Now Reading
Owomkhaya baseSoweto hleze ucacise ngokuthi uyaphi uZwane
Dark Light

Owomkhaya baseSoweto hleze ucacise ngokuthi uyaphi uZwane

Kuzohlukana izindlela kusasa ngoMgqibelo izinkulungwane zabantu zizobe zilibhekise eMoses Mabhida Stadium lapho ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizobe sizonikezwa isitifiketi, kanti enye indlela kwizinkulungwane zabantu izobe ibheke eFNB Stadium lapho kuzobe kunomdlalo ophakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Kuzobe kungokokuqala emva kweminyaka emibili la maqembu etholana kunabalandeli enkundleni. Egcina ukutholana kunabalandeli zabe zingama-27 kuNhlolanja ngonyaka wezi-2020, sekungumlando ukuthi iChiefs yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uLebogang Manyama (osesithombeni).

NgoLwesibili kuvele ukuthi asephelile ukudayiswa amathikithi alo mdlalo, kusho ukuthi abantu abayizinkulungwane ezingama-93 bazobe bewubuka bukhoma.

Okuzokwenza lo mdlalo ube nesasasa, ukuthi eminyakeni edlule kuke kwaba nezikhalazo zokuthi awusafani nakuqala. Lapho wonke umlandeli wayekulangazelele ukubuka iSoweto Derby. Abadlali abazobe bedlala bazofuna ukuba babuyise isithunzi ngokuthi badlale ingcwenga yebhola. Eminyakeni edlule bekwaziwa kahle ukuthi bakhona oScara Ngobese noJabu Pule/Mahlangu kwiChiefs, kweZimnyama khona bekhona oSteve Lekolea noJoseph Makhanya.

Okumqoka kwiChiefs, ukupholisa izinhliziyo zabalandeli bayo  njengoba ngeledlule ikhishwe uSuthu  kabuhlungu koweMTN 8. Ukuhlulwa kwayo kungabeka umsebenzi ka-Arthur Zwane engcupheni, kwazise useyiqaqa kubalandeli bathi akashenxe usehlulekile.

See Also

Ukunqoba kwePirates kuzoba isikhuthazi esihle kuyona ukuthi ngempelasonto ezayo izoya kowamanqamu eMTN 8 ihambela phezulu ngokuhlula omkhaya bayo.

Abadlali ababhekiwe ukuthi bagqame kulo mdlalo ngasohlangothini lwePirates uMonnaleng Saleng ovuthayo, uNdabakayithethwa Ndlondlo noKermit Erasmus kanti ngakwiChiefs khona kubhekwe uKeagan Dolly, uKhama Billiat no-Ashley Du Preez.

Scroll To Top