Now Reading
ISILO esiphahlwe ngamalanga amabili: Isinqumo esenziwe ngale kwethuna
Dark Light

ISILO esiphahlwe ngamalanga amabili: Isinqumo esenziwe ngale kwethuna

Iva elabe selihlabe uZulu isikhathi eside labangulwa iNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu ngomlomo kaMehluleli uMadondo iNkantolo ihlukanise inhloko nesixhanti ecaleni elinguNombolo: 2751/2021P.

La macala ngokuhlela kweNkantolo ayehlukene izigaba ezintathu; elokuqala labe lithinta incwadi yamafa eyasayinwa ngoLwezi ngowezi-2016 nokwakuwumlayelo wokugcina weSILO esidala emndenini waso. Ingxenye yesibili yabe imayelana nodaba obelufakwe ngaMakhosazane eSILO esidala esawathola eSigodlweni KwaKhethomthandayo.

AMakhosazana lawa okunguNtandoyenkosi Zulu kanye noNtombizosuthu oganele kwaDuma. Babekhala ngokuthi akuyona iNdlondlo esayine encwadini yamafa. Isigaba sesithathu kwabe kuyicala elalifakwe ngumnewabo weSILO esidala uMntwana waseKwezi  uMbonisi Zulu.

UMehluleli uMadondo wawachitha amacala amabili elikaNdlunkulu uMaDlamini noMntwana uMbonisi. Kuleli lesithathu uMehluleli wedlulisela isinqumo esingujuqu eNkantolo eyayizolalela izethulo zomlomo.

Ephawula ngaleso sikhathi uMehluleli wathi lokhu wakwenza ngoba kube nokuphikisana kongoti ekuthenini ngabe yiSILO esidala yini esasayinayo. Isinqumo odabeni lukaNdlunkulu uMaDlamini asasibhekwe ngabovu ngaMakhosi ezizwe noHulumeni imbala ngoba ukube isicelo sakhe saphumelela bekuyosho ukuthi amasiko ezizwe zaboHlanga athize ayezophazamiseka.

Ayekukhulekela eNkantolo uNdlunkulu wukuthi umshado wakhe uthathwe njengokuyiwo osemthethweni kuthi laba abanye oNdlunkulu bangabi nesabelo esilingana nesakhe, yena athole ingxenye elingana nekaMdlokombana. Lokhu uMadondo wakuchitha ngezizathu ezahlukene kepha esaba mqoka yileso sokuthi uma iNkantolo isivuma kuyoba nomthelela ongemuhle kwabanye oNdlunkulu kanye nakuBantwana babo njengoba bekuyosho ukuthi batholakale ngaphandle komshado.

Okunye akugcizelela yikuthi inqubo kaZulu nayo ivikelekile emthethweni yezwe. Ngaleso sikhathi uMadondo wakugcizelela ukuthi kukhona okusilele ezethulweni zakhe uNdlunkulu nokwenza isicelo sakhe kwalula ukuba siphikiseke.

Kumadodakazi eSILO esidala,  iNkantolo yathi yize aMakhosazana ayefuna ukumisa uhlelo lokubekwa eSihlalweni abazange bakuphikise ukuthi amalungu omndeni waseNdlunkulu aqoke uMntwana uMisuzulu njengeNgonyama yamaZulu.

Engxenyeni yomnewabo weSILO esidala iNkantolo yama ekutheni akanalo ilungelo njengoba engeyona ingxenye yombango futhi kungekho nomuntu obanga noqokwe njengeSILO. Yize kwabanye kwakukhona  umuzwa othi yize iNkantolo yanquma kepha akekho owaphumelela njengoba oxabene kungumndeni. Inkantolo yabe isinquma ukuthi elibalahlile icala kuyomele bakhokhe izindleko zecala.

Zase zikhona izinkulumo ezithi kukhona abaxhasa labo abakade befake icala omunye nje wabameli ElaboHlanga elakhuluma naye wakuqinisekisa ukuthi kungahle kube nenkinga.  Waphawula kanje,“Abaholi kuzo zonke izinhlangothi ngizwe bekhala ngenkokhelo, bekukhona abebede bephosa kepha akwanele iningi imali esele yabameli nokusazophuma izincwadi zifuna inkokhelo”

UMengameli usezokwenza ngakhona

NgoMgqibelo  uHulumeni uzokwenza ngakhona esekhipha isitifiketi sokwamukela iSILO nokusibungaza.  UMehluleli uMadondo wakuveza ukuthi  kukho konke ukukhuluma obekukhona udaba lweSihlalo nosehleli kuso  alungeni ezindabeni zamafa futhi wakugcizelela  ukuthi akukho okuvimba ukuba iNkosi ingene eSibayeni njengoba kwenzeka mhla zingama kuNcwaba kwephezulu.

Isinqumo senkantolo yaseMgungundlovu savumelane nokwashiwo yiSILO esidala encwadini yamafa nesaqoka iGwalagwala, INdlovukazi uMaDlamini naleso yona iNdlovukazi esakushoyo ekutheni ngubani okumele ahlale eSihlalweni.

See Also

Ngesikhathi sokuloba lapha elaboHlanga lase liqale umkhankaso wokuphoqa uMengameli wezwe ukuba enze ngakhona.

Encwadini eyabhalelwe uMengameli elaboHlanga lathi: “Egameni likaZulu osewalala, ophilayo nosazozalwa kanjalo nabeNguni bonke kanye naboHlanga sithi uMengameli akenze ngakhona akhiphe incwadi le okuthiwa ikuye ngokomthetho.   Kuwumbono wethu ukuthi uma lesi simo siqhubeka isiko liyobe libulewe ngokuphindaphindiwe ikakhulukazi nxa kuyoshaya umhla zili-12 kuNdasa ingekho eSihlalweni ngokwemithetho yezwe iNkosana kaZulu Kungumbono wethu futhi ukuthi isiphetho kulolu daba siyosho ukubuya kokuhlonipheka kweSihlalo esavikelwa ngokhokho bethu endulo. Khona lapho kuyosho ukuhlonipha uMdlokombana oluphawu lobunye kuZulu wonkana”, kusho incwadi yelaboHlanga.

Yaphetha  ngokuthi: “Siyohlonipheka nxa lokhu ukwenza lungakashayi usuku lokugubha unyaka kwebuza uMdlokombana. Ngokwenza njalo uyobe usihloniphile wahlonipha ngisho okhokho besenhlabathini abakha leli lizwe neSihlalo ngezingazi zabo. Yithi izizukulwane nezindlamvuzo zabalingani beSihlalo esabunjwa yiLembe nokhokho bethu endulo”. 

Nebala elaboHlanga lathola ukuthi uMengameli wezwe uzovumelana nombiko kaMacingwane nongatholanga bufakazi obutheni obekungamisa ukuba iSILO esiseSihlalweni samukelwe nguHulumeni.

Uphenyo lethimba likaMacingwane lahluleka lancama ukuhlanganisa ababengaboni ngasolinye. Okunye ithimba elaphuma kunamagama amabili labuye lathola nelinye igama elabe liphakamisa enye yamadodana eSILO kwaDlamahlahla. Khona lapho kwabuye kwakhona nesiphakamiso kwabanye eNdlunkulu sokuthi akube nebamba.

Kukho konke lokhu elaboHlanga lathola ukuthi ithimba likaMchunu lancoma ukuba uMengameli amukele iSILO esisesihlalweni vele ngokwesiko nangesimemezelo soMntwana waKwaPhindangene egameni leNdlunkulu.

Scroll To Top