Now Reading
UMphathiswa uthi intsha ayixhumane kwezolimo ifunze imiphakathi
Dark Light

UMphathiswa uthi intsha ayixhumane kwezolimo ifunze imiphakathi

Intsha yaseFree State  inyukela phezulu embonini yezolimo. UMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya esifundazweni uthi ngezinhlelo ezahlukene zokweseka intsha ufuna ukukhiqiza abalimi abasafufusa.

Kulo nyaka abalimi abasebancane abacishe babe ngama-200 babambe iqhaza emiklomelweni Yentsha Kwezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba. Abantu abasha baseFree State basebenza umhlaba futhi benza ezolimo zibe yimfashini. UDieketseng Mahlelehlele, oneminyaka engama-35, ubesebenza epulazini lakhe kusukela ngowezi-2019 futhi unethemba lokuthi ngonyaka ozayo uzobe esesezingeni lokudayisa. Uphuma endaweni yokulima futhi manje usesebenza nemfuyo nezitshalo.

Uthi uhambo lwakhe luthuthuke kakhulu ngokuhambela izifundo ezahlukene zezolimo kwaGrain SA nokuthola uxhaso lwezimali nokuholwa nguHulumeni. UDieketseng uthi, “Kudinga imali eningi ukuze uhlale usungula izinto ezintsha, awukwazi ukwenza into eyodwa ngoba inkomo ngokwesibonelo ikhuleliswa izinyanga eziyisishiyagalolunye bese kudingeka imali ethile ngesikhathi lokho kwenzeka. Ngokufanayo nezimvu, okufanayo ngezitshalo okufanele uzilinde zikhule. Ngakho-ke inselelo yami ukuzama ukuthola izindlela ezintsha zokwenza imali eningi yeholo lepulazi.”

Umlimi oneminyaka engama-30 ubudala uTumelo Pedi waseBloemfontein uthi, “Abalimi abasebancane baneqhaza elibalulekile okufanele balibambe ekukhiqizeni ukudla nokudala amathuba emisebenzi.” Uhambo lwakhe luqale ngokuthi adayise athenge imfuyo, ngaphambi kokuthi abelwe ipulazi ngowezi-2016. Ukusuka lapho uthi waqala ngaphandle koxhaso wahweba ngezinkomo nezimvu. Imakethe kaTumelo iningi layo ngeyemingcwabo kanye nemicimbi yesintu, futhi ukhiqiza futhi adayise uluseni. Uthi waqala ukuthenga amasekeni ngemali abeyenza kanti manje useqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele nababili abayitoho.

Ufakwe ohlwini lwabazohlungwa ohlelweni lweYoung Producers and Entrepreneurs. “Ngangena kukho ngokuthenga nokudayisa izilwane futhi namanje ngisakwenzela imali ngoba awukwazi ukulinda izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuhola. Kufanele uthole indlela yokuthi ekupheleni kwenyanga ukwazi ukukhokhela izisebenzi zakho, ukwazi ukukhokhela udizili wakho, ukhokhele u-Eskom futhi ukwazi ukwenza ibhizinisi lakho liye phambili. Ngakho kubalulekile ukuthi abantu abasha baqale babe nothando kuqala futhi bakhe ubudlelwano,” kuchaza uTumelo.

See Also

UMnyango ukholelwa ekutheni ukuqeqesha intsha kuzovikela ikusasa lezwe. Ifuna ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sihlala sibambe iqhaza elikhulu ekukhiqizeni ukudla. UNgqongqoshe Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya eFree State, uThembeni Nxangisa (osesithombeni), uthi uyaziqhenya ngokuthi baningi abalimi abasebancane abaphumelela. “Inhloso wukukhuthaza nabanye ukuthi nabo benze kangcono futhi baphumelele emsebenzini wabo. “Nokukhuthaza bonke abantu abasha ukuthi bajoyine ezolimo. Ezolimo ziyikusasa elizinzile lentsha yethu, nekusasa elizinzile lezwe lethu. Ngoba ukuphepha kokudla kubalulekile futhi wonke umuntu kufanele adle. Umuntu akasoze enze iphutha uma esezolimo.”

Bobabili uTumelo noDieketseng bazoba abalimi abahwebayo maduze nje. Bavumelana ngokuthi ukuhamba kwemali kubalulekile ekulimeni nokuthi intsha kufanele ibumbane ukwakha inethiwekhi yokuqinisekisa ukusimama.

Scroll To Top