Bakhala ngezinga elibi lemigwaqo abathi igcwele imigodi ezweni
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ISouth Africa National Road Agency (Sanral) ikhala ngesibalo semigodi esemigwaqeni yalapha eNingizimu, uma kuqhathaniswa naseminyakeni edlule.
Ngesikhathi kade kulenqunquthela yesikhombisa yeSouth African Roads Federation (SARF) Regional Conference for Africa, ebiseKapa, kuvele ukuthi iyizigigi ezingama-25 imigodi emigwaqweni yakuleli, uma kuqhathaniswa neyizgidi ezili-15 eminyakeni emihlanu edlule.
Esitatimendeni sangoLwesithathu, iSanral ithe isizathu esikhulu sokwanda okukhulu kwesibalo semigodi ukungalungiswa ngendlela efanele.
Bathe inani liphezulu kakhulu uma kukhulunywa ngokulungiswa lemigodi. Kuthiwa kubiza u-R700 kuya ku-R1 500 ngekhilomitha-skwele, kuye ngokuthi ungakanani. “Ukuntuleka kokulungisa kwandisa izindleko zokulungisa ngoba inani ngeke lize libe lingagcina seliphindeka kaningi,” kusho isitatimende.
OwayenguMengameli weSARF uMutshutshu Nxumalo uthe nakuba imigwaqo yethu ingenye yezinto ezibalulekile.
“ISanral yenza umsebenzi omuhle, kodwa abakwazi ukuwenza bebodwa. Kukhona ukungalingani phakathi kokuqonda okumele kuzuzwe kanye nentando yepolitiki. Abaholi kumele kube khona abakwenzayo ukulekelela abakwaSanral. Ukulima kwemigwaqo kufaka engcupheni abantu njengoba beyisebenzisa imigwaqo nsuku zaphuma,” kusho uNxumalo.
Uthe lokhu kudala ukucekelwa phansi kwemizila yezokuthutha, kuphazamiseke ukuhamba kwezimpahla, kube nomthelela omubi kwezokuvakasha nokuholela ekutheni kufakwe izicelo ezinkulu zeRoad Accident Fund (RAF).
“Imigwaqo yethu ihlala isikhathi eside ngaphandle kokulungiswa, okuholela ezinkingeni ezinkulu. Imigodi yethu, ikakhulukazi, idalwa wukubambezeleka kwempendulo yokuyilungisa kusenesikhathi,” kusho uNxumalo.
USolwazi uPhilip Paige-Green, woMnyango Wezobunjiniyela eNyuvesi yaseTshwane, uthe kuningi okusamele kwenziwe ukuze kulungiswe imigodi.
UPaige-Green uthe ucwaningo lwangonyaka wezi-2010 olwenziwa yiCouncil for Scientific and Industrial Research luchaza kabanzi ngendlela okufanele ithathwe ukubhekana nemigodi.
UPaige-Green usebenziseisibonelo njengokuthi kunemigwaqo osekuphele iminyaka, ingakaze ilungiswe kuze kwenzeke eminye imigodi kungekho okwenzakalayo.