Now Reading
EMabhida kuhlangana indulo nedemokhrasi
Dark Light

EMabhida kuhlangana indulo nedemokhrasi

Ukuqokwa kosuku lwanamuhla enyangeni ephezulu ukuba kwenziwe ingqophamlando yomcimbi kaHulumeni wokubungaza iSILO  kudluliselwe nesitifiketi esiwubufakazi bokuthi yiso uqobo iNkosana kaZulu akubanga yiphutha.

Emlandweni kaZulu intwasa kaMfumfu ingemqoka kakhulu. Kukuyo le nyanga mhla zili-18 eminyakeni eyehlukene ngoMfumfu kwedlula iziNgonyama ezimbili, uMpande kaSenzangakhona nomzukulu kaMsimude uDinuzulu kaCetshwayo. Okwanamuhla kwehlukile ngoba uZulu uzobe ebuthene ngaphansi kwesimo esahlukileyo, kubungazwa ukuhlala kweSILO esibusayo eSihlalweni uMisuzulu kaZwelithini.

Okuzokwenziwa eMabhida wukugcagcisa indulo nedemokhrasi njengoba okuzokwenzeka  kwenzeka uZulu esevele esenayo iNkosana njengoba nangokosiko mhla zingama-20 kuNcwaba ISILO sangena eSibayeni eNdlovini nakhona phambi kwezihlwele. UHulumeni wesifundazwe neziphathimandla kuMasipala waseThekwini zinike isiqiniseko iNdlunkulu noZulu wonkana ukuthi konke sekumi ngononina.

Ngasekuqaleni kwesonto izinduna zihambele kule nkundla ziyohlola isimo zabe sezidlulisa umbiko emakhosini ngokwehlukana. Izangoma zezulu ziqagula ukuthi ngoMgqibelo amazinga okushisa eThekwini azoba phansi, nakuba inhlamvu yelanga ingebonakale kwezinye izindawo, kepha liuzoshisela ngaphakathi. Amazinga okushiqa aqagulwa ukuthi angaba phakathi kwe-18 nama-24, ayikho imvula ebikiwe. Okwenzeka eThekwini kusasa wuhlelo lukahulumeni nokulindeleke ukuba luhanjelwe nangababusi nabaholi bamazwe, amanxusa, osomabhizinisi nabashayimthetho. Akukho ukungabaza ukuthi njengoba uNomthebe ezobe ekhona nje  uMkhumbi wempi kaZulu uholwa nguNdnunakulu wesizwe uMtwana wakwaPhindangene nawo uzobe ukhona.  Kanjalo nezinsika zoBukhosi, aMakhosi nawo ayobe ekhona. 

Ngesikhathi uNgqongqoshe kuzwelonke uDkt uMaDlamini Zuma ethula umbiko emuva kokuhambela inkundla ngokujutshwa nguhulumeni esontweni eledlule, baningi abangazange bakuthokozele okubekiwe kokuthi isibalo sabazohambela lomsebenzi sizoba yingxenye yaleso esimumathwa yinkundla. IMabhida imumatha abantu ababalelwa ezi-85 000 kepha kuthiwe kuzovunyelwa abangama-48 000.

 “Inkundla ikwazi ukumumatha abantu abangama-48,000 kodwa ngoba kuzoba nesiteji esizodla enye indawo yezihlalo, lapho kuzohlala khona iSILO nezimenywa zaso, izicukuthwane zakuleli nezangaphandle, indlunkulu nomengameli uzoba khona lapho. Kuzoba khona naBehluleli nabaqhamuka ephalamende nomphakathi jikelele,” kusho uMaDlamini Zuma. Nayizolo ukuhhumuzela bekusekukhulu kukhona abathi nakhu nje amathikithi omdlalo womkhaya waseGoli adayiswe aphela, inkundla izobe ingcwele phama, pho kungani kungabi esifanayo eMabhida. Okunye okubukeka kungahle kuphambanise ukukhuluma wudaba ‘lwezikhali’ zendabuko. Lapha kukhona ukukhuluma okuthi uhulumeni angahle akhiphe igama lokuthi izikhali lezi zingaphathwa. UZulu kulokhu umile ekutheni lezi akuzona izikhali nje kepha ziyingxenye yokuhloba emcimbini onjengalona. Izinduna ziyingxenye yezinhlelo nokukholakala yikuthi kuyogwemeka ukungaboni ngaso linye ngaloludaba , kwazise umsebenzi lona umqoka kawufuneki umsindo.

Abezindaba nabo babeyingxenye

Ephawula kuleli sonto ngamalungiselelo omsebenzi, uMntwana waKwaphindangene nonguNdunankulu kaZulu utuse amaziko abezindaba nathe: “Uzinzo nokungaphakami kwemimoya kungaba yinto ekuqinisekiswa ngayo uma izakhamizi zifinyelela olwazini oludingakalayo. Iqhaza lami njengoNdunankulu woMdabu weSilo sikaZulu kanye neSizwe yikudlulisa izinqumo ezimqoka nalokho okuqhubekayo, ukuqinisekisa ukuthi abantu beNgonyama bahlale bazi ngokusuka nokuhlala mayelana ngokwenzakalayo. Ngiyayincoma indlela enisisize ngayo njengoba ngiqhuba umsebenzi wami wokwenza lokho, ngokuba nisabalalise umyalezo wezitatimende engizethulayo.

See Also

“Ngiyayincoma indlela enenza ngayo lapho nifuna ukucaciselwa ngoba ngeshwa lendlela yokungena eSihlalweni kweSilo ibihlale imazombezombe, kepha lokho akumangalisi. Lokhu yindlela okuhlale kuyiyo lapha eNdlunkulu uma kukhona ozongena esihlalweni sobukhosi, ngakho ngeke sithi yinto ebesingayilindele neze. Kulo lonke uchungechunge lwalolu daba, kusukela kukhotheme iNgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngonyaka owedlule, kangikaze ngibe ngisho nokuncane ukungabaza ukuthi indlalifa yakhe efaneleyo iyakungena khaxa njengolandelayo esihlalweni sobukhosi,” kusho uShenge.

Uphinde watusa uhulumeni: “Egameni leSilo Samabandla iNgonyama yethu kanye neloMndeni waseNdlunkulu, ngifisa ukuzwalisa izwi lokuthokoza eKomidini ebelilungisela ukubekwa kweSilo kanye  neThimba loNgqongqoshe beMinyago eyehlukene. Ngifisa ukuba ngiphinde ngizwakalise izwi lokuthokoza kuMhlonishwa uMengameli weZwe uMhlonishwa uCyril Matamela Ramaphosa yize lungakafiki usuku lomcimbi wangoMgqibelo. Kepha ukuthokoza kwami okukhulu kunakho konke ngikuqondise kuso sonke iSizwe sikaZulu uqobo, ngoba abantu bakithi bakhombise ukuba nesineke esingachazekiyo, ukwesekela iSilo kanye nokuvuthwa ngomqondo njengoba besihamba kulendlela ende  yodaba lokungena  kweSilo esihlalweni sobukhosi.”

“Manje sisibheke ngabomvu isikhathi sokubusa kweSilo, sinokuqonda ukuthi kufanele ukuba iNgonyama yethu izakhele elayo ifagugu ngokwakhela emandleni nasempumelelweni yeZilo ezelamayo. Sifisela iSilo unwele olude nakho konke okuhle kukho konke okusihlalele ngaphambili ohambeni lwaso njengeSilo sethu.”

EMabhida uhlelo luzobe luxuba amasiko, inkolo, imithetho yezwe. Konke lokhu kuyobe kukhangisa isizwe noZulu obubalabala.

Scroll To Top