Now Reading
URonaldo useyibekile induku ebandla noma usengathi khumu
Dark Light

URonaldo useyibekile induku ebandla noma usengathi khumu

Ngeledlule nginengxoxo ekhethekile noMoruti “Babyface” Mthalane, ubalule ukuthi “kuhle ushiye entweni abantu besakuthanda, ungayeki ngoba iminyaka ingasakuvumi imvamisa uma wenze njalo uyeka usuyiqaqa kubantu yize kade bekuthanda. Ingakho ngihlale iminyaka ngingawuthathi umhlalaphansi ingoba, bengifuna ukuthi bese ngikwenza ngingazisoli.

Ngihambele amazwe, nganqoba ngahlulwa kwezinye izimpi, ngikholwa ukuthi akukho engingakwenzanga kulo mdlalo”. La mazwi angenze ngakhumbula isisho esith “Okungapheli kuyahlola”. Angiqondile khona ukunkanta, kodwa umbono wami uqondile nje ukuthi uCristiano Ronaldo dos Santos Averio ngibona isikhathi sakhe sesishayile manje. Ngiyazi ukuthi kubalandeli bakhe lokhu akuyona into engena kahle, kodwa iqiniso limi njengoba linjalo.

URonaldo owazalelwa eFunchal, eMadeira ngikholwa ukuthi akukho angakwenzanga kunobhutshuzwayo. Uma eqhubeka nokudlala uzogcine eseyiqaqa kubantu abaningi, ekubeni ezakhele igama. Kuyimanje kuyavela ukuthi impela indaba yakhe khona abangasayizwa, akasafaniswa njengomdlali ohlukile kunabanye “Omkhulu”, kwi-Man United usehlaliswa ngaphandle uze uphele umdlalo kungabi zindaba zalutho.  Ngiyakuqonda ukuthi uzibheke ukuba adlale iNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar emasontweni azayo, kodwa emva kwayo bekumele amemezele ukuthi usewabeka ethala amakhokho. Iminyaka ihambile manje njengoba enengama-37 sekunzima ukuthi enze izinto eziningi. 

Uma ukhuluma ngoCR7 ukhuluma ngomdlali owaqala ukugqama kwi-Sporting CP yasePortugal, iMan United, iReal Madrid yaseSpain neJuventus yase-Italy. Unqobe i-English Premier League (EPL) kathathu, i-Uefa Champions League neFifa Club World Cup ekwiMan United. KwiReal Madrid khona wawina iLa Liga kabili, i-Uefa Champions League kane, iFifa Club World Cup kathathu. Kwi-Juventus unqobe iSeria A kabili. Ngikhuluma nje ngeledlule, ushaye igoli ebelisho ukuthi useshaye amagoli angama-700 emaqenjini. Nezwe lakhe ngowezi-2016 wanqoba i-Uefa European Championship, kwathi ngowezi-2019 wanqoba i-Uefa Nations League. Useke wanqoba umklomelo weFifa Ballon d’Or kahlanu ngonyaka wezi-2008, 2013, 2014, 2016 nangowezi-2017. Useke waqokwa iFifa njengeWorld Player of the Year ngowezi-2008.

See Also

Ezinyangeni ezedlule intokazi yaseMelika uSerena Williams washiya phansi kumdlalo womphebezo, kodwa inhliziyo yakhe yabe ingafuni ukushiya. Nakweze-Formula One (F1), uLewis Hamilton akusavumi khona sekumele manje ashiye phansi adedele izingane eziza emva kwakhe. Ngiyakuqonda ukuthi uRonaldo kunzima ukuthatha lesi sinqumo njengoba imbangi yakhe enguLionel Messi isaqhubeka nokudlala. Kodwa uMessi usengakwazi ukudlala amasizini cishe amabili. 

Scroll To Top