Kuningi okungamalumbo okwabhalwa kwahlanekezelwa ngaboHlanga


Nginethemba ngeqhaza elingabanjwa ngofunde ngokuthe thuthu, nongafundanga kakhulu, ekubhaleni nasekufundeni ulimi lwethunga, lwasexhibeni ukuze sibhale, silungise lapha nalaphaya okushayisanayo, okwabhalwa ngabase-Europe ngathi. Asikwenze ngokuvuma ukuthi sasinemimoya, sisenemimoya yase-Afrika, yoMdali nabadala ekusilekeleleni kulo mshikashika. Kungaqalwa ngokufunda zona izincwadi, ezaqale zabhalwa ngabamhlophe.
Zifundisiswe kuphindelelwa, ngeminyaka, ngabantu, ngezindawo nokwehlukene abakubhalile, sibeke amaphuzu phansi. Bese siyaqhathanisa ngokwenzeka manje. Abamhlophe bathi, amaKhoisan bawafica e-Afrika, eNingizimu Afrika. Baphinde abanye abamhlophe babhale ukuthi balamela amaKhoisan okokuqala eKapa (eNtshonalanga Kapa). Baphinde nabanye babhale bathi, mhlawumbe kwakungenzeka ukuthi ayesekhona. Ilapho ekufanele sicakulisise kabanzi. Abamhlophe basibhalela ukuthi imfundo ngokwase-Europe yaqala eKapa, eNingizimu Afrika ngowe-1657, yasabalaliswa eNingizimu Afrika yonke. Ilapho singaboHlanga, amaNdiya nezinye izinhlanga safunda okwehlukene okwase kuqalwe ukubhalwa ngabamhlophe kulezo zikole ezehlukene zabezimishini nezikahulumeni sakufunda ngokwemimoya yase-Europe.
Bukani ngoba njengamanje, kunemilando yezinto ezehlukene nezenzekayo, abasazigodlayo, abangazibhali ngokwengqikithi efanele, ngokuyikhona, ngokwamagama okuyiwona afanele. Bamane baphendukezele bese kube kubanini balokho ukuthi bayabona yini amaphutha noma amabomu.
SingaboHlanga asifuni ukubukisisa kahle, silibala ukuthenana amandla ngenxa yokwesaba abelumbi base-Europe. Asisabe sisacabangisisa ukuthi, kwakungabamhlophe base-Europe abaqala ukubhala yonke into,singakayifundi ezikoleni imfundo yabo ngokwase-Europe. Sabe sesiqhubeka nokufundela ukuphasa. Kuthi sesiphasile, singabe sisazama ukuhlakula lapha nalaphaya singaboHlanga base-Afrika nabakwamanye amazwe.
Kunomlando engiwuthatha njengephutha ukuthi kunaboHlanga abagqilaza abanye boHlanga,owabhalwa ngabamhlophe kuqala ngathi. Basakwenza ngisho nakule nkathi yamanje ngoba bebona ukuthi abanakile aboHlanga ngoba nabo abamhlophe babagqilaza abamhlophe bakubo.
Sinqakisana ngamagama, sibangana nemisindo, siphikisana ngokuthi kwakungobani abantu bokuqala eNingizimu Afrika. Okanye kwakungokhokho bobani ababesezweni. Singosiyazi, singongqeqe abayifunda incwadi ivaliwe (singokleva), engabe sivula ingqondo nokucabanga kwethu ekutheni ngabamhlophe abaqala kuqala ukubhala eNingizimu Afrika. Okungenzeka ukuthi maningi amalumbo abamhlophe abawabhala, esinovalo entanyeni njengexoxo ukukulungisa singaboHlanga.
Kuya kancane kuhlaluka ukuthi abamhlophe babengabhali iqiniso ngomlando waboHlanga. Basungula izikole,sonke safunda kuzona, konke okwasekuqaliwe kwabhalwa phansi okokuqala ngabamhlophe base-Europe, base-United States of America nakwamanye amazwe.
Sacakulelwa nguMnu uFrederik Willem de Klerk, owayenguMengameli wokugcina kuhulumeni wobandlululo lwamaBhunu, mhla ziyishumi nesishigalalonye kuNhlaba we-1994, esichazela ebhukwini lomlandongqo, obhalwe nguye ngqo elithi: F.W. De Klerk, The Autobiography, The Last Trek- A New Beginning, langowe-1998.
Esahlukweni sokuqala, iRoots,ekhasini lesithathu, kafushane uDe Klerk usivezela ukuthi amaKhoisan,ayengabokuqala ukuhlala eKapa, aficwa ngokhokho bakhe, amaKhoisan ayekuzonda ukufika kwabamhlophe ababevela olwandle. Uyabona ukuthi uDe Klerk nabanye ababhali babeka ngokusobala ukuthi bawafica eKapa amaKhoisan. Waphinda uDe Klerk, wasicakulela ngomlando wakubo ehambe nomkakhe uMarike, aya kowucobelela eNetherlands ngowe-1995. Wasibalulela ngokuthi okhokho bakhe babengama-Dutch, kwakunguPieter noSara De Clecqs, ababezala u-Abraham owafika eKapa. Abamhlophe ababefika ngokusebenzela inkampani iDutch East Indian Company. Wabalula ukuthi kwamemeza ngesiDutch uWilheim Adriaan van Der Stel owayengumbusi eKapa (eNtshonalanga Kapa) wathi ” Ik ben een Afrikaander” okuwukuthi I am an Africa. Kwasukela lapho umphakathi wamaDutch wabanomuzwa ngokuthi ingabade yabo ise-Europe kanti inhliziyo yabo ise-Afrika.Amabhunu asenefagugu lokuqala okungubu-Afrika. Elinye ifagugu lamaBhunu asazigqaja ngalo, kwaba wulimi lwesiBhunu, asiqamba esezinze eNingizimu Afrika.
Safunda umlando ezikoleni ngokuzigqaja kwamaBhunu nokuvikela ulimi lwayo. AmaBhunu ayephikisana nokufunzwa ulimi lwesiNgisi yize ayesenolwawo ulimi, abase belusungulile sebe seNingizimu Afrika. Kwaholela ofudukweni olukhulu lwamaBhunu, okwakuthiwa iGreat Trek ,ngoba ayengahambisani nokucindezelwa kolimi lwawo ngamaNgisi ayephethe eKapa ngokobukoloni. Uyabalula uFW de Klerk ukuthi babekhona okhokho bakhe kulolo fuduko olukhulu omunye kwakungu Lorens de Klerk.
Sasizokhuluma luphi ulimi, ukube uMnu uMarkus Jooste owasebenza kwaSteinhof wayigwamanda ngowezi-2017, wayeyiNdiya lakwaGupta elaqhwaga, lagwamanda umnotho waseNingizimu Afrika abathi iState Capture. Siyazi ngabelumbi abaqhwaga, bagwamanda umbuso waseNingizimu Afrika, kusaphethe iziNgonyama zaboHlanga ngobuhlakani, esingenabo thina.
Kwasukela eziNgonyameni zaboHlanga ezingalwanga nabelumbi nezinye ezalwa nabelumbi, nezakhothama zingakalwi.