INingizimu Afrika isayinde izivumelwano zokusebenzisana neSaudia Arabia
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INingizimu Afrika kanye ne-Saudi Arabia basayine IziVumelwano Zokusebenzisana ezili-17 ezizokwenza lula ubudlelwano obuqinile bezomnotho phakathi kwala mazwe womabili. UMengameli uCyril Ramaphosa uthe izivumelwano zisukela kwezamandla avuselelekayo, ezezimayini, ezolimo, ezokuthutha kanye nezokuphepha.
UMengameli waseSaudia Arabia nethimba losomabhizinisi nongqongqoshe emkhankasweni wokutshala imali. Ongqongqoshe bakhona kubalwa uNaledi Pandor wezokuXhumana kwamazwe ngamazwe, u-Ebrahim Patel wezoHwebo, iziMboni neMincintiswano, uGwede Mantashe weMineral Resources and Energy kanjalo noFikile Mbalula wezokuThutha.
UMengameli uRamaphosa ubekhuluma ngemuva kokuvakashela izimboni ezimbalwa eJeddah: “Lezizivumelwano zokusebenzisana engizibiza ngokuthi zivula iminyango, zivula indlela yezinkampani ezinkulu kanye nokuhweba okuphezulu nokutshalwa kwezimali phakathi kweNingizimu Afrika neSaudi Arabia. Sikwazile ukukhumbula ukuthi yisiphi isivumelwano esafinyelela kuso ngowezi-2018 sokuthi kuzoba nokutshala imali okungafika ku-$10 billion,” kusho uRamaphosa.
UMengameli uCyril Ramaphosa utshele osomabhizinisi kanye nabamele uhulumeni waseSaudi ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukwabelana nabo ngamakhono nobungcweti bezimayini. ISaudi Arabia ifuna ukungena ezimayini.
URamaphosa uthi izimayini zinenzuzo efanayo kulawa mazwe womabili. “Sinemithombo yezokumbiwa phansi, kodwa futhi namandla, amandla futhi ngaphezu kwakho konke, ulwazi oluqinile. ISaudi Arabia inentshisekelo yokuthuthukisa izinsiza zayo ezinkulu zezimayini njengoba sesizwile. Sibheke ngabomvu ukuxoxisana kwethu phakathi kwamazwe ethu lapho sizokwazi ukusizana ngokuhlanganyela,” kwengeza uRamaphosa.
Phambilini, uMongameli Ramaphosa wengeze ngokuthi ujabulile ngendlela uMbuso waseSaudi Arabia oqhubeka ngayo nokuvula iminyango ukuze kuthuthukiswe ubudlelwano obuqinile bezomnotho neNingizimu Afrika. Uthi ukutshalwa kwezimali okungabiza u-$5 billion phakathi kwala mazwe womabili kunganyuswa uma izivumelwano zamazwe omabili ezisayinwe eJeddah zifezwa ngokushesha.



