Now Reading
Ezitete amasondo, amaveni aphambili nama-4×4 zidunwa ziweliswa umngcele emini kwa bha
Dark Light

Ezitete amasondo, amaveni aphambili nama-4×4 zidunwa ziweliswa umngcele emini kwa bha

Ngesikhathi eqokwa esikhundleni sikaKhomishana Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele phakathi kwezinto athembisa ukuthi uzolwa nazo ngazindlela zonke kwabe kuwubugebengu bokwebiwa kwezimoto KwaZulu-Natal, eLimpopo naseMpumalanga zishushumbiswe ziweliswe imingcele yamazwe angomakhelwane.

Inkulumo kaCele yabuyisa ithemba kwizakhamuzi zakuleli esezigilwe izigebengu, ikakhulukazi lezo ezihamba ngezimoto ezinkulu ezingama 4×4, ezitete amasondo emhlane namaveni ohlobo oluphambili. 

Izimoto zithathwa emadolobheni amakhulu njengaseThekwini, eRichards Bay nalawo asenyakatho yesifundazwe asondelene nomngcele oxhumanise elakuleli neMozambique njengeKomatipoort, iManguzi, uPhongolo neJozini. Muva nje izigilamkhuba kuthiwa sezizisikela kwelinonile ngohlobo olusha oludunyiswa ngebhathini ngoba zithi kulula kakhulu ukuzeba.

Lokhu zikwenza ngokuthi zithole ikhodi yayo imoto, zikwazi ukuyidumisa ukhiye ungakumnikazi.

Eseqokelwe kwezikaNgqongqoshe Wamaphoyisa uCele waphinda wakuveza ukuthi lobu bugebengu buyakhathaza futhi bunomthelela emnothweni wezwe ikakhulukazi emkhakheni wezokuvakasha.

Kukhona inkombankombane phakathi kwabombutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defense Force (SANDF) namaphoyisa eSAPS ngokuthi ikhonaimpethu yobugebengu nokuthambisa isandla kulezi zinhlaka ukuze zithole intshontsho.

Ngenyanga edlule amasosha akuleli agade umngcele oxhumanisa neMozambique ashaqe izidakamizwa ezinhlobonhlobo zenani le-R9 million kubashushumbisi kwavinjwa nenqwaba yezimoto ezingama 4×4 ebese zilungiselelwa ukuweliswa umngcele zibheke eMozambique.

Ezinye zezimoto zitakulwe sezimaphakathi nomfula iLimpopo. Imingcele edla lubi ngobugebengu ngexhumanisa elakuleli neMozambique, Eswatini neZimbabwe. Emngceleni waseLimpopo neZimbabwe kubanjwe izimoto ezili-15 ngoMandulo.

Ezinyangeni ezintathu ezedlule zingaphezulu kwama-36 izimoto ezibanjwe ziweliswa umngcele. Imindeni eyakhele imingcele ithi impilo yayo isengcupheni ngoba ubugebengu benzeka emini, futhi kungekho ngisho namaphoyisa. Bathi amaphoyisa namasosha aqhamuka emuva kwendaba seziwelisiwe izimoto nenye impahla okwenza babone ukuthi kukhona okushaya amanzi.

See Also

Emuva kokushintshwa kwamaphoyisa emngceleni wase-Eswatini neNgwavuma, izigilamkhuba kuthiwa sezisebenzisa umngcele omusha onqamula kobantu eMbuzini eNkomazi ziwelele eMozambique.

Imizamo yezinhlaka zomphakathi ezisebenzisana namaphoyisa iphelela emoyeni, ngoba okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi lobu ubugebengu obuhleliwe futhi abenzi babo basuke behlomile.

UCele uyavuma ukuthi lempi inzima, kodwa ikhambi lokuyinqoba ukuthi elakuleli lisebenzisane namazwe angomakhelwane.

Uthi njengamanje imithetho yamazwe angomakhelwane yenza kube nzima ukubamba izigilamkhuba uma sezingene emazweni awo. Ethula izibalo zobugebengu wakuveza ukuthi ziningi izimoto ezebiwa kuleli ziweliswe emazweni angomakhelwane.

Scroll To Top