede.

Scroll To Top