Ubonga abamesekile ecishe ephangalala eziqeqesha usomankomane
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USiyabonga “Destroyer” Mpangele uthi kuze kube imanje kusenzima ukuthi akhumbule okwamehlakalela, kodwa utusa labo abamusekile ngesikhathi ebhekene nobunzima.
Lo somshayisibhakela zili-17 kuMandulo wabe eqhubeka namalungiselelo akhe okulwela isicoco somhlaba, kodwa akabange esaqeda njengoba ashayeka phansi maqede wakhihliza amagwebu eseThekwini Boxing Gym lapho kuziqeqeshela khona amabhokisa aseLudonga.
USiyabonga waseMevamhlophe, eMpangeni, wabe esephuthunyiswa esibhedlela, i-Addington, eThekwini. Wahlala isikhathi kwaze kwaba ukuthi uyaphuma, uyosizwa umndeni wakhe. Ngokuthola koDokotela wabe eshawe isifo sohlangothi.
“Ngiyakhumbula okwenzeka ngesikhathi ngizilungiselela impi engabe ngiyibheke ngabomvu ukuthi ngiyinqobe, kodwa lokho akubange kusenzeka. Indlela engangilungele ngayo ukuba seringini ngaleza zinsuku, ngangingashaya noma imuphi umshayisibhakela ngoba ngangiziqeqeshe ngokwanele. Ngibonga kakhulu umndeni wami ngokuba ungilekelele ekutheni ngilulame kancane kancane. Ngabe angibenzi ubulungiswa uma kungathiwa angimubongi umqeqeshi wami uSizwe “Bhubesi” Mthembu, owaba nami kusukela ngosuku lokuqala ngilimala kwaze kwaba ngiza lapha ekhaya futhi uhlezi ethinta umndeni ebuza ngami” kusho uSiyabonga.
USiyabonga wabe ezilungiselela impi ayezoyilwa noGcina “Double G” Makhoba kweyeWBF Junior Bantamweight, ezimpini ezabe zimhlaka zimbili kwephezulu eCity Hall, eMgungundlovu.
Lempi yabe ingezinye izimpi ezinkulu ezazihlelwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi. Kodwa impi okwabe kungeyosuku eyayiphakathi kukaMoruti “Babyface” Mthalane ozoxhimfana noDiomel Diocas wasePhilippines kweyomhlaba, kwiFlyweight.
Ukulimala kukaSiyabonga kwathusa abaningi kwazise ngoNhlangulana nonyaka kwadlula emhlabeni uSmiso “Gandaganda” Buthelezi waseDumbe emva kokuthi ephuthunyiswe esibhedlela ebhekene noSiphesihle Mntungwa kwe-WBF eGreyville Convention Centre eThekwini.
Eqhuba uSiyabonga uthe: “Ngiyazi ukulimala kwami kwathusa abaningi kodwa nakanjani, uma ngilulama ngizobuyela esibhakeleni. Kusakuningi engisafisa ukukuzuza kulo mdlalo, okunye kwakho ukuphatha ibhande elihlonishwayo” usho kanje.
Esibhakeleni esikhokhelayo uqale ukulwa kusona ngonyaka wezi-2016, impi yakhe yokuqala watholana phezulu noNjabulo Mkhwanazi nabadlala ngokulingana. Ugcine ukuba seringini mhla zingamana-27 kuNdasa elwa noMpilo Cele namhlula ngomnqimuzo womlalisaphansi.
Uselwe izimpi ezili-10, unqobe eziyisikhombisa, wahlulwa kwezimbili wadlala ngokulingana kweyodwa.
ElaboHlanga likhulume noyise kaDestroyer uMcebisi Mpangele, nothe kuyabajabulisa ukuthi indodana yabo iyalulama.
“Kube isikhathi esinzima kuthina siwumndeni, kodwa siqinile sabumbana sahlala ethembeni lokuthi uSiyabonga uzolulama. Akusafani manje, engingakusho nje iminye yasonyaweni sokudla ibuye ingasebenzi, kodwa siyazama ukuyixilonga. Sibonga umqeqeshi wakhe owasithinta ngesikhathi, nebala sasukuma siwumndeni” kusho uMpangele.
Uthe unethemba lokuthi ngoMasingana indodana yakhe iyobe isikulungele ukuthi ingaqala izilolonge, futhi bazoyoseka ekutheni ithole ithuba lokuba ilwele ibhande.
UMthembu naye okhulume nelaboHlanga uthe kuyamjabulisa ukubuya kwalo mshayisibhakela amthatha njengompetha wakhe.
“Ngeke ngingajabuli ukuthi useyaqala ukululama uSiyabonga, uyena engithembele kuyena kulaba engibaqeqeshayo. Amava anawo makhulu kakhulu, ngiyathemba futhi ukuthi ukube walwa noMakhoba ngabe ibhande likuyena. Ukulimala kwakhe kwangithusa ngoba kwakungakaze kwenzeka phambilini, kodwa futhi kwangiqwashisa ukuthi uma ungumqeqeshi kumele ulinakekele ibhokisa lakho njengengane” kusho uMthembu.
Kuzo ezithinta ezamankomane mhla zingama-26 kuLwezi iLudonga Boxing Promotions izohlela izimpi ezisazomenyezelwa.