Ayikho ingane ezalwa inobandlululo nokucwasa


Bahlobo bami ngiyabingelela. Ngiyazi ukuthi sekuya ngasekugcineni ngekhalenda lesikole. Kungekudala nje zizoqala izivivinyo bese kuyavalwa. Abanye sebevele baqalile ukubhalisela izikole ngonyaka ozayo ngoba beya emabangeni aphezulu.
Bonke abazobhala ngibafisela ukubhala okuhle, khumbula ukuphumula . Uma nje sekusondele sizokunika amaqhinga okuzilungiselela.
Khumbula ngalesi sikhathi kuhle ukuzigcina uphephile kakhulu labo abahamba imicimbi yokuvalelisana kwababefunda umatikuletsheni (matric dance)
Namuhla ngifisa bangani bami sikhulume ngamagama nesenzo esingesihle. Ngifisa sikhulume ngegama ubandlululo nalelo lokucwasa. Lamagama ayahambisana futhi anomphumelo ofanayo.
Uma nje ubuza abadala ngalamagama uzobona noma uzwe imizwa eyahlukene njengoba umlando wamagama lawa uletha usizi, umunyu nokudinwa.
Lama gama womabili kubazali bethu nomkhulu nogogo ayesho ukungabibantu ezweni loyisemkhulu. Okubuhlungu ngesenzo sobandlululo nokucwasa wukuthi sihlukumeza izingane kakhulu. Lokhu kwenzeka kuzo zombili izinhlangothi zabacindezeli nalabo abacwasayo kanye nakubagilwa abacwasayo.
Isibobnelo nje lapha esithombeni esingenhla, ugogo lapha usiza umndeni wabelungu ngokubakhulisela ingane yabo. Lo msebenzi wawenziwa kuzo zonke izindlu nemizi yabelungu lapho aboHlanga babeba ngabasizi basezindlini.
Nokho yize kunjalo abadala lapha ezindlini zabelungu nabo abangabagilwa njengoba bagila ezabo izingane bazikhulise nolwazi oluyimfudisoze lokuthi zingcono kunezingane zaboHlanga.
Lena kwakungabi nje yimfudisoze kepha yabe yenziwa ivikelwe yimithetho yobandlululo lapho kwakukhona izindawo lapho kuhlala noma kungena khona aboHlanga nalapho kungena noma kuhlala abelungu kuphela.
Le mbewu yobandlulo nokucwasa ngeshwa iyatshalwa bese ikhula nengane leyo, nayo ithi uma isikhulile bese yenza okufanayo ezinganeni zayo. Ukucwasa njengobandlulo kuyinto eyehlisa isithunzi saloyo osuke ecwaswa.
Muva nje ukucwaswa obekubikwa yilokho kwezingane ezikhuluphele ngomzimba nebezizithola ziyinhlekisa. Okunye ukucwasa kuyaba khona lapho izinkolo zabantu abathile zibukelwa phansi. Kukhona nokucwaswa ngabantu ngenxa yezinwele, ubulili, nokubukeka kwabo.
Umbuzo uthi ngabe umuntu (ingane) uyazalwa yini ecwasa noma enobandlululo? Impendulo ithi cha. Uma ingane izalwa kayazi mehluko kubantu. Kepha indaba iqala uma isifundiswa ngabadala ukuthi lokhu ekubonayo kuyini nokuthi kambe kubizwa ngani.
Uma sivumelana ngalokhu, kungakuhke uma abazali nabadala emakhaya bengaqaphela ukuthi indlela noma mfundisoni enikezwa izingane kusuka ekubizeni izinto ngamagama nasekuchazeni imilando ethize.
Kukubazali ukuqikelela ukuthi ingane ifakani emqondweni wayo ngoba umqondo wengane wamukela lokho okuphakwa kuwo ngabazali nomphakathi jikelele.
Wena ofunda ElaboHlanga noziqhenyayo ngemvelaphi yakho kumele ube yingane engacwasi, engazondii nengabandlululi. Uma uzwa noma uhlala nabenza lokhu bika kwabadala noma kuthisha noma ubafundise ngobubi bokucwasa. Khumbulani sonke siyefana phambi kwamehlo kaNkulunkulu.
Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com