Umgadli weRichards Bay uthi ngeke bayizwele iTeam of Choice



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umgadli weRichards Bay FC uSomali Ntshundwana unesifiso sokuqhubeka nokwenza kahle uma bedlala imidlalo yomkhaya.
Ngesikhathi iRichards Bay FC idlala umdlalo wokuqala kuDStv Premiership neLamontville Golden Arrows, waba nomdlalo omuhle nokwamuholela ekutheni ashaye negoli lokuqala laleli qembu lisuka kuMotsepe Foundation Championship. Uphinde wadlala kahle bebhekene neRoyal AM, benqoba ngegoli elilodwa eqandeni waqokwa njengomdlali wosuku.
Ngesonto eledlule bebhekene naMaZulu FC, abawaguqise ngegoli elilodwa eqandeni nakhona uqokwe njengomdlali wosuku.Kusasa iRichards Bay FC kaSfiso “Jomo” Biyela izotholana phezulu neMaritzburg United ligamenxe elesi-3 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. “Kuhlezi kuliphupho lami ukuthi uma ngidlala umdlalo womkhaya, ngiphuma iqembu lethu kuyilo elijabule. Angiyithathi kancane iMaritzburg United kodwa nakuyona sifuna ukuphuma enkundleni kuyithi esiphethe amaphuzu amathathu. Ukuthola amaphuzu agcwele kusasa, kuzosisiza kakhulu ngoba kuzosho ukuthi sesinamaphuzu angaphezulu kwangama-20” kusho uNtsundwana.
INatal Rich Boys emva kwemidlalo eli-10 inamaphuzu ali-18, ihlezi endaweni yesibili kulogi. ITeam of Choice yona ibambe ibhuleki emsileni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Ngesikhathi kuqala isizini uBiyela, wathi ufuna ukuba ezakhe zikwazi ukuthi zizibekele indawo ukuze nangesizini ezayo zigijime kule ligi. Kodwa indlela iNatal Rich Boys edlala ngayo abaningi sebeyithiphe ekutheni ingaqeda ibalwa namaqembu ayi-8 aphezulu. Ngeledlule ithole indondo yeTeam of the Year kumaKZN Sports Awards.
Ebuzwa uNtshundwana ukuthi yini ebasizayo ukuthi benze kahle uthe: “Akukho engathi kuwumlingo, kuphela nje eqenjini lethu sibambisene ngendlela eyisimanga kusukela kubaqeqeshi kuya kubadlali. Okunye ukuthi akekho umdlali omkhulu kunomunye sonke siyalingana. Uthe kule midlalo eli-10 asayidlalile okuningi akakakufezi kwabekufisa kuqala isizini okuwukuvalela phakathi amagoli, kodwa kule midlalo engama-20 esele unethemba lokuthi uzokwenza kangcono.
Emdlalweni eyi-9 ayidlalile unegoli elilodwa.
Imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto ithakwe kanje:
Namuhla:
I-Orlando Pirates na-AmaZulu FC e-Orlando Stadium ngele-19:30
ILamontville Golden Arrows neStellenbosch ePrincess Magogo Stadium ngele-19:30
Kusasa:
IRichards Bay FC neMaritburg United eKing Zwelithini Stadium ngele-15:30
IKaizer Chiefs neChippa United eMoses Mabhida Stadium ngele-17:30